Umthelela wokwenyuka kwamanani entela kwabampofu


ISABELOMALI sikaNgqongqoshe ophethe uMnyango Wezezimali eNingizimu Afrika, uMnu uMalusi Gigaba, sesifike sadlula njengoba besenzeka mhla zingama-21 kuNhlolanja kophezulu. Lesi sabelo sihlala silangazelelwe njalo abantu baseNingizimu Afrika namanye amazwe angaphandle kwaleli, kwazise sisuke singesesibili sezethulo esihambisana noMthethosisekelo wezwe, kanti sisuke siyinkombandlela okumele mayilandelwe iNingizimu Afrika ezigabeni ezintathu zokubusa izwe. Lapha sibala ukuphathwa nokusetshenziswa kwezimali ezingeni likaHulumeni kazwelonke, ohulumeni bezifundazwe, kanjalo nakoHulumeni basemakhaya. Kwesokugcina soHulumeni basemakhaya sisuke sikhuluma ngesigaba okuyilapho kwenzeka khona umsebenzi othinta ngqo abantu okuyibona uHulumeni asuke ethi, kumele bezwe intuthuko.
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi, uNgqongqoshe uGigaba nxa esebeke le nkulumo, kuba sekulandela izinkulumo zezifundazwe ezethulwa iziphathimandla zezifundazwe ngokwehlukana kwazo. NjengoMengameli wezwe labaphathi nabo kumele bahlahle indlela kongqongqoshe babo abasuke bezothula ezabo izinkulumo ezihambisana nokuphathwa nokuhlelwa kwemali yaleso naleso sifundazwe kwehle njalo kuye komasipala.
Okwenze le nkulumo yahloba kamnandi, ubuchule betheknoloji uMnuz uGigaba asaziwa ngabo njalo nxashana ethula le nkulumo. Nxa ekhuluma ungafunga ukuthi konke akukhulumayo usuka ekususela ekhanda, kumbe ekwazi engathithi akakufundi phansi. Kanti, cha ukufunda phansi ngohlelo olubizwa ngeTelePrompTer. Lolu hlelo lwenza umuntu okhulumayo akhulume ngenkululeko kube sengathi amagama awakhulumayo akawafundi phansi.
Kepha nxa sibheka ingqikithi yenkulumo kaNgqongqoshe yokuphathwa kwezimali zezwe, kuyacaca ukuthi ibithathisela kakhulu enkulumweni kaMengameli omusha wezwe uMnu uMatamela Cyril Ramaphosa, kanti futhi ibincikile kakhulu ezintweni ebeziqhutshwa yilowo osanda kusula esikhundleni uMnu uJacob Gedleyihlekisa Zuma. Lokhu kulumbaniseka kudalwa imigomo efanayo eholwa yinhlangano kaKhongolose maqondana nokuphathwa kwezwe.
Nxa sibheka engqikithini yodaba lwethu namuhla okungumthelela wokunyuswa kwentela kubantu baseNingizimu Afrika ikakhulu abampofu, kuyaphawuleka ukuthi lesi sabelomali njengezedlule, njalo siyathanda ukuthi sibhekelele ikakhulukazi abantu abantulayo. Lokhu sikubone ngokuthi kwenyuswe imali yezibonelelo ezahlukahlukene zabampofu, izingane, kanye nalabo abanakekela abakhubazekileyo nabantulayo. Okunye okuhle esingakuphawula, isimemezelo esenziwa okade enguMengameli uMnu uJG Zuma ngaphambilini sokuthi kubekhona imfundo yamahhala esivele iqalile ezikhungweni zemfundo ephakeme kulo lonke leli lizwe. Nokho sizokhumbula ukuthi imfundo yamahhala iyinto esekade ikhona ngoba iqale yafakwa ezikoleni zamabanga aphansi, yaphinda futhi yafakwa emakolishi abizwa ngamaTVET. Njengamanje iyasatshalaliswa ukuze ikwazi ukusiza abafundi abasezikhungweni ezibizwa ngamanyuvesi izwelonke. Leli gxathu elikhulu kangaka lizoba nomthelela omuhle ikakhulu kwabantulayo ezweni, lapho intuthuko izokwazi ukufinyelela nasezigodini eziningi zezwe njengoba abantwana nxa sebeqedile ezikoleni bazokwazi ukuthi baqasheke kalula besekuthi nalabo abafuna ukungena kwezamabhizinisi bakwazi ukungena ngeqholo lokuthi banemfundo eyanele ukubasiza. Kuzokhumbuleka ukuthi izinga lokungaqashwa kubantu abafundile lilinganiselwa kumaphesenti amahlanu, okungukuthi lincane kakhulu kunalabo abangayanga esikoleni kumbe abanemfundo esingathi encane ngoba bengayanga ezikoleni zamazinga aphakeme.
Nxa kuza enteleni, uNgqongqoshe umemezele izigaba ezahlukahlukene zokwenyuka kwentela ezweni. Eyokuqala iVAT, okuyintela ekhokhwa nxa uthenga noma yini eNingizimu Afrika ngaphandle kwezinto ezifana nezinkwa, impuphu nokunye. Le ntela obesekuphele cishe iminyaka engama 24 yagcina ukwenyuswa, uma echaza uNgqongqoshe uthe izoletha uzinzo oludingakalayo emnothweni wezwe. Okubuye kwavela futhi, ukwenyuswa kwentela kaphethroli ngamasenti angama-54 ngelitha. Le ntela ayisebenzi nje kuphela kwezokuthutha abantu abanobunini bezimoto ezincane, kepha isebenza kubantu abashayela amabhasi, amatekisi, izinqola zokuthutha izimpahla njalo njalo. Lokhu kwenyuka kwala manani kaphethroli ngeshwa kuzoba nomthelela ongemuhle kwabantulayo kwazise, nxashana ikhuphuka le ntengo, kuzokhuphuka namanani okudla ezitolo ngenxa yokuthi yizo izithuthi lezi eziwasebenzisayo.
Iningi le ntela eyenyusiwe, yintela ehambisana nalabo abadla izambane likampondo, okwaziwayo futhi ukuthi kumele bamasize labo abantulayo ezweni. Umthelela wakho konke lokhu umele ukuba ulethele izwe ukukhula ngokomnotho uphinde futhi unciphise izinga labantu abantulayo ezweni.
- UMnu uGugulethu Xaba ungumsunguli we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathelene nentuthuko yezezenhlalo nomnotho. Uyilungu leBhodi lenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.