IZwi likaNkulunkulu lingaphezu kwebandla likaKhrestu


UMfu uMulder ungoti wezifundo zenkolo nomholi webandla
KUNGENZEKA ukuthi isihloko sanamuhla sibamangaze abafundi. Bangavuma njengalokhu kade sithe iZwi likaNkulunkulu lingaphezu kwabefundisi, kodwa ukuthi iBhayibheli lingaphezu kwebandla likaJesu Khrestu kungaba umbono ongejwayelekile kubo. Kodwa uma sicabangisisa kahle siyazwisisa ukuthi ekuqaleni uNkulunkulu wethembisa ngeZwi laKhe ukuthi kuzofika lowo ozochoboza ikhanda lenyoka. UNkulunkulu wayala u-Abrama ngeZwi laKhe ngokuphuma ezweni lakhe, aye eKhanani. UJesu wabiza ngeZwi amadoda ukuze abe ngabefundi baKhe, wathi: “Ngilandeleni”. Wabathumela ezweni ukwenza zonke izizwe zibe ngabafundi baKhe, bafundiswe ukugcina konke abayale ngakho.
Wabayala ngani uJesu na? Babefanela ukugcina iZwi laKhe. Isisekelo sebandla likaJesu Khrestu siyiZwi likaNkulunkulu. Uma ususa iZwi likaNkulunkulu eliyiBhayibheli, ubhidliza idwala ibandla elime kulo. Yingakho nokuhlanganiswa nokuqoqwa kwezincwadi ezahlukahlukene zeBhayibheli, kwenziwa nguMoya oNgcwele owenza ukuthi ibandla lavuma ubungcwele bezincwadi eziyinhlobonhlobo, kwashiywa eceleni izincwadi mbumbulu. NjengamaKhrestu avumelana nesiqubulo esithi “iZwi likaNkulunkulu kuphela”, sithi kukhona izincwadi ezingama-66 eBhayibhelini. Kukhona ezingama-39 eTestamente Elidala, nezingama-27 eTestamente Elisha. Kukhona indlela yokukhumbula lawa manani: 3 x 9 = 27.
Mayelana neZwi likaNkulunkulu elilotshiweyo sithi siyavuma ukuthi leli Zwi likaNkulunkulu alithunywanga noma alivezwanga ngentando yomuntu, kanti abantu abakhethiwe nguNkulunkulu, baqhutshwa nguMoya oNgcwele balikhuluma njengokusho komphostoli uPetru: “…ngokuba akuzange kuvezwe isiprhofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.” (2 Petru 1:21). Emva kwalokho uNkulunkulu wayala izinceku zakhe, abaprofethi nabapostoli, ngokulondoloza kwakhe okumangalisayo ngenxa yethu nensindiso yethu, ukushicilela iZwi laKhe elambuliwe; futhi Yena uqobo waloba ngomunwe wakhe izibhebhe ezimbili zomthetho. Ngenxa yalesi sizathu imibhalo enje siyibiza ngokuthi: Yimibhalo engcwele kaNkulunkulu.
Izincwadi eziqukethwe eBhayibhelini zibizwa izincwadi zobuKanoni (Canon) zomBhalo oNgcwele. UmBhalo oNgcwele wehlukaniswa ezincwadini ezimbili, lezo zElidala nalezo zeTestamente Elisha, eziyizincwadi zobuKanoni okungeshiwo lutho olumelana nazo. Isibalo sazo esontweni likaNkulunkulu ngesilandelayo: Izincwadi zeTestamente Elidala: Izincwadi ezinhlanu zikaMose yilezi: uGenesise; uEksodusi, uLevitikusi, uNumeri, uDuteronomi; incwadi uJoshuwa; abAhluleli; uRuthe; izincwadi ezimbili zikaSamuweli; nezimbili zamaKhosi; ezimbili zamaKronike; u-Ezra; uNehemiya; u-Estheri; uJobe; AmaHubo kaDavide; izincwadi ezintathu zikaSolomoni yilezi: Izaga, umShumayeli, IsiHlabelelo seziHlabelelo; u-Isaya; u-Jeremiya; IsiLilo; uHezekeli; uDaniyeli; futhi nabanye abaphrofethi abancane abayishumi nambili okuyilaba: uHoseya, uJoweli, u-Amose, u-Obadiya, uJona, uMika, uNahume, uHabakuki, uZefaniya, uHagayi, uZakariya, uMalaki. ITestamente Elisha: Amavangeli amane: uMathewu, uMarku, uLuka, uJohane; iZenzo zabaPhostoli; izincwadi eziyishumi nantathu zomphostoli uPawulu yilezi: KwabaseRoma, ezimbili kwabaseKorinte, KwabaseGalathiya, Kwabase-Efesu, KwabaseFilipi, KwabaseKolose, ezimbili KwabaseThesalonika, ezimbili kuThimothewu, kuThithu, kuFilemoni; kumaHeberu esingamazi umbhali wayo; izincwadi eziyisikhombisa zabanye abaphostoli ngaphandle kukaPawulu yilezi: Incwadi kaJakobe, izincwadi ezimbili zikaPetru, ezintathu zikaJohane, incwadi kaJuda neSambulo somphostoli uJohane.
NjengamaKhrestu samukela lezi zincwadi zodwa njengezingcwele ezobuKanoni ukuqondisa nokwakha nokuqinisa ukukholwa kwethu ngazo. Futhi sikholwa ngaphandle kokungabaza nakancane nje konke okuqukethwe kuzo; futhi hhayi kakhulu ngoba isonto lizamukela lizibona kanjalo, kepha kakhulu ngoba uMoya oNgcwele ufakaza ezinhliziyweni zethu ukuthi zivela kuNkulunkulu, futhi ngoba zinobufakazi ngalokho kuzo, njengoba izimpumputhe uqobo zingezwa ukuthi izinto ezipholofithwa kuzo ziyavela.
Siyehlukanisa phakathi kwalezi zincwadi ezingcwele nalezo ezibizwa ngama-Apokrifa. AmaKhrestu angawafunda ama-Apokrifa. Nokho futhi singacaphuna ukufundisa kulezo zincwadi lapho zivumelana nezincwadi zeKanoni. Kepha ama-Apokrifa awanawo nakancane amandla anjalo nesithunzi ukuze ngobufakazi bazo kuqiniselwe noma luphi ucezu lokukholwa noma lwenkonzo yobuKhrestu. Zikude-ke kangaka nalokho ukuthi zinganciphisa amandla ezincwadi ezinye ezingcwele.
Masilithande iZwi likaNkulunkulu bakwethu. Masilifunde, sizindle ngokujula ngalo. Masikholwe konke okukulo, siduduzwe yiVangeli elikulo esithethelelwe ngalo izono zethu. Masenze lokho okuyalwa kulo iZwi likaNkulunkulu, singabi abalaleli balo kuphela, kodwa sibe ngabenzi balo. Masifundise nezingane zethu amagugu eZwi likaJehova, sizifundise emakhaya ethu, sizifundise nasezikoleni.
MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.
Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalwe nguMfundisi uFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.