IMambazo ishaya indesheni kuTracy Chapman
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
OKOKUQALA emlandweni, selokhu yasungulwa ngowe-1960, iLadysmith Black Mambazo ithathe isinqumo sokushaya indesheni esilomeni somculi waphesheya ngenhloso yokukhipha icwecwe naye. UXolani Majozi oyimeneja yeMambazo okumanje usohambeni lwaphesheya kwezilwandle, wazise iBAYEDE ukuthi okubahlabe umxhwele kuTracy wumculo wakhe onesigqi sase-Afrika nokuthi uhlobo lwakhe lomculo lusondelene nolwabo, okuyisicathamiya.
Uthe esikhathini esiningi ezingomeni zakhe usebenzisa izwi kakhulu, bese ziba mbalwa izinsimbi. Uveze ukuthi sebeziqalile izingxoxo nabaphathi bakhe. “Okwamanje okusijabulisayo ukuthi sibatholile abaphathi bakaTracy. Ngingakuqinisekisa ukuthi izingxoxo sesiziqalile. Okwamanje kuselukhuni ukuthi zingaki izingoma esizozicula naye. Sinethemba lokuthi sizovumelama,” kubeka uMajozi.
Uma sigcina ngokuphumelela isifiso seMambazo, kuzobe kungokwesibili uTracy ebambisene nabakuleli. Ngesikhathi uRolihlahla Nelson Mandela egubha ukuhlanganisa iminyaka yobudala engama-70 ungomunye owacula kulo mcimbi. Ezinye izingoma lo mzwilili oneminyaka yobudala engama-53 azakhele ngazo udumo yiGive Me One Reason, iTalkin ‘bout a Revolution, iBaby Can I Hold You, iCrossroads, iNew Beginning, iTelling Stories.
Usenqobe izindondo ezine zamaGrammy Awards. Ngowezi-2015 ugcine ukukhipha icwecwe elihlanganise izingoma azicule selokhu angena eminyakeni engama-25 endimeni yomculo. UMajozi uveze ukuthi kungokokuqala emuva kweminyaka engama-58 yasungulwa iMambazo ukuthi ishaye indesheni kumculi waphesheya. Uthe ngisho uPaul Simon wase-USA, ngowe-1986 uyena owacela leli qembu ukuthi benze icwecwe iGraceland elinamanoni anjengeHomeless, iDiamonds on the Soles of Her Shoes, iYou Can Call Me Al.
Abanye abaculi abashaya indesheni kuMambazo nguDesiree Annette Weeks, uJulia Fordham base-England, uSteve Wonder, iThe Winans , uGeorge Clinton, uDolly Parton. Ngowe-1998 leli qembu lithole ithuba lokuvela engqayini kaMichael Jackson, iMoonwalker nasohlweni lwemfundo yezingane zase-USA iSesame Street olwaboniswa kezikhondlakhondleni zezinkampani zokusakaza.
Ngowe-1993 iMambazo yathola ingqayizivele yethuba lokuphelezela uMandela eyokwemukela indondo yeNobel Peace Prize, e-Oslo, eNorway. Ngonyaka olandelile iphinde yacula emcimbini wokumfungisa njengoMengameli wakuleli. Ecwecweni iLong Walk to Freedom, iMambazo eyayigubha ngalo ukuhlanganisa iminyaka engama-45 yasungulwa isebenze noMelissa Etheridge, uJoe Bride, uNatalie Merchant, u-Emmylou Harris noTaj Mahal base-USA, uZap Mama waseBelgium noSarah McLachlan.
Kwabakuleli ngamaMahhotela Queens, uVusi Mahlasela, uBhekumuzi Luthuli, uThandiswa Mazwai, uHugh Masekela, uPhuzekhemisi Mnyandu nabanye. Ekuqaleni kwalo nyaka leli qembu lihlabane ngendondo yeGrammy Award emunxeni weBest World Music Album ngenxa yecwecwe iShaka Zulu Revisited: 30th Annivesary Celebration. Bekuyindondo yesihlanu yamaGrammy Award. Beliqokwe nasemunxeni weBest Childrens Album ngengoma ethi Songs of Peace & Love For Kids & Parents Around The World.
Nokho lihlulekile ukubuya nale ndondo. Lahlabana ngeyokuqala ngowe-1988 emunxeni weBest Traditional Folk, eyesibili kube unyaka wezi-2004 koweBest Traditional Music Album, eyesithathu iqhamuke ngowezi-2009 koweBest Traditional World Music Album, eyesine iMambazo iyinqobe ngowezi-2013 emunxeni weBest World Music Album bese kwaba yilena yakamuva.
Kulo nyaka bekuyihlandla le-19 iqokelwa emunxeni wamaGrammy Awards. NgeSonto iMambazo izocula eZeterion Theatre, eNew Bedford, e-USA.