Now Reading
Amathe abuyele kwasifuba kuDA ngeMeya yaseKapa
Dark Light

Amathe abuyele kwasifuba kuDA ngeMeya yaseKapa

ISIKHUNI sibuye nomkhwezeli kuDemocratic Alliance (DA) ngesikhathi izama ukuxosha iMeya yaseCape Town, uNkk uPatricia De Lille ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe izolo. Imizamo yeDA  iphelele ezeni njengezithukuthuku zenja.

Bekubhekwe ngabomvu ukuthi kuphele ngaye kodwa imiphumela yokuvota ikhombe ukuthi akayindawo ngenxa yokuthi izibalo zivune yena zaba ngaphezulu ngevoti elilodwa. IDA ithole amavoti ayi-109 kwathi uDe Lille wathola ayi-110.

Ngenxa yalokho okaDe Lille usaqhubeka nokuba iMeya kanti uzithole esesekwa ngisho amakhansela amaqembu aphikisayo abekhala ngokuthi uhlukunyezwa ngoba eyiKhaladi.

Phambilini la maqembu aphikisayo, ikakhulukazi i-ANC, abefuna izinyawo zigcwale udaka kulo mholi ngoba esolwa ngokusebenzisa imali yabakhokhintela ukulungisa umuzi wakhe.

Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi uma iDA nayo isifuna ukumthathela izinyathelo, isimnqinda namandla, aqala amaqembu aphikisayo ahoxisa isicelo sawo sokuba akhishwe esikhundleni. Kugcine sekuba yiyo iDA efaka lesi sicelo kuSomlomo sokuba aphume ngevoti lokungamethembi ubuholi bakhe.

Izindaba zokunqoba kwakhe zilandele isinqumo senkantolo yaseKapa echithe iDA emizameni yayo yokuba uNkk uDe Lille akhishwe ngevoti eliyimfihlo.

Okunye okugqamile ukuthi amanye amakhansela eDA asakholelwa kuNkk uDe Lille yize bekubonakala sengathi akasafunwa muntu eSigungwini sakhe. Elinye ikhansela licashunwe abe-eNCA lithi: “UNkulunkulu mkhulu ngoba ukwazile ukuvikela uNkk uDe Lille kulesi simo abebhekene naso sokuba akhishwe ngevoti lokungamethembi.”

UmhoIi weKhokhasi Yamakhansela kaKhongolose uMnu uXolani Sotashi, nokuyiyona eqale ukuphakamisa ukuba uNkk uDe Lille axoshwe esikhundleni, uthe inkinga ukuthi iDA idlala ngaboHlanga bese ibalaxaza njengamakhondomu.

“Lokhu okwenzeka kuDe Lille yimpilo yansuku zonke kubantu boHlanga abasetshenziswa yileli qembu bese libalaxaza kanjalo okwamakhondomu ngoba selidelile ngabo. Namanje kusadlalwa lowo mdlalo,” kusho uSotashe.

Imikhonto ibilokhu icijile kusuka ngonyaka odlule kucaca ukuthi uNkk uDe Lille iqembu lakhe lingamxosha noma nini. Izinsolo eziqale zavela kube ngezokuthi leli qembu lifuna aphume kwesobuMeya ngoba liphendlela uMnu uBonginkosi Madikizela ukuze abe yiMeya yaseKapa.

See Also

Ngaphambi kwalokhu iDA yagudluza uNkk uDe Lille esikhundleni sakhe sokuhola iqembu eWestern Cape kwafakwa uMadikizela okumanje unguMphathiswa Wezokuhlaliswa KwaBantu esifundazweni iWestern Cape.

Kusuka lapho kube nokunyakazisana kwagcina ngokuthi kwenziwe izinsolo zokuthi uNkk uDe Lille uthinteka enkohlakalweni yokugwazisa usomabhizinisi imali eyizigidi ezinhlanu zamarandi ngowezi-2012.

Muva nje kugcine sekunezinsolo zokuthi uNkk uDe Lille umatasa uvukuza abaholi afika nabo kuDA, ayesuka nabo ku-Independent Democrats (ID).

Lokhu kubekwa njengetulo lokuba baphume bavuselele leli qembu.

Sekukhona nabanye abaholi beDA asebephumele obala bekhombisa ukumeseka okubalwa owayengumholi weqembu uNks uLindiwe Mazibuko, obhale enkundleni yokuxhumana iTwitter ukuthi uNkk uDe Lille uhlukunyezwa ngoba engowesifazane woHlanga.

Scroll To Top