Ungumakadebona kwezomdabu uKhabazela


NGESIKHATHI kudlula ingqungquthela yokuqoka ubuholi be-African National Congress okwabe kungeyama-54 eNasrec, eGauteng ngoZibandlela kwaba nomuzwa wokuphoxeka kwezithunywa zaKwaZulu-Natal kusuka ohlangothini olwaluhambisana noMnu uSenzo Mchunu nalolo olwabe luhambisana noMnu uSihle Zikalala.
Isizathu salokhu kwabe kungukuthi lezi zinhlangothi zazingumgogodla wemikhankaso yowayezoba nguMengameli phakathi kukaMnu uCyril Ramaphosa noDkt uNkosazana MaDlamini Zuma.
Kulezi zinhlangothi kwabe kunethemba lokuthi ngaphansi kwamagama abaholi ezifuna baqokelwe esobuMengameli kodwa zazizokwazi ukuba nabaholi abadabuka esiFundazweni abazongena esigungwini sabaphezulu abayisithupha. Nokho lokho akwenzekanga njengoba kwacaca ukuthi ukungezwani kwazo kwashiya isifundazwe iKwaZulu-Natal nehlazo lokuba kungabibikho noyedwa emlandweni weqembu odabuka KwaZulu-Natal osesigungwini sabayisithupha.
Kwaze kwabanombono wokuthi lokhu kusho “ukuwa” kwendlu yamandla okuyiKZN ebiyaziwa ngokushaya amaphiko kuKhongolose ngenxa yokubumbana nobuningi bayo.
Abahlaziyi bezombusazwe baze baqhamuka nombono wokuthi lesi simo sikhomba ubunzima ebuholini bukaRamaphosa ikakhulukazi ngokuqinisa uzinzo ku-ANC KwaZulu-Natal.
Kuthe uma uRamaphosa esetheleka KwaZulu-Natal ehlangana neSILO nokwaba umhlangano wakhe wokuqala ekhethiwe, kwacaca ukuthi uzozama ukuthoba amanxeba isifundazwe ngehlazo elibhekane naso eNasrec.
Okubuye kuqinise lokhu kukhuluma sekube isenzo sakhe sakamuva sokuqoka umakadebona kwezombusazwe, uDkt uZwelini Lawrence Mkhize kuKhabhinethi yakhe, wafolosa ngaye eMnyangweni Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba Zomdabu.
Lokhu kubonakala kungelinye igxathu eliya phambili ukubuyisa iKwaZulu-Natal nokuzama kukaRamaphosa ukusondela esifundazweni nakubaholi bendabuko.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi uMkhize ngesikhathi ehola iKwaZulu-Natal, ubengumholi obehlonishwa kakhulu ebuholini bendabuko ngenxa yokubuqonda kwakhe kabanzi nokwazi imigudu efanele yokuxhumana neNdlunkulu kaZulu.
Ngaphansi kukaHulumeni kaMkhize esifundazweni kube nezinhlelo eziningana zokubhekelela aMakhosi okubalwa nolokwakhiwa kwemizi yawo.
Akagcinanga lapho kodwa imikhosi yesizwe sikaZulu ibenokunakwa okusezingeni eliphezulu ngaphansi kwakhe, kwaqala kwabonakala nenhlangano yakhe okunguKhongolose yamukeleka ezindaweni eziningi zaMakhosi.
Phakathi kwale mikhosi singabala uMkhosi WoMhlanga obaseSigodlweni eNyokeni, umgubho wokunqoba kukaZulu empini yaseSandlwane nowokukhumbula iLembe lakwaDukuza obaseStanger neminye.
Isikhathi aphathe ngaso kube ngesinzima ebuholini bendabuko obebuhlaselwa izivunguvungu, lapho kukhona amanye aMakhosi abesefuna ukuphuma ngaphansi koMbuso kaZulu ngoba ethi nawo ayiziNgonyama.
Lesi simo sigcine sithela ngodaka uHulumeni wakhe obekufanele ungathathi uhlangothi kodwa uqinisekise ukuthi wonke aMakhosi ezizwe abukwe ngokulingana.
Yize kunjalo kodwa ukwazile ukubumba aMakhosi agcina emunye kwaze kwagcina kuphela lezi zivunguvungu ebeziqhekeza isifundazwe ebuholini beNdabuko.
Akagcinanga lapho kodwa ukumele ukwesekelwa kweNdlunkulu kaZulu uHulumeni emikhosini eyehlukene yesizwe phezu kokuba bekuhlale kunokugxekwa obekuqhamuka ezinhlanganweni ezingahambisani noBukhosi. Uphinde wakwazi ukunikeza iSILO naMakhosi inhlonipho ngokuqhubeka nenqubo yokuba iSILO kube yiso esivula iSishayamthetho. Ukwenze lokhu ngisho esehlaselwa ngaphakathi kuKhongolose, evukelwa i-ANCYL kaMnu uMthandeni Dlungwane noMnu uBheki Mtolo, eyayihambisana nombono wokuthi kumele lokhu kuphele.
Namanje iqembu lakhe libhekene nengwadla ngodaba lo mhlaba nalapho iSILO sidonse ngendlebe uMengameli walo, uRamaphosa ukuthi akangahlokolozi inyoka isemgodini ngokufuna ukuphuca aMakhosi umhlaba wawo.
Ngenxa yalesi simo bekucaca ukuthi uRamaphosa uyamdinga umuntu waKwaZulu-Natal azosebenza naye nozoqonda kangcono ubuholi bendabuko.
Okunye ukuthi uMkhize ungumuntu obonakala njengongakwazi ukuthumeka uma ejutshwa kuso eSILO.
UMkhize akungabazeki ukuthi uBukhosi buyinto esenhlizweni yakhe njengoba nangesikhathi eqhuba imikhankaso yakhe yokuba aqokelwe ukuba uMengameli we-ANC, ubehlale ekugcizelela ukuthi kuzona zonke izinhlelo zentuthuko akufanele amakhosi nemiphakathi yawo basale ngaphandle.
Uyakholelwa ekutheni amakhosi aneqhaza elibalulekile emigomeni yokukhulisa umnotho ikakhulukazi njengoba kukhulunywa ngokuba kubhekelelwe naboHlanga.
Ngisho esifundazweni i-Eastern Cape abaholi bendabuko bebekhombisa ukumamukela uMkhize uma ehambele izindawo zawo ezokhankasa ngenxa yokukwazi ukulandela isikompilo nemigomo ethinta imiphakathi yawo esemakhaya.
Ngaphandle kwalokho uMkhize ungumholi ohlale ephambilini ekuxazululeni izinkinga nasekuhlanganiseni izinhlangothi ezingabhekani.
Ngesikhathi sokuchukuluzana okwakuphakathi kwe-IFP ne-ANC, waba isisekelo sokudambisa isimo ebambisene nabanye abaholi ababeku-IFP.
Lokhu wayekwenza, esebenzisa izimbizo zoMnyango wakhe ngesikhathi esaphethe eZempilo KwaZulu-Natal, lapho ayevamise ukubonakala neNkosi yaKwaZashuke engasekho, neyayinguMphathiswa Wezokuphepha esifundazweni. Babehambela imiphakathi bese beyikhumbuza ukubaluleka kokusebenzisana ngaphandle kokubuka ubuqembu.
Okunye aziwa ngakho ukungasebenzisi ulimi olunodlame uma ekhuluma ngezimbangi zeqembu lakhe kwezombusazwe nokumeze wabonwa engumholi onokukhula.
UMkhize wabangudokotela eneminyaka engama-26 ngaphambi kokuba aye ekudingisweni eyolwela inkululeko yaboHlanga ababecindezelwe uHulumeni wabaMhlophe eNingizimu Afrika.
Esebuyile ekudingisweni uqokelwe ezinhlakeni ezahlukene ku-ANC nakuHulumeni .
Uke waba uMphathiswa Wezempilo esifundazweni ngaphambi kokuba aqokelwe esikhundleni sokuba uMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komnotho ngaphambi kokuba nguNdunankulu wesifundazwe.
Kugcine ngaye KwaZulu-Natal ukuthi i-ANC ibe nosihlalo ophatha amahlandla amabili ngempumelelo ngaphambi kokuqokelwa esikhundleni sokuba nguMgcinimafa Jikelele kaKhongolose, engqungqutheleni eyayiseMangaung ngowezi-2012.
Nakuba engazange alibone elidlalayo engqungqutheleni ebiseNasrec ngoZibandlela kodwa ube phezulu ohlwini lwabaqokelwe ukungena esigungwini esiphezulu samalungu engeziwe kaKhongolose.
Kuleli sonto ubeyingxenye yabaholi abasha abamenyezelwe uRamaphosa ePhalamende azogadla ngabo kuKhabhinethi yakhe njengoba efungiswe waba uNgqongqoshe Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba Zomdabu.
- sikhakhanec@ingabadimedia.com