Now Reading
Asizibe izindlela eziya emagameni anohlalwana
Dark Light

Asizibe izindlela eziya emagameni anohlalwana

LE nyanga eqale ngoLwesihlanu olwedlule ngesiZulu ibizwa ngokuthi uZibandlela. Ukubizwa kwayo kanjena kubangelwa wumeno oba khona ezindleleni ngenxa yemvula. Izindlela zembozwa wutshani ngale nyanga kube nzima kwakuhamba uma kunamazolo. Abanye baze bakhe amahlamvu babhule ngawo amazolo ukuze bangamanti bamantiswe ngamazolo. Igama elithi uZibandlela luyilokhu abafundisi bolimi lwesiZulu abakubiza ngokuthi ibizongxube. Lakhiwe ngamagama amabili leli bizo. Ingxenye yokuqala yaleli bizo ibukeka isuselwa esenzukuthini esithi ziba. Lesi senzukuthi sichaza ukunqundeka kwamehlo sekuqala ukuhwalala.

Kusobala ukuthi nomeno lona owemboza izindlela ngenxa yemvula ufaniswa nokuhlwa okwemboza izwe sekuqala ukuhwalala. Isenzukuthi esithi ziba asivamisile ukusebenza. Kuvamise ukusebenza lesi esithi zibaba. Noma kunjalo kodwa akuchazi neze ukuthi asisebenzi. Sikhona kanti futhi naso sinencazelo efanayo nalesi esithi zibaba. Ngale kwezindlela ezembozwa umeno ngenxa yemvula elijwayele ukuyidliva ngale nyanga, kuningi kakhulu okwenzeka ngale nyanga. Lena yinyanga enosuku oludume umhlaba wonke okuwusuku lukaKhisimuzi. Lufika kahle lolu suku ngoba lufika kuphela unyaka.

Kuningi nokukhuluma okuqhamuka nabantu ngale nyanga. Abasemadolobheni ubezwa bethi baya emafamu bayodla khona uKhisimuzi. Kuyaxaka ukuthi yini lena edida abantu mayelana negama elithi amafamu. Leli gama lisuselwa egameni lesiNgisi elithi farm elisho ipulazi. Umuntu othi uya emafamu usuke echaza ukuthi uya emapulazini. Laba abathi bayodla uKhisimuzi emafamu ngakube basuke beqonde ukuthi bayodla uKhisimuzi emapulazini? Angikholwa ukuthi basuke beqonde lokhu. Ayikho enye incazelo ekhona yegama elithi amafamu ngaphandle kwalena ethi amapulazi.

Kusho ukuthi umuntu othi uyodla uKhisimuzi emafamu usuke eqonde ukuthi uyodla uKhisimuzi emapulazini. Zimbili izizathu ezingadala ukuthi umuntu asebenzise igama elithi amafamu ebe engaqondile amapulazi. Okokuqala kungaba wukuthi umuntu okhuluma kanjena usuke engaqondi nhlobo ukuthi igama elithi emafamu lisho emapulazini hhayi emakhaya. Okwesibili kungaba wukuthi lo muntu ukhuluma ngamafamu ngoba ezibukela phansi lezi zindawo engenandaba nazo. Ukungabi nandaba kwakhe nazo yikho lokhu okwenza ukuthi asebenzise noma yiliphi igama uma ekhuluma ngalezi zindawo esikhundleni sokuthi athi emakhaya.

Kuhle abantu baligweme igama elithi emafamu uma beqonde ukuthi emakhaya. Kwakubona abantu basemakhaya akwehli kahle uma kuzothiwa kubo abantu basemafamu. Ongashongo ukuthi emafamu umuzwa ethi emaphandleni. Igama elithi emaphandleni liyisiZulu phaqa kodwa alisetshenziswa noma yikanjani ngoba linakho ukulumela. Leli gama lisho izindawo ezingaphandle kwamadolobha amakhulu noma ezikude namadolobha. Kwabona abantu abavela kulezi zindawo uke uzwe sebebizwa ngamaphandle ngabantu basemadolobheni. Lokhu ukubiza laba bantu ngamaphandle nakho kusuke kuwubabukela phansi ngoba bengahlali emadolobheni.

Leli gama lilumela uma lizosetshenziswa ngomunye umuntu ebhekise ezindaweni zasemakhaya. Kungcono uma leli gama lizosetshenziswa ngabantu basemakhaya bezikhulumela bodwa bethi phela bona bahlala emaphandleni. Kuyalumela uma sekuzosuka umuntu ohlala ezindaweni eziseduze nedolobha athi kusemaphandleni kulezi zindawo. La magama alumelayo aqondise kubantu abamnyama uthola ukuthi bayawasebenzisa uma bebodwa bezikhulumela kungonakele lutho. Uma bekhuluma bebodwa abantu abamnyama bayalisebenzisa igama elithi ikhafula babizane ngalo bezincokolela. Konakala uma leli gama selisetshenziswa ngumuntu wolunye uhlanga eqondise kubantu abamnyama.

See Also

Sebungahle buchitheke bugayiwe uma kusuka umuntu wolunye uhlanga abize abengabadi ngamakhafula. Kunjalo nakulo leli gama elithi emaphandleni. Kuvele kubukeke kunokukhulu ukweyisa uma kusuka umuntu ongahlali kulezi zindawo bese ezibiza ngokuthi kusemaphandleni. Kwezinye izindawo angathola umbhulanja umuntu okhuluma kanjena. Kufanele siqikelele ukuthi asiwasebenzisi amagama angahle alumele angehli kahle kwabanye abantu. Abantu basemakhaya abakuthandi ukubizwa ngabantu basemafamu noma basemaphandleni. Analo uhlalwane oluhambisana nokuhlulula la magama.

– UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

Scroll To Top