Ngeke esawubona umvuzo wemizamo yakhe
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe uhambe lapho ezweni sekubonakala uthingo lwenkosana emuva kwesichotho esikhulu
IQEMBU eliphikisayo eZimbabwe iMovement for Democratic Change (MDC) ligubuzelwe yifu elimnyama. Lokhu kuqale emasontweni edlule ngesikhathi obeyilungu layo ePhalamende kanye nomgcinimafa wenhlangano uMnu uRoy Bennet ebhubha engozini yendiza enophephela emhlane e-United State of America (USA), esifundeni iNew Mexico. Kule ngozi uBennet ubhubhe nomkakhe. Kuthe iMDC isazikhotha amanxeba laphinde lalelesa futhi lathatha uMengameli wayo uMnu uMorgan Tsvangirai.
Ngokwemibiko eqinisekiswe ngumndeni lo mholi uthathwe yisifo somdlavuza. Kwabaningi ukuhamba kukaTsvangirai abunakho ubulungiswa njengoba engeke asaba yingxenye yokwakha iZimbabwe kabusha.
Okunye okudumaze abaningi wukuthi uhamba nje usesinde ezimweni eziningi lapho impilo yakhe yabe isengcupheni. Esinye sezigameko nje yileso sangowe-1997 esenguNobhala Jikelele weZimbabwe Congress of Trade Unions (ZCTU). Lapha wasinda ngesikhathi ababulali bemphosa phansi ebhilidini esuka esitezi seshumi. Kubantu baseZimbabwe kunenkolelo yokuthi leli kwabe kulitulo lokumthulisa emuva kokuhlela umkhankaso owabe uphikisana nokunyuswa kwentela nguHulumeni.
Kukhona konke ubeyindoda engapheli umoya futhi engalilahlile ithemba ngephupho leZimbabwe ebumbene, ebuswa ngentando yabantu futhi ebeka phambili izidingo zabantu. Noma ukugula bese kumxine kakhulu kodwa waphoqa ukuba aphume isikhashana esibhedlela ngoLwezi wezi-2017 abuyele eHarare eyohlangana nabanye abantu bakhona emkhankasweni wokubuyisa isithunzi sezwe ngesikhathi kukhishwa obenguMengameli uMnu uRobert Mugabe. Ungomunye wabaholi abazokhunjulwa kakhulu ngokungayivumeli ingcindezi eyayiqhamuka kuMugabe.
Bakhona ababecabanga ukuthi emuva kokuboshwa uHulumeni kaMugabe ngowezi-2007 lapho ashaywa khona kanzima ejele, wayezokwehlela ngezansi. Isisekelo sempilo yakhe yokusebenza ezimayini nokuba isishoshovu sezinyunyana bekubonakala kalula ebuholini bakhe. Ukuzidela kwakhe amathambo aphonsele inselelo uMugabe okhethweni langowezi-2008.Izingqapheli zokhetho zamemezela ukuthi iMDC yiyona eyadla umhlanganiso kodwa amavoti ayengenele ukuba iphathe izwe ngaphandle kokubambisana nezinye izinhlangano. Neqembu iZANU-PF lalingazibekile phansi lingayizwa eyemibiko yokunqoba kweMDC. Yingalesi sikhathi lapho kwaqubuka khona udlame, kwaboshwa abaholi beMDC, kwaphazamiseka nokufunda emanyuvesi aseZimbabwe. Ihlandla lesibili lokhetho uTsvangirai akazange alungenele. Emuva kokudamba kodlame uMugabe wamenyezelwa njengonqobile, kodwa abeMDC babengayithathi imiphumela njengesemthethweni ngoba babekholwa ukuthi kube nokwenzelela. INingizimu Afrika njengezwe elingumakhelwane kwaphoqa ukuba lingenelele ekudaleni uzinzo kwazise abantu abaningi base bebalekele kuleli. UTsvangirai waqokwa njengoNdunankulu wezwe uMugabe waqhubeka nokuba uMengameli. Emuva kochungechunge lwezingxoxo zokwakha uHulumeni wobumbano wagcina efungisiwe. Impilo yakhe yaba nzima ngesikhathi kudlula emhlabeni umkakhe uSusan engozini yemoto esanda kungena nje esikhundleni.
Ngowezi-2013 uphindile waphonsela uMugabe inselelo okhethweni lukaMengameli kodwa wakhala ngaphansi ngamavoti amaningi noma kwakunguye owayethwelwe ngeqoma. Amazwe omhlaba ikakhulukazi i-United Kingdom (UK) ne-USA bazama ukuphonselela inselelo imiphumela yokhetho ngenxa yokuthi igebe labe lilikhulu kodwa abangaphumelela.
Kukhona abambeka amabala bemkhomba ngenjumbane yokuthi bekumele akwazi ukunqanda inkohlakalo okhethweni ngoba unguNdunankulu. Izinto zibuye zangamhambela kahle empilweni yakhe yangasese ngowezi-2012 ngesikhathi abesifazane ababili bevimba umshado wakhe enkantolo no-Elizabeth Macheka ngoba bethi ushade nomunye wabo ngokwesintu, ngakho umshado wakhe noNks uMacheka angeke ube semthethweni kuzoba ngowasenkantolo okusho ukuthi wayesezoba nesithembu.
Imibiko ngokugula kwakhe ibilokhu iphuma kancane emaphephandabeni aseZimbabwe okungangokuba ngoMasingana amanye amaphephandaba ansukuzonke abhale ukuthi usedlulile emhlabeni. Akubuzwa ukuthi uTsvangirai ubezobamba iqhaza elibalulekile ekwakhiweni kweZimbabwe entsha ngokubambisana noMengameli u-Emmerson Mnangagwa ngoba bobabili babe yizisulu zokuhlukunyezwa uHulumeni kaMugabe.