Now Reading
Ubuyise ithemba kwezomnotho e-Angola
Dark Light

Ubuyise ithemba kwezomnotho e-Angola

Usaqhubeka nokukhuculula bonke abasolwa ngenkohlakalo nokukhwabanisa kuHulumeni

 

KUBONAKALA kubuya isikhathi sakudala e-Angola ngesikhathi ithola inkululeko ezweni iPortugal kukhethwa uMengameli wokuqala ngaphansi kombuso wenkululeko u-Agostinho Neto  weqembu iPeople’s Movement for the Liberation of Angola (MPLA).

Kuningi ukungabaza obekukhona kubantu base-Angola ngesikhathi uMengameli ophathe lelizwe iminyaka eminingi uJose Eduardo dos Santos ememezela ukuthi angeke esaqhubeka nokungenela isikhundla sikaMengameli.

UDos Santos wabeka izizathu zempilo yakhe engeyinhle kodwa abazaziyo bathi iqembu lakhe iMPLA kwaba yilo elamfaka ingcindezi ukuba ahoshe imfe. Ukungena kukaMengameli omusha uMnu uJoao Lourenco ngasekupheleni konyaka odlule kukhona ababekubona njengesibusiso emuva kweminyaka eminingi yokuphatha kukaDos Santos.

Abanye balibeka ngembaba elokuthi kunzima ukuba uLourenco abuse ngokukhululeka ngoba uDos Santos ubesefake abantu abaningi bomndeni wakhe ezikhundleni ezibalulekile njengendodakazi yakhe u-Isabel dos Santos kanjalo nomfowabo.

Angeke agxekwa ngakho konke uDos Santos ngoba ngaphansi kobuholi bakhe ethatha izintambo ngowe-1979, wavumela namanye amaqembu ezepolitiki, noma ekugcineni kume izwi lakhe.

Ngokuhamba kwesikhathi esezinzile esihlalweni izinto zashintsha, waqinisa wagcina wagcina eseyiqaqa ngisho naseqenjini lakhe iMPLA. Ukungena kwabaholi abasha e-Angola nofana nokwembuleka kwekhasi elisha. Abantu base-Angola babonakala benethemba kuMengameli uJoão Lourenço, abamteketisa ngelika “JLo”.

Phambilini obekwenza abantu base-Angola babe nokumngabaza uJLo ukuthi bebebona uDos Santos esazoqhubeka nokubamba iqhaza ezinhlelweni zikaHulumeni. Okwaqinisekisa lokhu kwaba ukunyusela ezikhundleni amaphoyisa sekusele isikhathi esincane ukuba ashiye kuHulumeni.

Ngesikhathi seziya okhethweni iqembu elibusayo iMPLA lakhombisa ukwehlelwa ukwesekwa, okungangokuba neqembu eliphikisayo lasabisa ngokuthi lizothatha izinyathelo zomthetho ngoba likholwa ukuthi kukhona lapho lenze kahle khona kodwa amavoti angabalwa ngendlela. Kwabonakala ukuthi baningi abavoti ababeseka uDos Santos kuneqembu lakhe, kodwa iMPLA yama ekutheni sekufike isikhathi sokuba ayidede indawo.

Abaholi abaningi bangaphambilini abangena ngesikhathi esisodwa naye ezikhundleni sebaphuma njengo Daniel Arab Moi waseKenya, owakhishwa ngevoti iqembu eliphikisayo.

EZimbabwe kuze kwasiza ukungenelela kwamasosha ukuze kukhishwe uMnu uRobert Mugabe.  OwayenguMengameli waseBurkino Faso uBlaise Compaore wangena ezintanjeni ngowe-1987 waze waphuma ngowezi-2014.  Abaholi abasabambelele ezikhundleni ngowase-Uganda uYoweri Museveni, uMnu uPaul Biya waseCameroon abangayizwa eyokushiya.

UMengameli uLourenco uselibuyisile ithemba kubantu base-Angola ngokukhuculula kuHulumeni. Labo akholwa ukuthi bebemdibi munye noDos Santos ubakhombe indlela engena nje. Uxoshe indodana kaDos Santos esikhundleni sokuba iNhloko yomnotho wamazwe asebenzisana ne-Angola uJosé Filomeno dos Santos.

See Also

Le ndodana yayisolwa ngokuzenzela emalini ebingena kulo mnyango ivunwa nawuyise. Kuxoshwa indodana nje bese eqale ngokukhomba indlela indodakazi esikhundleni sokuba inhloko yenkampani enkulukazi kawoyela e-Angola.

Izingane eziningi zikaDos Santos bezisebenzisana noHulumeni ngesikhathi uyise esenguMengameli e-Angola. UMengameli omusha akagcinanga nje ngokugadla emndenini kazakwabo ubuye wachitha nabaphathiu bezinkampani ezi-9 zikaHulumeni okuhlanganisa ibhange lombuso, izinkampani zamadayimane nemithombo yabezindaba.

Bonke abaxoshwa babeqashwe uDos Santos obesebenzisa kakhulu ubuhlobo nokwazana uma eqasha. Kuningi okwenziwe uMengameli omusha ukwenza isiqiniseko sokuthi abantu bayalingana ezweni futhi labo ababengabhekelelwa ngesikhathi sikaDos Santos, kulokhu abashiywa ngaphandle.

Uthathe isinqumo sokunika ushwele abantu base-Angola abacebile ukuze badlulisele ingxenye yomcebo wabo kwabantulayo ngezindlela ezehlukene. Usabise ngokuthathela izinyathelo zomthetho labo abangahambisani nalokhu.

Oyisikhulu kwezenhlalakahle e-Angola uPaulo Ingles  uthi akakholwa ukuthi zonke izinqumo ezithathwe uMengameli omusha seziyasebenza.  Uthi isikhwama somnotho samazwe asebenzisana ne-Angola namanje sisaphethwe indodana kaDos Santos eyaxoshwa. Uthi kusenamabhizinisi amaningi asasebenzisana noHulumeni aholwa izinhlobo nabangani bakaDos Santos  naphezu kokuba uLourenco amemezela izinguquko. Uphonsela inselelo uMengameli ukuba asungule uphenyo. Ngakolunye uhlangothi uthi angeke kwenzeke yini ukuthi uLourenco ukhipha ezikhundleni abantu bakaDos Santos ukuze lezo zikhala ezibalulekile azivale ngabantu bakhe. Umhlaziyi wezepolitiki uJon Schubert uthi uMengameli omusha udinga ukunikwa isikhathi ngoba mkhulu umonakalo obese wenzekile. Uthi asekwenzile kumbeka ezingeni elikahle eqenjini lakhe futhi nabatshalizimali bambona njengomuntu ozobuyisa isithunzi se-Angola.

Scroll To Top