Now Reading
Abazali abahloniphe zonke izikole ngokufanayo
Dark Light

Abazali abahloniphe zonke izikole ngokufanayo

NGESONTO eledlule ngizithole ngisesijwini sabazali bezingane ezifunda kwesinye sezikole esiseManzimtoti okwabe kungesabaMhlophe ngaphambi kowe-1994. Obekungibeka lapha umhlangano wokuqala wonyaka wabazali lapho bebezohlanganiswa khona nothisha babafundi ubuso nobuso, batshelwe ngenqubo yesikole onyakeni wezi-2018, bacaciselwe nangeminye imikhuba namasiko esikole nokubaluleka kweqhaza labo emfundweni yezingane zabo. Umhlangano ubuhlelwe ukuthi uqale ngehora lesi-6 ntambama futhi waqala ngalo ngqo impela. Angikuveze ukuthi kodwa mina singishayile kancane isikhathi ngenxa yesiminyaminya. Ngifike sekwedlule imizuzu emihlanu umhlangano uqalile sekuthe shaye izimoto okungangokuba indawo ngize ngayithola ebangeni eliyikhilomitha ukusuka esangweni lesikole.

Kubelula-ke nokuthubeleza ngingene ngoba vele undodakazi wami ungumfundi omdala kulesi sikole. Ngibe sengiqonda ehholo elivamise ukubamba imihlangano ngathi ngqu ngathola itshe lome inhlama. Ngibe sengitshelwa okungabafanyana boHlanga obekubonakala njengamaprefect kuveteza isilungu ukuthi umhlangano usekilasini lomfundi nothisha wakhe. Ngesikhathi ngivula kancane umnyango sakunyonyoba ngingena ekilasini lendodakazi abazali banginyokoloze kabuhlungu kwangathi lukhulu engilonile, kodwa uthisha waqhubeka nokukhuluma kwangathi akwenzekanga lutho. Emuva kwemizuwana ngizizwe ngiyingxenye yomhlangano nakuba bengesaba ukuphonsa imibuzo ngoba bekungenzeka ukuthi eminye isiphenduliwe ngingakafiki.

Angiqali ukuveza imizwa yami kwelaboHlanga ngendlela thina bazali esisukumela phezulu ngayo uma kubizwe imihlangano kulezi zikole okwabe kungezabaMhlophe, kodwa kwezethu asilubhadi kwanhlobo. Kuvamisile ukuthi imihlangano kulezi zikole ibe sebusuku sidele konke kokunye kuze kuhambe nomndeni wonke uye emhlanganweni. Abanye bethu baze bafike kumatikuletsheni abazali bengakaze bahambele nowodwa umhlangano ezikoleni zethu. Okungifikele ngesikhathi ngethamele lo mhlangano ukuthi yithi kanye bazali okumele sizisike insumpa ngemiphumela emibi yezingane zethu ebangeni le-12 ngoba yithina esibukela phansi izikole zethu, othisha bezingane ngisho nemithetho yesikole imbala. Kubonakala sesithathe umthwalo wonke wokufunda nokufundisa ingane sawubeka ezandleni zothisha ezikoleni zaboHlanga, thina satshakadula sabheka eceleni.

Ngikuqaphelile ukuthi emhlanganweni ebengikuwo abazali bayazikhathaza ngokwazi ukuthi ingane iziphatha kanjani futhi banazo nezinombolo zesikole ngisho nezothisha abazifundisayo. Sehlulwa yini ukwenza okufanayo ezikoleni zasemalokishini nasemakhaya ngoba imfundo iyefana nothisha baqeqeshwa ezikhungweni ezifanayo akukhathalekile ukuthi bafundisa ohlotsheni olunjani lwesikole. Yithi bazali esiphuma kuqala siyobhikisha emasangweni esikole emakhaya nasemalokishini uma kukhona esizwa ukuthi akuhambi kahle, kodwa asizihluphi ngokuzinika isikhathi siyohlala phansi nothisha sizwe ngezinselelo ababhekene nazo ngezingane zethu nokuthi thina singasiza kanjani kulokho. Singakugwema singabazali boHlanga ukuphendula izikole zezingane zethu nathi esafunda kuzo indawo yokuzitshinga sizishiye kanjalo sithi nguthisha oyobona sekuqoqwa. Ezikoleni okwabe kungezabaMhlophe akwenziwa ngamlingo futhi akufundisi othisha abayiziqengqe ukwedlula abasemalokishini, kodwa okuhamba phambili khona ukuhleleka nokubambisana kwabo nabazali.

See Also

Ngesikhathi kuvulwa izikole ngakuveza ngaphansi kwengosi Umbono Wephephandaba ukuthi kuba yihlazo elikhulu uma sekuvela ukuthi umzali akazi nokuthi ingane yakhe yenza ziphi izifundo nokuthi iwuphi umsebenzi efuna ukuwufundela emuva kukamatikuletsheni. Engikushoyo ukuthi izigungu zabazali azingagqami nje kuphela ngoba nakhu kukhona okungahambi kahle esikoleni, kodwa azibonakele zibamba neqhaza nasekubhekeleleni ukuthi ukufunda kuqhubeka kahle ezikoleni. Asibone phela nothishanhloko ezikoleni zasemakhaya nasemalokishini bebiza imihlangano yokuqala konyaka bazise abazali ngezinhlelo zesikole ngoba bakhona abazali abakubabele ukubambisana nabo ukuze kusizakale abafundi kuthuthukiswe nemiphumela yokuphela konyaka.

Scroll To Top