Uhlose ukusiza intsha yasemakhaya okamasikandi


UKUZITHOBA okuhambisana nenhlonipho, ukungakhohlwa imvelaphi nokufisela okuhle asondelene nabo yizinto ezigqamayo uma ukhuluma nendlovukazi yomculo kamasikandi uBuselaphi Gxowa odabuka esigodini iNgolotsha, KwaNongoma eNyakatho neKwaZulu-Natal.
Ukuba nesineke uma ekuthatha ekubeka ngezinhlelo anazo ngekusasa lakhe ngokwehlukana ezinhlakeni zempilo kungagcina kukwenza ungakholwa ukuthi usehlanganise iminyaka yobudala engama-48 nokuthi sekuphele iminyaka engama-25 angena endimeni yomculo.
Nakuba uMaButhelezi esekhiphe amacwecwe ali-17 kuhlanganisa nacule kuwo eseyingxenye yeqembu Imithente, kodwa kubukeka ekulangazelela kakhulu kunakuqala ukubuyela esitudiyo.
Kungakapheli sikhathi esingakanani ekhiphe icwecwe i-Umakhanda Khanda kumanje umatasa uqopha icwecwe iNgibambe La Themba Lami elizoba nezingoma ezili-12. Kuleli cwecwe okubhekwe ukuthi liphume ngoNtulikazi usebenzisane noNelisiwe Buthelezi noMlamuli Sibisi okuthe nyakenye wanqoba indondo yeBest Male Artist kuLife Changers Awards.
Kwamanye amanoni ubuyise uMnqobi Mdabe owaziwa ngoShota nentokazi noSiphokazi Buti owaziwa ngoCamagwini. Ngaphandle kokuba nezwi elimnandi nokugila izimanga esiteji uma eseyibhikla neqembu lakhe, ukuba yindlovukazi yomculo kuphinde kufakazelwa wukuhlonishwa ngezindondo ezili-14 okukhona ezimbili zamaSouth African Traditional Music Awards (SATMA), ezintathu zamaSouth African Volunteer Awards (SAVA), Amantshontsho kaMasikandi Awards.
Ngowezi-2014 uqophe umlando endimeni kamasikandi ehlonishwa yi-University of the Witwatersrand ngokubamba iqhaza ekukhuliseni lolu hlobo lomculo. Ukuzimesela kwakwenzayo sekwenze ukuthi mhla zingama-23 kuNdasa ahlonishwe ngendondo yokuba yindlovukazi kamasikandi emcimbini iLife Changers Awards ezoba KwaDukuza, eStanger.
Ngaphandle komculo uBuselaphi uphinde angene agamanxe kwezamabhizinisi. Unenkampani yokupheka iMpambosana Catering and Deco nehlela imicimbi ebizwa ngeBig Music Events. “Ukube angingenanga emculweni ngabe angivulekanga amehlo okubhekana nempilo ngale ndlela. Uthando enginalo ngabantu ngokunye okungenza ngiqinisekise ukuthi konke engikwezayo kuba sezingeni eliphezulu,” kuchaza uBuselaphi ngemfihlo yempumelelo yakhe.
Uveze ukuthi izinkampani zakhe ziqashe abantu abali-11 kuhlanganisa nezimeneja okunguMsibi ophinde abe ngomculo noNomaswazi Dlamini. Udalule ukuthi kumanje umatasa ngokwakhela bonke abasebenzi bakhe izindlu ezingamagumbi amathathu. Uthe lezi zindlu uzakha emakhaya alaba. “Ngikholelwa ekutheni ukube laba bebengekho ngabe kangikho lapha ngikhona. Ukubenzela lokhu kade ngakufisa, angeke ngikuthole ukuphumula ngingabakhelanga bonke,” kuchaza uBuselaphi onesitifiketi sokupheka.
Uveze nokuthi ngokusungula inkampani iBig Music Events wayehlose ukuvulela intsha yasemakhaya amathuba okungena kwezomculo. Uqhube wathi maduze uzozungeza izindawo zasemakhaya ngenhloso yokuhlwaya ikhono.