Now Reading
Izikhulu zoMkhandlu zibanjwe ngobhongwane kolwaseNquthu
Dark Light

Izikhulu zoMkhandlu zibanjwe ngobhongwane kolwaseNquthu

SEKUPHELE iminyaka emithathu owayenguSomlomo waseNquthu, uMnu uVusi Ntombela adlula emhlabeni kodwa namanje kusenezikhalo zokuthi labo ababenukwa ngokuba yingxenye yetulo lokumbulala basabambe ngobhongwana iziphathimandla namakhansela kulo Masipala ukuze baqhubeke nokuhlomula ngenkani ngamathenda. Muva nje kunokukhononda okukhulu kumaKhansela ikakhulukazi lawa kaKhongolose angaphakathi kuMasipala waseNquthu, mayelana nokuthi uMkhandlu usaqhubeka nokufukamela inkampani eligodliwe igama layo kasomabhizinisi osolwa ngokuba ungqondongqondo ekubulaweni kukaNtombela. Le nkampani inomsebenzi noMasipala waseNquthu okuthiwa yawuqala ngemuva kokungena kobuholi obathatha izintambo ngowezi-2011.

Ngesikhathi inikezwa umsebenzi, kuthiwa uNtombela namanye amakhansela bashaya amakhala nokwaphetha ngokuthi uNtombela asocongwe. Osekunzima ukuthi izikhulu eziphethe uMasipala namakhansela bayesaba ukuxosha le nkampani ngenxa yokuganga okuthiwa kudlangile. Okukhalwa ngakho ukuthi njalo uma kunezinsolo ezithinta yona kuvele kugqekezwe amahhovisi aseNquthu kaMasipala bese kulahleka amaphepha athile asuke enolwazi enukwa ngalo. Esigamekweni sakamuva nesikhalisa amakhansela ukuthi kuye kwagqekezwe amaHhovisi kaMasipala, kwathathwa amasondo eloli elithwala imishini elungisa imigwaqo yaseNquthu. Ngokusho kwelinye lamaKhansela kaKhongolose elingeneme neze ngalesi simo, kuvela ukuthi leli loli likhishwe amasondo ayisi-8 . Lokhu sekudale ukuba eminye imigwaqo yaseNquthu esezindaweni ezidinga ukugugulwa, ihlale inemigodi ingalungiswa ngoba iloli elithwala imishini yokulungisa, alinawo amasondo. “Okubi ukuthi ngisho imenenja kaMasipala iyamesaba lo somabhizinisi ngoba udume ngokuthi uyabulala futhi wake waboshwa iminyaka ngamacala okubamba izimoto zemali e-Eastern Cape.

Lo somabhizinisi usikhathazile nathi asisazi sekumele senzenjani singamakhansela ngoba neMeya iyamesaba kanti neMenenja iyaqhaqhazela uma kukhulunywa ngaye. Ngisho kunomhlangano uma nje siqala lolu daba lwale nkampani bavele baphume bayochama noma bethi umhlangano awuhlabe ikhefu kade uqalile,” kusho leli Khansela elidonse ngendlela elaboHlanga ukuthi lingalinge lidalule igama lalo. Lo somabhizinisi uyewavela embikweni yangaphambilini yelaboHlanga ngeqhaza abanalo ngokubulawa kukaNtombela. Okunye ukuthi ubephambili ekuhlanganiseni imali yokukhokhela izindleko zecala likaMnu uMbhekiseni Khambule, owaboshwa ngokubulala uNtombela. UKhambule wayengumqaphi weMeya esaphuma yaseNquthu, uNkk u-Emily Molefe kanti udonsa iminyaka engama-20 ejele ngaleli cala. Omunye owayesolwa kuleli cala nowayengumshayeli wemoto yeMeya uMolefe, wadedelwa ngoba kuthiwa ubufakazi abuhlangani kanti wabe “esebongwa” ngokunikezwa umsebenzi wokushayelela omunye wabaPhathiswa abakukhabhinethi yaKwaZulu-Natal.

Ngesikhathi kuthintwa iMenenja, uMnu uBongani Gumbi ukuze iphawule ngalolu daba, ucingo lwayo beluvaliwe yagcina ingasatholakalanga ukuba iphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Kulolu lwasehhovisi athintwe kulo, kutholakale owesifazane ongumsizi ehhovisi otshele elaboHlanga ukuthi uGumbi ubambeke emhlanganweni weziMenenja zoMasipala ohlelwe uHulumeni waKwaZulu-Natal. IMeya yaseNquthu, okunguMnu uMabilabila Kunene, ithintwa ithe bona njengamaKhansela abakwazi ukugxambukela ezindabeni ezithinta ukuqokwa kwezinkampani. “Empeleni inkontileka yale nkampani iphele ngoMasingana , ngakho umuntu osemandleni okubhekana nodaba iMenenja nezikhulu zikaMasipala asebenzisana nazo.

See Also

. Thina njengamakhansela asinawo amandla asivumela ukuba sibeke umbono ngokuqashwa kwenkampani. Okwethu ukuphakamisa ilaka lethu uma kukhona la esingeneme khona ngomsebenzi esuke iwenza. Ngaphandle kwalokho okuningi kusuke kusemandleni kaMeneja. Uma sesingakhuluma okuningi sekungathiwa sigxambukela ekukhishweni kwamathenda noma ekuqokweni kwezinkampani okufanele zihlomule,” kusho uKunene. Ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga ubekugcizelela ukuthi uyazazi izikhalo kodwa kunezinto abangakwazi ukuzenza njengeqembu elibusayo. “Zikhona zona izikhalo kodwa akukho esingakwenza uma amaKhansela amaqembu aphikisayo ehuqa ubuthongo njengoba kwenzeka nje eNquthu. Laba bantu abaphikisana nathi balele basaba ngisho ukukhuluma izinto ezisobala ukuze nathi sisukumele phezulu njengeqembu elibusayo,” kusho uKunene.

Scroll To Top