Now Reading
Wesekwa ngaboMnyango wezempilo nanguMengameli uqobo uRamathupha
Dark Light

Wesekwa ngaboMnyango wezempilo nanguMengameli uqobo uRamathupha

Emuva kokuphawula okwehlukene kubantu baseNingizimu Afrika, amaqembu ezepolitiki, nezinhlangano zomphakathi ngenkulumo kaMphathiswa Wezempilo eLimpopo uDkt Phophi Ramathuba, kubukeka ethola ukwesekwa ngaboMnyango Wezempilo kuZwelonke noMengameli uCyril Ramaphosa. 

UDkt uRamathupha waqoshwa ekhuluma nesiguli saseZimbabwe esibhedlela iLimpopo ethi angeke sidedelwe singakhokhile ngoba izidingo zezempilo okumele ziye kubantu baseLimpopo zigcina ziphelele kwabangaphandle abangabhalisiwe ukuba kuleli. 

Kuleli sonto uRamaphosa uthe akukho okuphambene okwashiwo uMphathiswa, kodwa wayekhuluma ngenkinga eyaziwayo, futhi uyakuqonda ukuthi ziningi izikhalo ezikhona kubantu bakuleli. 

NeSekela likaNgqongqoshe Wezempilo uDkt uSibongiseni Dhlomo wathi, uRamathuba ukhulume into eyaziwayo neyinselelo enkulu ekuthunyelweni kwezidingo kubantu, kodwa indawo ayikhulume kuyo ibingafanele. 

See Also

Khonamanjalo uNdunankulu waseZimbabwe, uSolwazi u-Arthur Mutambara, ukhuthaze abaholi base-Afrika ukuthi bathuthukise isimo sezombusazwe nezomnotho emazweni abo, ukuze kunqandwe ukufudukela kwamanye amazwe. 

Scroll To Top