Now Reading
UMbalula uyobhula umlilo eManguzi namuhla
Dark Light

UMbalula uyobhula umlilo eManguzi namuhla

UMPHAKATHI waseManguzi, nezindawo ezakhele isifunda uMkhanyakude usuqome ukuzithathela umthetho ngezandla ukhala ngezinga eliphezulu lokudunwa kwezimoto ziweliswe umngcele iKosi Bay ziyodayiswa eMozambique. Sekuphele isonto umphakathi uvale izitolo, ushisa amathayi emgwaqeni kwamiswa nokufunda ezikoleni ngoba uthi ufuna uHulumeni alalele izikhalo zawo zokuthi kube nesivumelwano phakathi kweNingizimu Afrika neMozambique ukuqeda lesi sihlava. Sekungenelele noNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uFikile Mbalula ozohambela le ndawo namuhla eyozwa izikhalo zomphakathi. Ngokusho komphakathi, lobu bugebengu buneminyaka benzeka okwenza umphakathi ugcine usuhlalele ovalweni njengoba sekuze kwaphuma nezidumbu.

Okunye okwenziwe umphakathi ukuvala emngceleni iKosi Bay owehlukanisa la mazwe. Kuvalwe ngamatshe, namathayi avuthayo ukuze kungedluli lutho oluphumayo nolungenayo kuleli. Into ehluthula kakhulu izinhliziyo zomphakathi ukuthi lezi zigebengu kusolakala ukuthi ziyaziwa emphakathini zifihliwe ngabathize. Kuthiwa zingena emzini enezimoto zihlomile zithathe imoto bese ziyamdubula lowo ezimficile. Isigameko sakamuva yileso sokudutshulwa kubulawe owesifazane waseThandizwe ohlaselwe ekubo. Kuthiwa kuthe uma bengamtholi umnikazi wemoto bazama ukuyiduna behluleka base bedubula lona wesifazane washonela khona lapho.

Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa ngenxa yokwesabela impilo yalo lazise elaboHlanga ukuthi isimo namanje asikalawuleki, kunalokho sishuba usuku nosuku. “Akukho ukungenelela kukaHulumeni wakuleli, kade sasikhala ngalokhu kuhlukunyezwa yilaba bantu, bayizidlamlilo bayesatshwa. Uma uke wazama ukunqaba nemoto yakho bayakubulala. Sesesaba nokuthenga izimoto ngenxa yokuthi uma beke bakubona uhamba ngayo, bayafika ebusuku bayithathe,” kusho ilungu lomphakathi. Umphakathi waseMkhanyakude yiwona ohlukumezekile ngalesi simo, kodwa kuzwela kakhulu eManguzi njengoba besondelene nomngcele. Lokho kwenza ukuthi izigebengu zenze lo mkhuba ngesikhathi esincane zibe seziwelela eMozambique.

Omunye wamalungu omphakathi naye ocele ukungadalulwa ugxeke ukusebenza kwamaphoyisa nokuba nesandla kulobu bugebengu. “Amaphoyisa adlala ngabantu la emphakathini, uwabona ngokuthi akhona ayasebenza uma kukhona imicimbi emikhulu esuke ixhaswe uHulumeni kuqiniswe ezokuphepha emuva kwalokho bese kuba kwampunz’edlemini. Azidedela kanjani izimoto zakuleli zedlule ngaphandle kwamaphepha azigunyazayo. Uma imoto ike yathathwa kuleli akube kusaba lula ukuthi ibuye. Kudala sinxusa uHulumeni ukuba uqinise ubudlelwano noHulumeni waseMozambique ukuze kube nokusebenzisana kuqedwe lobu bugebengu,” kusho lona wesifazane. Njengoba kuqhubeka le mibhikisho umphakathi uthi ufuna isixazululo sokuthi kulandwe lezi zimoto eziseMozambique kube nanezinhlelo zokuthi zilandwa kanjani.

Uma kungenjalo wesabisa ngokuthi uzoqhubeka nokubhikisha kume nse nokuba khona koMkhosi WoMthayi ohlelwe ukuthi ube ngomhla zili-17 kuNhlolanja kuso lesi sifunda. Okhulumela uMnyango Wezokuphepha Komphakathi KwaZulu Natal uMnu uMluleki Mtungwa ukuqinisekisile ukuthi uMphathiswa uMnu uMxolisi Kaunda uhambele indawo yaseManguzi nalapho eyohlangana neminyango kaHulumeni kulesiya sifunda, ubuholi bendabuko ngenhloso yokuyolandelela lokho okwakushiywe kuthenjiswe uMengameli uZuma ngenkathi ehambele kule ndawo ngoMbasa wangonyaka odlule. UMtungwa uthe: “NjengoMnyango siyalwazi udaba lwesiteleka esenzeka eManguzi, uMphathiswa uKaunda ubehambele kule ndawo ngoLwesibili ngenhloso yokulandelela ukuthi lezi zinhlelo ezazishiwo ukuthi zizokwenzeka kule ndawo sezihambe zafika kuphi . Ezenye zazo ukunwetshwa kwesiteshi samaphoyisa, ukwandiswa kwesibalo samaphoyisa ukulwa nobugebengu kanye nokuntshontshwa kwezimoto.

See Also

Njengamanje bangama-50 abantu asebeboshiwe ngamacala obugebengu nokwebiwa kwezimoto.” INkosi yesizwe sakwaTembe iNkosi uMabhudu Tembe ikuqinisekisile ukuthi umbhikisho usaqhubeka. “NjengaMakhosi sikuzame konke okusemandleni size salanda noMengameli wezwe. Uma umphakathi ukhala kanje nathi akukho esingakwenza. Umphakathi usucele ukuthi kungenelele uNgqongqoshe WamaPhoyisa uMnu uFikile Mbalula ngokushesha. Sesikuzwile ukuthi uma kungafinyelelwa ezivumelwaneni umphakathi uzophikisana nokuthi kube khona uMkhosi WoMthayi. Ngeke sazi kodwa noma lokho sekuhambisana nezinhloso zabathile yini.”

Scroll To Top