Now Reading
Iqhaza elingabanjwa yiNingizimu Afrika eDavos
Dark Light

Iqhaza elingabanjwa yiNingizimu Afrika eDavos

Sekuyiso futhi leso sikhathi lapho inhlangano iWorld Economic Forum (WEF) igobodisa khona ezweni iSwitzerland. Lo mhlangano waminyaka yonke ubanjelwa edolobheni iDavos-Klosters, ubandakanya amazwe angaphezu kwekhulu futhi usuke ikakhulukazi uholwa yizinhloko zala mazwe. Nonyaka le nhlanganiso ixoxa ngaphansi kwesihloko esithi “Strengthening Cooperation in a Fractured World” okungukuthi ukuqinisa ukusebenzisana emhlabeni obonakala uyinhlakanhlaka.

Le ngqungquthela esekungeyamashumi amane nesishiyagolombili, ibanjwe mhla zingama-23 kuya zingama-26 kuMasingana. Lesi sihloko okubhungwa ngaso siza emva kweya nyakenye lapho kwabe kubhekwe khona isihloko esithi “Responsive Leadership”. Eyangama-2017 yabe ibhekene kakhulu nokuthi obunjani ubuholi obudingekayo emazweni omhlaba, nokuthi kumele ubuholi bubhekane kanjani ngendlela enobuchule ukubhekana nezinselelo zanamuhla ezilethwa luguquko olusheshayo emhlabeni. Lezi zinguquko ezibandakanya ubuchwepheshe bezetheknoloji, inqubo exubile yokubuswa kwamazwe omhlaba esigabeni sasekuhlaleni, nezepolitiki kanye nomnotho nokuphathwa kwawo.

Lena yalo nyaka, ebhekelele ukuqinisa ukukwazi ukusebenzisana emhlabeni obonakala uyinhlakanhlaka, kwakhelwa phezu kwezinye izinhlanganiso zangaphambilini njengeyanyakenye. Ukukhula ngesivinini kwezibalo zabantu emhlabeni, okuhlawumbiselwa ukuthi ngonyaka wezi-2030 kuyobe sekufinyelele kubantu abayizigidigidi eziyisi-8.5, kuza nobuhle kanye nezingqinamba kuhle komfula ungenisa. Ngokwabezimboni nabamabhizinisi ehlukene kuletha ithemba ngomnotho abazothi bakwazi ukuwenza ngenxa yezinkumbi zabantu okumele zikwazile ukuthenga izimpahla nemikhiqizo eyehlukahlukene. Kwenye ingxenye, kunenzukazikeyi ehambisana nokuthi abantu abahlwempu nabahlulekayo ukuba yinxenye yokukhula kwalo mnotho othakaselwa ngabanye, bazokhula ngesivinini esesabekayo emhlabeni.

Okunye okuphinde kulethe ingcindezi ukuchukuluzana okubonakala kuqhubeka kwenzeka phakathi kwamazwe ayizikhondlakhondla nalawo abukeka emancane kodwa kube kwesatshelwa ukuthi ahlome ayizingovolo. Lapha singabala izwekazi i-USA iNorth Korea, iRussia namanye amazwe lapho kubukeka ukungqubuzana kwawo kungase kudale umbhedukazwe oyoletha ukufa kwabaningi, inhlupheko nokuphazamiseka kwemvelo.

Okwesabekayo ikakhulukazi ukusetshenziswa budedengu kwezikhali zenuzi okungase kwenzeke. Kuzokhumbuleka ukuthi mhla i-USA iqala isebenzisa lesi sikhali eJapan edolobheni iHiroshima, kwenzeka umonakalo ongayiwa.

Okunye osekuke kwabhekwa uguquko olulethwa wubuchwepheshe bethekhnoloji i-4th Industrial Revolution. Nxa selungene shi lolu hlelo kusatshelwa ukuthi luzoshiya abantu abaningi nganxanye nxashana kukhulunywa ngokudaleka kwamathuba emisebenzi. Phela imisebenzi eminingi ingase ithathwe uchungechunge lwemishini, okungamarobothi. Ukukhuluma budedengu namazwi anohlevane akhulunywa ngabanye babaholi kwabanye nokudicilela phansi isithunzi sabanye abantu, njengalokhu sibone uMnu uTrump enza kubantu abangabokudabuka e-Afrika. Lokhu kanye nokuningi kuletha uhlevane nokungaqondi ukuthi ukuphilisana kwabantu emhlabeni kuzohamba kugcine kahle yini noma kuyogcina sekufike kuwo umbhedukazwe.

Njengalokhu iSekela Mengameli laseNingizimu Africa, uMnu uRamaphosa kunguyena ohola ithimba losomabhizinisi, ososayensi, abaholi bezinhlaka ezehlukene eNingizimu Afrika, ubhekene nenselelo ethi nxa emele izwe kufanele athengise okuhle kodwa ngalo lapho kufanele aveze ukuthi lisekhona yini ithemba kulabo abafanele ukutshala izimali ezweni. Lokhu kumele akwenze phezu kwesimo esithi njengenhlangano ebusayo ka-ANC, basanda kuthatha izinqumo ezinzulu ngokuthathwa komhlaba kwabamhlophe abasagweve nengxenye enkulukazi kuyimanje. Lokhu kubuye kubandakanye nesinqumo sokuguqulwa kwebhange eliyingodla ukuba libe ngaphansi kombuso jikelele nezinye izinqumo ezingase zingahambisani nabatshali zimali. Kuzokhumbuleka ukuthi kuleli lizwe lase Switzerland, kuyilapho uMengameli wokuqala wedemokhrasi kwathi nxa esekhona wabonakala eseshaya ingwijikhebu maqondana nenqubo eyayimele mayithathwe yiNingizimu Afrika emva kwenkululeko.

Ukushintsha ikhwelo kukaMnu uMandela kwacacisa ngokusobala ukuthi umfuzelelo wale nhlanganiso uyakwazi ukuguqula imicabango yabaholi. Phela kuyilapha zidlana khona imilala, futhi kuphinde kuhlaziywe izinqubo zamazwe omhlaba ngokwehlukahlukana kwazo kupolitiki yezomnotho, kwazise kusuke kukhona ongqondonkulu bamazwe omhlaba ezigabeni ezahlukene lapho bebanezinhlanganiso ezingaphezu kwamakhulu amane kulezi zinsuku behlangene.

See Also

Esingeke sikungabaze ukuthi igebe phakathi kwalabo ababusayo bekhomba ngophakathi, futhi bedla izambane likampondo, kanye nalabo abadla imbuya ngothi likhula kakhulu mihla yonke. Yingakho umbiko wenhlangano engenanzuzo i-Oxfam ikubeka kucace ukuthi kunomsebenzi omkhulu okumele abaholi bomhlaba bawenze ukuletha ubuholi obuqotho nobuzokwazi ukuletha uzinzo emhlabeni jikelele. Ukuqhubeka nephesenti elilodwa labantu emhlabeni kube yibo abaqhoqhobele umnotho ongaphezulu kwengxenye yonke yabantu bomhlaba kuyichilo elihambisana nokwehluleka kobuholi ikakhulukazi bepolitiki.

Nxa okaRamaphosa esabheke kumbe esebuya eDavos, umehluko awuzukulethwa ukuba yingxenye nje yale nhlanganiso, kepha umehluko uzolethwa izithelo ezimele mazivele eNingizimu Afrika. Kuyomele imigomo kaHulumeni wakhe ikwazi ukunciphisa igebe elikhona phakathi kwabampofu nabacebile. Iphinde futhi ilethe uzinzo ezinhlangeni ezahlukahlukene eNingizimu Afrika, lapho sibona kuqhubeka kuba negebe phakathi kwahoHlanga nabelungu. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi iNingizimu Afrika le, izwe elihlezi phezulu ekubeni negebe phakathi kwabantulayo nabacebileyo.

Ezweni lengcebo, izwe lawokhokho, kwelingafelwa nkonyane enethunga akumele isengele phansi!

  • UMnu uGugulethu Xaba ungumsunguli we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathelene nentuthuko yezezenhlalo nomnotho. Uyilungu leBhodi lenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.
Scroll To Top