Now Reading
UMkhandlu nephumalimi bajezisa umndeni ongezwa
Dark Light

UMkhandlu nephumalimi bajezisa umndeni ongezwa

SITHUKUTHELISE iHhovisi le-Ingonyama Trust Board (ITB) isenzo esinonya samakhansela kaMasipala uMlalazi eShowe ahlangene nosomabhizinisi babelungu kwabhidlizwa imizi yabantu ngoba bedayiselene ngokungemthetho umhlaba weNgonyama.

Lokhu kulandela isinyathelo salawa makhansela nomndeni wakwaChannells ongosomabhizinisi endaweni okuthiwa bavele ngoLwesine ezintathakusa bangenela imizi yomphakathi wakwaMaqedipuleti ngogandaganda bayishaya yaba zicaba izimpahla kwaba wubusaphasapha.

Isizathu sokususwa komphakathi ngendluzula yingenxa yokuthi awufuni ukusuka kule ndawo yokhokho bawo esihlonzwe njengokuzokwakhiwa kuyo inxanxathela yezitolo.

Le ndawo yakwaMaqedipuleti esidayiselwe umndeni wakwaChannels nenkampani u-Amber Down ingaphansi kweNgonyama njengoba isezabelweni. Lo mndeni wakwaChannells usola lo mphakathi wakwaMaqedipuleti ngokugoloza ukusuka endaweni yawo abathi bayidayiselwa nguMasipala uMlalazi.

Isekela le-ITB, uMahluleli uJerome Ngwenya ozifikele mathupha ukuzozibonela umonakalo odaleke ngesikhathi umphakathi ubhidlizelwa izindlu ubikele iBAYEDE ukuthi simshaqisile isihluku nonya okukhonjiswe nguMasipala uMlalazi nalo mndeni wakwaChannells ngokubhidlizela lo mphakathi imizi yawo.

“Ngeke sithule kudlalwa futhi kwephulwa ilungelo lomphakathi ngalolu hlobo. Sizowulekelela lo mphakathi ukuba ubuyiselwe endaweni yawo. Sizofuna incwadi yeNkantolo eyisivimbelo,’’ kusho uMahluleli uNgwenya obezwakala ukuthi uthukuthele ngalesi senzo samakhansela.

UMahluleli uNgwenya ufanise lesi senzo samakhansela aseMlalazi sokususa abantu endaweni ngendluzula njengesenzo esasenziwa nguhulumeni wobandlululo nowamakoloni lapho abantu abamnyama babengancengwa besuswa ngendluzula ezindaweni zabo.

“Kuyadabukisa ukuthi lo mkhuba wokususwa kwabantu ngendluzula ezindaweni zabo usaqhubeka namanje yize sekuphethe uhulumeni wentando yeningi. Noma ngabe kuthuthukiswa indawo ngenhloso yokuvula amathuba omsebenzi kodwa ngeke sivume kuhlukunyezwe umphakathi. Okwesibili sifuna ukwazi ukuthi badayiselene kanjani le ndawo yeNgonyama nokuthi imali okwadayiselwana ngayo yashonaphi,’’ kusho uMahluleli uNgwenya.

UMahluleli uNgwenya uqhube wathi: “Umhlaba weNgonyama awudayisi kodwa uyaqashiswa kulabo abafuna ukuqalisa amabhizinisi.’’ Lo mhlaba wakwaMaqedipuleti ungaphansi kwenkosi uThemba Zulu.

Okhulumela umphakathi wakwaMaqedipuleti, uMnu uBongi Molife okumanje usekubhaceni ngemuva kwemizamo yokumsoconga ubikele iBAYEDE ukuthi sekunesikhathi belwisana nokususwa endaweni yabo.

Lesi sigameko sokubhidlizwa kwemizi yabantu nesishiye umphakathi waseShowe ukhexe imilomo senzeke ngoLwesine. UMnu uMolife futhi ongumzukulu kaNkk uManamela ongumnikazi wendawo uthi nabo bavuswe isidumo sogandaganda abebecekela phansi yonke into.

“Ngithe uma ngibheka ngathola ukuthi labo gandaganda baphelelezelwa ngonogada abahlomile, amakhansela kaMasipala uMlalazi kanye nomndeni wakwaChannells abathi sebengabanikazi bendawo,’’ kusho uMnu uMolife.

“Ngithe ngiyabuza ukuthi ibhidlizwelani imizi yethu kwathi awangidle angifele amakhansela noMnu uRichard Channells oyindodanana kaMnu uGuy Channels bethi bayibhidliza ngoba sinamakhanda aqinile kade besincenga ukuba sizisukele kahle kule ndawo kodwa asizwa. Bathe sebephelelwe yisineke sokuncengana nathi yingakho sebebone kungcono basebenzise indlakadla,’’ kusho uMnu uMolife.

Umphakathi obuhlala kule ndawo usale nobukugqokile njengoba ogandaganda bebhidlize imizi kunempahla phakathi. “Sengilivulile icala lokucekelwa phansi kwempahla yethu kanye necala lokwesatshiswa kwami njengoba ngingasalali nasekhaya ngenxa yamadoda angaziwa ahlomile ahlale efika ekhaya ebusuku aἀke akhahlele izicabha ashaye namawindi ethi afuna mina,’’ kuqhuba uMnu uMolife.

See Also

UMnu uMolife uthi ngoLwesine kusize inja ezame ukubaphebeza besho ukungena. “Laba bantu abahlasela ebusuku ekhaya bagcine bebulale inja yami ngoba ibibaphazamisa. Nami ngiyithole isifile ngakusasa ekuseni ngoLwesihlanu inenxeba,’’ kuqhuba uMnu Molife.

UDkt uNkunzi Zungu ohlobene nomndeni wakwaManamela ukuqinisekisile ukuthi udaba lokubhidlizelwa kwabantu imizi nokususwa ngenkani sebelufake kubameli ngenhloso yokuthola incwadi yenkantolo eyisivimbelo.

“Asikwazi ukuthula sibukele kuhlukunyezwa umndeni kababekazi endaweni yawo ngenxa yenkohlakalo eqhutshwa ngamakhansela athile aseMlalazi agwazelwe amaBhunu akwaChannells ukuze kuhlukunyezwe umphakathi wakithi omnyama. Sizolwa kuze kube sekugcineni,’’ kusho uDkt uZungu.

Okhulumela i-ITB futhi oyiphini likasihlalo wayo, uMahluleli uJerome Ngwenya watshela iBAYEDE, ukuthi bona njengehhovisi le-ITB abahambisani nokuhlukunyezwa komphakathi owakhele indawo ye-Ingonyama Trust Board. “Ngokusho kwemeya uJeke Zulu yathi umphakathi wakwaMaqedipuleti uzonxeshezelwa ngezindlu zomxhaso umuzi ngamunye. Kodwa okwamanje usazoyogcinwa ematendeni kuze kube luyaqaliswa uhlelo lokwakhiwa kwezindlu yize kungakaziwa ukuthi luyoqala nini.”

Waphinda wathi nabo akukho abangakwenza ngoba isivumelwano sokudayiselana ngale ndawo senziwa umasipala usaphethwe yi-IFP. UNkk uMary de Haas obhekelele udlame lwezepolitiki KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi naye uyalulandela udaba lokususwa komphakathi wakwaMaqedipuleti.

“Kumanje sengithumele abameli ukusiza lo mphakathi ohlukunyezwayo. Futhi ngilandela nodaba lokutshalwa kwenkampani yonogada abahlomile abangenagama okuthiwa yibo abasusa abantu ngendlakadla endaweni,’’ kusho uNkk uDe Haas.

UNkk uDe Haas uqhube wathi kuyaxaka ukuthi uMasipala uwususa kanjani umphakathi endaweni ye-ITB. “Kumanje ngilandela nodaba lwemizamo yokusocongwa kukaMnu uMolife okuthiwa kwenziwa ngabantu abangaziwa,’’ kuqhuba uNkk uDe Haas. NoMnu uMolife ukuqinisekisile ukuthi ikhona inhlangano yabameli esuka eCape Town emthintile ngenhloso yokuzobasiza.

Scroll To Top