Akwaziwa mbhantshi ukujiya kwaweSADC


NOMA izwe nezwe e-Afrika eseNingizimu linesimo salo elibhekene naso kwezepolitiki, kodwa muva nje okwenzekile okuthinta omengameli kuveze esinye isithombe ngesifunda. Ukuthi ibaphi omengameli abazolahlekelwa amandla noma baqhubeke nokuhola amazwe abo ngowezi-2018, nokuthi lokhu kuzokwenzeka kanjani kuzoba nomthelela othile esifundeni. Njengoba unyaka uqala uMengameli uJoseph Kabila usabambelele ekuholeni, futhi usekuvezile nokuthi ayikho imali eyenele engelekelela ukuze kubanjwe ukhetho. Njengamanje isimo sishubile abantu baseDRC abayizwa indaba yakhe. Kugqame imibhikisho eKinshasa nakwezinye izifunda. Wonke umuntu ubhekile ukuthi uzosifeza yini isethembiso asenza sokubamba ukhetho ngoZibandlela nonyaka. Amanye amazwe esifundeni aqale unyaka ngendlela ethembisayo. EBotswana uMengameli u-Ian Khama, usalelwe izinyanga ezimbili esesikhundleni, indawo yakhe izobe isithathwa isekela. EZimbabwe nase-Angola omengameli abebengathintwa abaphathe iminyaka engaphezulu kwama-30 amandla abalahlekele ngowezi-2017 ngezindlela ezehlukene.
Uma sibheka uMnu uRobert Mugabe eZimbabwe wazimbela yena igodi ngokuhlohlwa umkakhe uGrace ukuba axoshe iSekela lakhe uMnu u- Emmerson Mnangagwa. ISouthern African Development Community yayingadingi ukungenelela futhi nokwelekelela ngezingxoxo zokuthula eyayikuhlela kwakungadingeki. Esikhundleni salokho amasosha aseZimbabwe asebenzisana neqembu elibusayo iZanu-PF, ukumkhipha afaka uMnangagwa. Konke lokhu kwenzeka ngokuthula. IZimbabwe izoya okhethweni phakathi nonyaka, uMnangagwa usekushilo ukuthi ukhetho luzoba ngolukhululekile futhi nezingqapheli zamazwe zizoba khona. Njengoba amasosha Kwakushubile kubonakala engene ngomkhono nesiphanga ekusebenzeni kukaHulumeni eZimbabwe, namaqembu aphikisayo ehlukene nomholi weMovement for Democratic Change (MDC) uMorgan Tsvangirai, edunguzela, mancane amathuba okuthi iZanu- PF noma uMnangagwa behlulwe kulolu khetho.
E-Angola Ukuxinwa ukugula kube yisizathu esiholele ekutheni obenguMengameli uJosé Eduardo dos Santos, azicelele ukwehla esikhundleni ngonyaka odlule. Nguye ozikhombele ozongena esikhundleni sakhe ngoba ebona ukuthi noma engasekho kuHulumeni kodwa usenalo ithuba lokushaya umthetho eqenjini elibusayo okuyilo elinamandla iMPLA. Emuva kokhetho uMengameli omusha kube nguJoão Lourenço. Ufike wenza obekungalindelekile exosha izinhloko zezikhungo ezibalulekile zikaHulumeni, okuhlanganisa nendodakazi kaDos Santos u-Isabela dos Santos, owayeyisikhulu esiphezulu senkampani kawoyela iSonagol. Ngasekuqaleni konyaka uLourenco uphinde wagadla emndenini wakwa dos Santos waxosha nendodana yakhe uJosé Filomeno dos Santos, njengenhloko yeSovereign Wealth Fund. Lokhu kuyizinkomba zokuthi amandla kamengameli omdala asephelile, sekukhala esinye isicathulo.
ENingizimu Afrika Maningi amathuba okuthi uMnu uCyril Ramaphosa akhethwe njengomengameli wezwe okhethweni lwangonyaka ozayo uma i-ANC idla umhlanganiso. Emuva kokukhala ngaphansi kohlangothi lukaDkt uNkosazana MaDlamini Zuma engqungqutheleni ye-ANC ngoZibandlela, okuwuhlangothi olwalwesekwa uZuma, sekusemahlombe kaRamaphosa ukuthi uyamkhipha yini noma uyaqhubeka njengoMengameli. Isigungu esiphezulu se- ANC sehlukene phakathi ngekusasa likaMengameli uZuma. Ekugcineni amalungu ePhalamende yiwona angacacisa uma amaqembu aphikisayo ephinda efaka ePhalamende isiphakamiso sokungamethembi uZuma. ENamibia UMengameli uHage Geingob uhlangabezane nezingqinamba ekuqhubekeni nokuhola iqembu elikhulu elibusayo iSwapo. Ugcine ephumelele ukuthola amavoti amaningi engqungqutheleni yangoLwezi ngowezi-2017 yeSwapo okusho ukuthi nguyena leli qembu elizogadla ngaye okhethweni lwangoLwezi wezi- 2019. Njengamanje abemesekayo yibona abasezikhundleni eziphezulu kuHulumeni. Okwenzeka eNamibia kwehlukene kakhulu nokwaseNingizimu Afrika njengoba njengemanje iningi labasezikhundleni eziphezulu ngabeseka uZuma, kodwa okungashintsha emuva kokhetho uma uRamaphosa esenguMengameli. UGeingob akazange apholise amaseko eNamibia wathi eqokwa njengoMengameli weqembu elibusayo wabe exosha kuHulumeni labo abangazange bameseke.
EMalawi naseZambia EMalawi kuzoba nokhetho lukaMengameli ngowezi-2019, futhi sekucacile ukuthi nombango wezikhundla usuqalile. Akucaci noma owake waba nguMengameli uJoyce Banda uzobuyela yini ezweni azongenela ukhetho njengoba esekudingisweni. Ngonyaka odlule kuvele ukuthi weba izigidigidi kuHulumeni ngesikhathi esaphethe. Noma kusazothatha isikhathi ukuthi kubanjwe ukhetho lukaMengameli eZambia olulindelwe ngowezi-2021, kodwa izinto zimshubele uMengameli u-Edgar Lungu. Ngonyaka odlule ushintshe indlela yokuphatha waqinisa isandla washintsha nemithetho eminingi okwenze wangaba muhle kosopolitiki eZambia. Kube ngokokuqala kuboshwa abaholi bamaqembu aphikisayo njengoHakainde Hichilema, we-United Party for National Development. Amacala abethweswe wona agcine ehoxisiwe emuva kokungenelela kukaNobhala Jikelele weCommonwealth noSobaba bamahlelo ehlukene. ULungu uyinyomfe ngokuthi afune ihlandla lesithathu ekubeni uMthethosisekelo wezwe ucacisa kahle ukuthi uMengameli uphatha amahlandla amabili. Nasokhethweni lokugcina ngowezi-2016 wangena embobeni yenaliti.
EKENYA: Umholi weqembu eliphikisayo uRaila Odinga ngasekuqaleni kwesonto ufungiswe “njengomengameli wabantu” ngesikhathi kunombhikisho obugxibha uMengameli osemthethweni u-Uhuru Kenyatta kulandela ukhetho olwagubuzelwa umsindo nodlame. UHulumeni unqamule ukusakazwa bukhoma kwalo mbhikisho eziteshini ezintathu zethelevishini ngesikhathi izinkulungwane zabantu zihlanganele epaki esedolobheni iNairobi. UKenyatta ngaphambilini ubesabise ngokuvala iziteshi aziphuce namalayisensi lezo ezizosakaza bukhoma lo mbhikisho. Bekutshalwe inqwaba yamaphoyisa kule ndawo kodwa ngokuhamba kwesikhathi ahoxiswa. U-Odinga oneminyaka engama-73 wenze isifungo ebeke iBhayibheli ekhanda kunenhlokomo kubalandeli bakhe. Ube esebhala kuTwitter ukuthi “ungumengameli wezwe laseKenya” E-ETHIOPIA: Amazwe angama- 55 angamalungu e-African Union abonakala engazange ayitatazelele impendulo ebhekiswe kuMengameli wase- USA uDonald Trump ngamazwi akhe akamuva ngabantu base-Afrika abathutheleka ezweni lakhe. Esikhundleni sokuphendula ngasankahlu babone kukuhle ukuba balandele iseluleko sikaSihlalo wabo onguMengameli waseRwanda, uPaul Kagame njengomuntu abamkhethile. UTrump uthe abantu base-Afrika nabavela eHaiti abayizifikanamthwalo e-USA bayisinengiso ngoba bafika nezinto ezingalungile ezingcolisa izwe. UKagame uhlangane noTrump ngeledlule emhlanganweni iWorld Economic Forum eDavos lapho bekhininde le nkulumo yakhe elumelayo.
ENIGERIA: Amasosha asemoyeni abulale abantu abangama-35 ngesikhathi ehlola izindawo ezigubuzelwe udlame phakathi kwabalimi nezinduna, ngokusho kombiko okhishwe i-Amnesty International. Kusuka kuqubuke lolu dlame bangama-168 abantu asebebulewe izinkulungwane zashiya amakhaya. Into ebangwayo umhlaba ezifundazweni ezi-5. Emizamweni yokunqanda ukubulalana amasosha asebenzise izindiza ezinophephela emhlane ukuhlola isimo emapulazini nalapho evulele khona ngenhlamvu kwakhona abafayo. Kulolu dlame sekufe nabantu abangenacala abazama ukubaleka ezindaweni zabo. Amasosha athi ukudubula kwawo esemoyeni bekuwukuxwayisa nje kungekho akuhlosile noma ukulimaza izakhamuzi. ESUDAN: UNobhala Jikelele we-United Nations u-Antonio Guterres uhlangane noMengameli waseSudan u-Omar al-Bashir obhekene namacala okubulala inqwaba yabantu ezweni lakhe awethweswe yi-International Criminal Court, eHague. Laba bahlanganise amakhanda ngesikhathi kuhlangene abaholi bamazwe angaphansi kwe- African Union e-Addis Abbaba. Okhulumela i-AU uFarhan Haq uthe ukubonana kwabo bekungahlangene namacala kodwa njalo ngesikhathi esithile kunesidingo sokuba bahlanganise amakhanda babonisane ngezinhlelo zokudala ukuthula eDarfur ezesekwa i-UN-African Union Peacekeeping Force. U-Omar al-Bashir usolwa ngamacala ezempi eDarfur asukela ngowezi-2003.