Akathintwa umZulu eqamba amagama olimi lwakhe



UDkt uMbatha ungungoti wolimi umbhali weSichazamazwi sesiZulu.
LIYABABAZEKA ikhono lamaZulu ekuqambeni nasekuguquleni amagama esiNgisi nesiBhunu awaguqulele esiZulwini. Athi uma ewaguqula la magama amaZulu uthole sekulukhuni ukusho ukuthi umthetho wawo awayona imisinsi yokuzimilela olimini lwesiZulu. Uke uthole ukuthi uthi uma uchazela umuntu ongalazi igama ukuthi lisuselwa kuluphi ulimi avele ankeme ababaze ubunyoninco balaba bantu. Angiboni ukuthi kusazwakala kuyinto eyiqiniso ukuthi igama elithi ezakwaDalawane lisuselwa egameni lensizwa yeNgisi okwabe kunguDonovan. UDalawane ugcina eseyisiZulu okungaselula nakancane ukuthi umsondeze egameni lesiNgisi.
Ngikhule sihlala emishini yebandla lamaLuthela. Ngenkathi sikhula sasike sizwe abantu abadala bekhuluma ngento abayibiza ngokuthi itimiti. Kwakuthi uma sizwa umama ekhuluma ngetimiti sithi jabula mphimbo uzogwinya kamnandi. Leli gama lalisho umcimbi kodwa hhayi umcimbi omkhulu njengomsebenzi wenkomo. Kwakusuke kuwumcimbi wembuzi lona obizwa ngetimiti. Ngikhule ngazi ukuthi umcimbi ongemkhulu ubizwa ngetimiti ngingayiqondi imvelaphi yaleli gama. Kuthe umuntu esemdala kwayima kuqwebuka umqondo ngithola ukuthi umthetho waleli gama lisuselwa emagameni esiNgisi athi tea meeting.
Ngithe-ke uma sengiyitholile imvelaphi yaleli gama ngabe sengibuzisisa ukuthi kwabe kuyini imbangela yokuthi abantu abadala baligweme igama elithi umsebenzi bathande ukusebenzisa leli elingumfakela elithi itimiti. Kwagcina kuhlalukile ukuthi leli letimiti lalisetshenziselwa ukufihla ukuthi kunomsebenzi kulowo muzi. Iziphathimandla zemishini zangaleso sikhathi zazingayinambithisisi indaba yokuhlatshwa kwezimbuzi emakholweni. Kusobala ukuthi yayifaniswa nobuhedeni indaba yemisebenzi yezimbuzi. Yilesi simo esaholela ekutheni kugcine sekusetshenziswa igama elithi itimiti. Leli gama lakhiwa ukuze lisondelane kakhulu namagama esiNgisi athi, tea meeting.
Ukufihlwa kwendaba yomsebenzi wesiZulu kwabe kuvikelwa ngakho umnikazi womsebenzi. Kusobala ukuthi wabe ezowuthunda awuphuze umnikazi womsebenzi uma kuzwakala eziqongeni zebandla ukuthi wenze umsebenzi wesiZulu. Ukuba wabe esekhona uNdebenkulu kulesiya simo ngezinye zezimo ayezokusho kuzo ukuthi kusekude phambili. Kwakusenzima ngaleyo minyaka engakabi bikho amalungelo. Igama elithi amaguduveyisi yigama lesiZulu elinemisindo ethanda ukuthi ukuqina. Leli gama lithandwa kakhulu ngapha eBaqulusini ikakhulukazi ezindaweni ezakhelene neNewcastle. Liyigama elingavamile ukutholakala kwezinye izindawo ngaphandle kwakhona ngapha koNewcastle.
Isiyaze yatholakala imvelaphi yaleli gama kulabo abayaziyo. Kuthiwa ayethi uma esebugonxile amaQadasi kade ehlezi ebudlonya, bese exabana ekhombisana amankomane. Ukufingqa isibhakela ukhombise umuntu enixabene naye usuke usho ukuthi uzofinya igazi. Zazithi uma sezifingqelane izibhakela izimambana uzizwe sezithi: Ek sal jou goed wys.
Uma zikhuluma kanjena zazisuke zisho khona ukuthi ngizokufundisa iTheku. Zathula-ke ezakithi zabe sezivele sezigxila emagameni amabili kuyo yonke le nkulumo. La magama yilawa athi: goed wys. Zabe seziwaguqula-ke lezi zakithi seziwaguqulela esiZulwini kwabe sekuphuma amaguduveyisi. Bukhulu ubunyoninco obusebenze nakulo leli gama.
Igama elithi inebetholi nalo sekwavele kwaba yigama elizwakala liyisiZulu phaqa kanti phinde; akunjalo. Nalo leli gama liyigama elingumzaleka elingewona umsinsi wokuzimilela olimini lwesiZulu. Leli gama laguqulwa ngamaZulu elisusela emagameni esiNgisi athi; nothing at all. Uma ekhuluma ngenebetholi amaZulu asuke esho okungenamsebenzi walutho. Nayo inebetholi uma ungayazi imvelaphi yayo akulula neze ukusho ukuthi isuselwa emagameni esiNgisi. Akhona-ke namanye amagama aguqulwa aguqulelwa esiZulwini esuswa kwezinye izilimi othola ukuthi nawo amaZulu aba mathintanyawo ukuvuma ukuthi lawo magama awasona isiZulu phaqa.
Igama elithi ijongosi lisuselwa emagameni esiBhunu athi; jong os okusho inkunzi esencane kodwa esingaboshelwa. AmaZulu wona alithatha leli gama alibhekisa entombazaneni esiqala ukungena ebuntombini; itshitshi. Akwaziwa-ke ukuthi abe efunani kuleli gama ngoba anawo maningi amagama akhuluma ngetshitshi njengedlamthunyana neqhumamponjwana. Konje busekhona yini lobu bunyoninco bokuguqulela esiZulwini amagama ezinye izilimi?
- UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.