Now Reading
UNongoma uthi awukakiswe inkohlakalo kodwa…
Dark Light

UNongoma uthi awukakiswe inkohlakalo kodwa…

IMeya noMkhandlu bathi uMnyango kawuze kepha wamukele amandla namagunya njengokuyalela komthetho uphinde uzinuke amakhwapha

UMthethosisekelo  waseNingizimu Afrika ukubeka ngokusobala lokho okubiza ngamandla ezinhlaka ezahlukene zikaHulumeni. Nokho yize lokhu kusobala kodwa kuhlale kuhlale kube nokungqubuzana phakathi kwalezi zinhlaka nokubangwa phakathi kokunye wukwehluka kokuhumusha lokho okusuke kuchazwa ngumthetho olawula ukusebenza kukaHulumeni wendawo kanye nalokho okumele kwenziwe nguHulumeni wesifundazwe kanye nokazwelonke.  Lokhu kugqame kakhulu esinqumweni esithathwe nguMkhandlu wakwaNongoma kuleli sonto odabeni oluthinta uphenyo ngokungahambisi kahle kwalo Mkhandlu.

Ithintwa iMeya yakwaNongoma uMnu u-Albert Mncwango uthe kuliqiniso ukuthi ube khona umhlangano waveza nokuthi uMkhandlu unombono othile ngalolu daba.

“Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ngethula umbiko wami wezinsuku ezili-100, phezulu eqhulwini kwakuwudaba lokuphathwa kahle kwezimali zoMkhandlu. Ukuphawula kwami kwangaleso sikhathi kwabe kwesekwa  wukuphawula kweHhovisi loMcwaningimabhuku nokwabe kusola ubuholi obedlule phakathi kokunye nokungalandeli izincomo ezithile ezabe zisombikweni wakhe. Lokhu kwenza kube nokuvumelana phakathi kwawo wonke amaqembu kulo Mkhandlu wethu, ubuholi obusha obungaphansi kwami akwenze okwehlukile. Nembala sikwenzile lokho,” kubeka iMeya.

IMEYA yenze isibonelo salokho ethi yakufica: “Isibonelo salokho isigameko sezinsizakalo zokuphepha lapho abahlinzeka izinsizakalo bakhokhelwa ngokwevile okuphikisana nezibalo ezibekwe kuService Level Agreement (SLA). Umqulu weSLA wachitshiyelwa ngaphandle kwemvume yoMkhandlu, lokho okwenza ukuthi izindleko zalokho zichithwe nguMkhandlu, okwagagulwa ku-2016/17 Annual Financial Statements njengezindleko ezingafanele nokwavezwa nguMcwaningimabhuku Jikelele. Ukuze kunqandwe le ncithakalo yezindleko, safaka ngaphakathi iVIP Security saqeda ukusebenzisana nenkampani yabaqaphi ngokuhambisana nezidingo zeSLA zokuqala.

“Ngaphezu kwalokho, sithole ukuthi kunephawundini yezilwane engasasebenzi kodwa esiyikhokhelayo, kunezisebenzi okuthiwa zisebenza kuyo. Lokhu kuwudaba olushisa ibunzi nolususa umsindo mayelana nezilwane ezitholakala ziwayiza edolobheni,” kusho uMncwango nothe konke lokhu kwethulwa kuMkhandlu.

See Also

Ukuvuza kwevovo

UMncwango uveze ukuthi  konke lokhu kwenze uMkhandlu wathatha isinqumo mhla zingama -30 kuNcwaba ngowezi -2017 kanye nangomhla zingama-26 kuMfumfu ngowedlule. Lesi kwabe kuyisinqumo sokwenza uphenyo olunzulu ngalokho okungahambi kahle. Emuva nje kwezinyanga ezimbili sithathiwe isinqumo nemigudu yokuthola inkampani ezimele ezokwenza uphenyo uMkhandlu ube usuthola incwadi evela kuMphathiswa uMaDube Ncube nayilapho ayemazisa khona ngophenyo. Le ncwadi ibhalwe mhla zi-3 kuMasingana ngowezi-2018.  Kulokhu iMeya ithe: “Yisiwula kuphela esinganqaba ukukakiswa izigebengu lezi ezinaphaza imali yabakhokhi bentela. Siyakholwa wukuthi uMnyango ukhathazeke njengathi ngale mibiko yokungahambi kahle kwezinto.  Sengikushilo lokho kuyoba kuhle ukuthi ekusikakiseni uMnyango singagcini nje ngokukaka amasela lawa kepha sibuke nokuthi uMnyango wenzeni wona ngezikhathi ezedlule ukugwema le nhlekele esesizama ukuyilungisa sonke. Sibheke futhi ukuthi asichithi yini imali ngento eyodwa. Lokhu ngikusho ngoba ezinye zezinto ezibikwayo zikhomba ukuthi uMnyango lapho bekumele usefe khona kutholakale ukuthi  ihluzo libhobokile ngoba ukube akunjalo ngabe babanjwa ogalakajane.”

Encwadini yakhe uMphathiswa uthe: “Zisuka nje, angikutshele ukuthi ngincoma igxathu uMasipala osulithathile ukuzama ukuphenya ngezinsolo zokungasebenzi kahle eziqhamukile kuMasipala. Nokho qaphela ukuthi mina njengoMphathiswa Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, nginelungelo negunya, ngokweSigaba 106 soMthetho Wezinhlelo KoMasipala  uNombolo 32 wezi-2000, ukuba ngiphenye ngezindaba eziphathelene noMasipala, futhi kungakhathalekile ukuthi uMasipala thizeni usuluqalile noma qha uphenyo ngokwawo mayelana nalolu daba.”

Scroll To Top