Ubheke ukubuyisa izinduku ngevukana uGonya osabalisa
USIBONISO “Tiger” Gonya uzobonakala okokuqala eringini ngemuva kwehlazo lokugingqwa nguZolani “Last Born” Tete ngemizuzwana eyisi-6 kuqale umzuliswano wokuqala empini ebingoLwezi nyakenye kubangwa ibhande le World Boxing Organisation (WBO) World Bantamweight.
IBAYEDE ihoshe ukuthi umfokaGonya odabuka eMtubatuba uzotholana phezulu noBonani Ngozi ongaphansi kwesitebela i-All Winners Boxing Club okuziqeqesha kuso uTete.
Kuthiwa lo mqhudelwano okuzoba khona le mpi uhlelwa yiLudonga Boxing Promotions. Kuvela ukuthi uzoba mhla zingama-28 kuMbasa endaweni engakaqinisekiswa eThekwini. Izoba yimizuliswano eli-10.
Kuthintwa uThulani “Sir” Magudulela ongumnikazi weLudonga ukuqinisekisile ukuthi umshayisibhakela wakhe uzohlephulana noNgozi. Mayelana nosuku lo mqhudelwano uthe: “Okwamanje ngizothanda ukungalusho usuku ngoba kuningi okusahlelwa ngalo mqhudelwano. Ngale mpi sizama ukubuyisa ukuzethemba kuGonya. Ngemuva kwayo sizobe sesimtholela umshayisibhakela azovikela kuye ibhande lakhe le WBO Inter-Continental Bantamweight”.
Lo mqhathi wazise iBAYEDE ukuthi empeleni bebefuna ukuthi uGonya alwe noMakazole Tete ongumfowabo kaZolani kodwa kwaba nezinkinga ezithile. ULoyiso Mtya oqeqesha uNgozi uveze ukuthi ngaphambi kokuthi umshayisibhakela wakhe atholane noGonya uzoqale alwe noMbulelo Jani empini abazobanga kuyo ibhande le Bantamweight lase-Eastern Cape. Lo mqeqeshi obuye acije izelamani zakwaTete uveze nokuthi uNgozi uzalwa nguSimphiwe Nongqayi owazakhela udumo ngonyaka wezi-2009 eshaya kulandelana izelamani zakwa-Arce, uFrancisco noJorge kubangwa isicoco se-International Boxing Federation (IBF) World Super Flyweight.
Uma kubuyelwa empini yomhla zingama-28 kuMbasa, kubukeka uGonya ezozidlulela kalula. Okubukeka kuzoqhatha kakhulu uNgozi nenduku wukuthi wagcina ukulwa ngoZibandlela wangowezi-2016 eshaya u-Onela Qongwana empini eyayiseMdantsane Indoor Sports Centre, e-East London. Ngokwerokhodi, usalwe kuphela izimpi eziyisi-6. Kulesi sibalo unqobe ezine wase ehlulwa kwezimbili.
Ngakolunye uhlangothi uGonya usekwaze ukunqoba ezili-11 wase naye ehlulwa kwezimbili. Ngaphandle kokuba nesipiliyoni sokulwa noTete, ngoMbasa wanyakenye uzakhele ugazi kubantu basezwenikazi i-Afrika eshaya umakadebona waseNamibia u-Immanuel Naidjala kubangwa ibhande le WBO Inter-Continental Bantamweight. Abanye abashayisibhakela bezinga abathelwe othulini yile nsizwa yaseMtubatuba nguGianpietro Marceddu wase-Italy kubangwa ibhande le World Boxing Association Pan African noCeutus Mbhele wakuleli kubangwa isicoco esifanayo.
Ezibuhlungu kuGonya, ngezithi akasabonwa nangokhalo kuTop 15 ezilinganisweni zeWBO Bantamweight.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuthi alwe noTete wayesendaweni yesithathu.
Ngokwesizindalwebu ifightnews.com, osendaweni yokuqala ngu-Omar Narvaes wase-Argentina, isibili nguDaniel Lozano bese kweyesithathu kube nguJaun Carlos Payano. Bobabili laba ngabase-United States of America (USA).
Kuvela igama likaNarvaes nje, kuzothi mhla zingama-21 kuMbasa azame ukuphuca uTete ibhande le WBO World Bantamweight empini ezoba semphelandaba eThe SSE Arena, eBelfast, eNorthern Ireland.
Sisekuzo ezabashayisibhakela bakuleli, akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni empini uKevin Lerena ozovikela kuyo isicoco se-International Boxing Organisation (IBO) Cruiserweight kuDmytro Kucher wase-Ukraine.
Le mpi ebhekwe ngabomvu izoba kusihlwa kusasa ngoMgqibelo, e-Emperors Palace, eGoli. Kuzoba yihlandla lokuqala uLerena lesi sicoco esivikela selokhu asithatha eshaya uYouri Kayembre Kalenga waseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Okwenza asabeke uKucher ukuthi ungomunye wabashayisibhakela abayisilomo ezweni lakhe. Usashaywe ezimpini ezimbili kuphela kwezingama-27 azilwile. Ngakolunye uhlangothi uLerena usahlulwe kanye kwezingama-20 asezilwile.
mkhizes@ingabadimedia.com