Now Reading
Imfundo yamahhala ihlangane nembibizane
Dark Light

Imfundo yamahhala ihlangane nembibizane

Kubonakala kusekude phambili emuva kwesimemezelo semfundobhamama ezikhungweni zemfundo ephakeme

 

NGESIKHATHI lapho kufanele ngabe kujatshulelwa khona imfundo yamahhala, kubonakala izehlakalo zakamuva ziveza ukuthi kwenzeka okuphambene njengoba abafundi beduve ngaphandle kwezikhungo zemfundo ephakeme betelekile. Iziteleka zidla lubi muva nje, njengoba kugqame ukusha kwezikhungo ubuhanguhangu, ukucekela phansi impahla  nokunye okuphambene.

Kubukeka ihlangabezana nembibizane imfundo yamahhala kuleli njengoba namanje kusanezikhungo ezisabhekene nezingqinamba zokuqala ukufunda nokufundisa.  Phambilini kuke kwavela ukuthi ezinye izikhungo sezababhalisa abafundi ukuze baqhube izifundo zabo mahhala kulonyaka wezi-2018. Kwezinye namanje ufica ujenge lwemigqa abafundi bebhalisela ukufunda.

OwayenguMengameli wezwe uMnu uZuma wamemezele ukuthi bazofunda mahhala abadla imbuya ngothi kanye nalabo ababuya emakhaya angamile kahle ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lokhu wakusho mhla ziyisi-9 kuZibandlela ngonyaka owedlule. Wathi lokhu kwenzelwe abafundi ababhalise emakolishi eTvet kanye nabafundi basemaNyuvesi abangabakuleli.

Lapha kubalwa labo abasemindenini ethola imiholo engafiki ku-R350 000 kusukela ngo-2018.

Ezinye zezigameko abafundi befuna izimfuno zabo

Ngokohlahlomali uHulumeni ubeke imali eyizigidigidi ezingama-R57 ukubhekana ngqo nokulekelela abafundi ukuthi uhlelo lwemfundo yamahhala lwenzeke ezikhungweni zemfundo ephakeme nasemakholishi amakhono.

Babalelwa kusigidi esisodwa nesigamu abafundi abazohlomula kulolu hlelo kulonyaka. Kuyinto eyashiwo yilowo obenguNgqongqoshe Wezezimali uMnu uGigaba ngenkathi ethula inkulumo yesabelomali kwathi noMengameli uRamaphosa wazibophezela ekutheni lolu hlelo lwemfundo yamahhala luzokwenzeka. URamaphosa wagcizelela nokuthi lolu hlelo luzobhekelela labo bafundi abasaqala ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi abanabazali abangaholi imali engaphezu kuka-R350 000 sekuhlanganiswe yonke imali engenayo emndenini ngonyaka.

Uhlelo lomfundaze wabafundi iNSFAS nayo ithole ukwenyuselwa isabelo ngamaphesenti angama-51,6% yasuka kuleso sabelo sangokudlule esasiyizigidigidi ezi-R10, 1 sanyuselwa kwezingama-R35,3 wonyaka wezi-2020/21.  Le mali izosetshenziselwa hhayi ukufunda nje kuphela kodwa nokugibela, izincwadi zokufunda kanye nendawo yokuhlala kulabo abayidingayo. UGigaba wakuveza nokuthi lolu hlelo luzoba nezithelo ezinhle ezizonyusa isibalo sabafundi abaqalayo imfundo ephakeme njengoba isibalo kade sikuma-230 469 kowezi 2016/17 kanti kulo nyaka wezi-2017/18 sihlawumbiselwa ukuthi sikhuphukele esi-1 123 212.

ENyuvesi yaseJohannesburg bayizi-8 309 asebebhalisele uxhaso lukaNSFAS kwabayizi-3000 kubo sekuphothuliwe ngawo. Kanti eNorth West University khona bayizi-3 282 asebefakile izicelo zabo zaphumelela. Okhulumela iNyuvesi yaKwaZulu Natal uNks uNormah Zondo uthe kumanje bayizi-4 701 kulo nyaka abafundi abafake izicelo zokuxhaswa ngomfundaze weNSFAS bayithola.

Nokho kuphazamiseke ukufunda kwezinye zezikhungo zemfundo ephakeme njengoba emasontweni amabili kwenzeke eNyuvesi yaseZululand kwaDlangezwa njengoba namanje kungakafundwa.

Akufundwa nje eNyuvesi yaseZululand yingenxa yomdonsiswano phakathi kwezikhulu zeNyuvesi kanye nobuholi obuphethe abafundi. Abafundi bathunyelelwe imiyalezo yokuthi kuyamiswa ukufunda kulesi sikhungo bazokwaziswa uma isimo sesixazululekile. Okubi ukuthi abanye babafundi basezitokisini kulandela ukuboshwa ngosuku lwesiteleka njengoba kwase sekunodlame.

OnguMxhumanisi esigungwini esiphethe abafundi eNyuvesi yaseZululand uMusawenkosi Gina, uthe kubaphethe kabi ukuthi kube khona abafundi ababoshiwe kulesi sikhungo abangenacala ngoba abanye babo babezihambela eduze komgwaqo kwama iveni yamaphoyisi bafakwa phakathi kumanje basezitokisini. “Kubafundi abangama-32 ababeboshiwe sekusele abayi-19 ngaphakathi e okusamele beyobingelela imantshi.

See Also

Abanye babo abanacala babezihambela beyozithengela ezitolo eziseduze nesikhungo baboshwa. Abanye babeyolalela uSekela Mengameli wesigungu sabafundi owayekhuluma nabafundi babe sebeboshwa kanjalo. Kumanje sigungu kanye nabafundi asivumelekile ukungena emagcekeni esikole. Asazi ukuthi uma abaphathi besikhungo bazozithatha kanjani izinqumo uma thina esiphethe ebafundi singabi yingxenye yemihlangano ezothinta izimpilo zabafundi abasikhethayo ukuthi sibamele,” kuchaza uGina.

Uqhube wathi kubaphethe kabi ukuthi akuvezwa kunekelwe izwe lonke ukuthi isiteleka sidalwe yini nokuthi yiziphi izikhalo abakhala ngazo njengabafundi.

“Besikhala ngokwalulelwa isikhathi sokubhalisela ukufunda, kube yimihlomulo yokusiza abafundi, imali yokuthenga izincwadi ongeke ukwazi ukuqala ukufunda ungenazo, nokunye. Udaba lwemfundo yamahhala lukhona nala esikhungweni njengoba kuzohlomula abaqalayo ukufunda nabaqhubekayo. Abekho ngaphansi kwezi-17 000 abazohlomula kulolu hlelo,” kucacisa uGina.

Umfundi waseDUT uYamkela Zimasa

NaseDurban University of Technology (DUT) yiso leso kunabafundi abasezibhedlela abalimala ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabafundi owaholela ekutheni bafuthwe ngesisi esikhalisa unyembezi. Umfundi uNks uYamkela Zimasa ongumxhumanisi esigungwini esiphethe abafundi kulesi sikhungo uselale amasonto amabili esibhedlela ngemuva kokulimala esitelekeni sabafundi. Uqale waxilongelwa eSt Augustine njengamanje usedluliselwe eMedical Towers eSiphingo, ngenxa yokugula kwakhe.

“Sengihlale lana isikhathi eside kodwa akukaze kufike nomuntu oyedwa kubaphathi besikhungo bezongibona ukuthi kwenzakalani ngami. Ngizwile kuthiwa bathi basazokwenza uphenyo mayelana nokulimala kwami bese benza okufanelekile kodwa namanje akaze bezihluphe ngokufika lana,” kuchaza uZimasa.

  • buthelezic@ingabadimedia.com
Scroll To Top