Now Reading
Ubudlelwano baboHlanga namaNdiya abungashawa ndiva
Dark Light

Ubudlelwano baboHlanga namaNdiya abungashawa ndiva

ONYAKENI wezi-2016, lapho iNingizimu Afrika isiphila ngaphansi koMthethosisekelo wedemokhrasi kanye nesizwe sesibizwa ngothingo lwenkosazana kuhle siqaphele ukuthi siphumaphi, siphokophelephi ebese sibheka ubuhlakani namaphutha asendulo ukuze singaziphenduli impindamshaye. Umhlaba wonke uyavumelana ngokuthi aboHlanga bangumnsinsi wokuzimilela e-Afrika, kanjalo namaphumalimi angowomnsinsi eNtshonalanga kanjalo namaNdiya, namaShayina angowomnsinsi e-India naseChina njalo njalo. Sizovumelana ngokuthi inhloso yamakoloni lapha kwaZulu kwakungekhona ukugqilaza abantu nje kwaphela kepha umongo wawo kwakuwukudlondlobalisa abaseNtshonalanga ngokwezomnotho. Ekufezeni le nhloso yabo basebenzisa zonke izindlela zokucindezela aboHlanga. Lokhu kakwanelanga emaNgisini, ngoba ngowe-1860, omacaphunakusale bahlangana basungula inkampani iNatal Land and Colonization Company (NLCC).

Inhloso enkulu yale nkampani kwakuwukunxenxa amaNgisi ukuthi azohlala eNatal ngesthembiso sokuthola udede womhlaba bezophinde bayithole kuNLCC imali yokuthuthukisa lowo mhlaba. Lokhu baphumelela ukukwenza ngokuthi ikoloni yamaNgisi eNatal yahlasela uZulu yamephuca umhlaba kanye nemfuyo njengoba sazi ngazo zonke izimpi ezaliwa ngokhokho besilwela kwaze kwaduma nezulu eSandlwana. Ngowe-1860, iKoloni yaseNatal yakhalelwa ngabalimi abangamaNgisi ngesidingo sokuba nabasebenzi. Yilapho kwaphuma khona isinqumo sokuthi akulandwe amaNdiya ukuze bazosebenza kulo mhlaba onezimoba nokunye. Ngenxa yezimpi amaNgisi ayezilwa noZulu, iningi lamaNgisi kalizange lize eNatal lokhu kwaphoqa iKoloni yaseNatal ngowe-1870 ukuba ivumele amaNdiya eze ngokukhululeka eNatal futhi evunyelwe ukuhweba kanye nokuthenga umhlaba kanye nezakhiwo njengoba sazi ukuthi uMnu u-Aboo Baker Amod waba ngumNdiya wokuqala wokuba ngumnikazi webhilidi phakathi nedolobha leTheku. Muningi umhlaba iNLCC eyawuthengisela amaNdiya.

AmaNgisi ayeluthemba kakhulu uhlanga lwamaNdiya, ewabona njengezincelebane zabo, nawo amaNdiya ayekuthokozela lokhu. Ubufakazi balokhu sibuthola kokwenzeka ngomhla zili-14 kuNdasa we-1900, emhlanganweni weNatal Indian Congress (NIC) owawubanjelwe eCongress Hall kuGrey Street. U-Adv R. K. Khan wathi “Kuyangithokozisa ukubona amadodana amaNgisi kanye nawamaNdiya ehlangenyele ndawonye.” Ngesikhathi seMpi Yamakhanda eyaphakwa iNkosi uMbambatha nabanye ngowe-1906, umholi wamaNdiya uMnu uMohandas Gandhi wabhala ephepheni lakhe i-Indian Opinion wathi amaNgisi kufanele abone ukuthi amaNdiya anebutho elingakananani angalisebenzisa.

Ngakho kuyasicacela ukuthi ubudlelwano bamaNgisi namaNdiya babungafani neze nalobu amaNgisi ayenabo naboHlanga. Lokhu kufakazelwa wudlame olwaqubuka ngonyaka we-1949, emva konyaka kungene i-Afrikaner National Party kaD.F Malan njengenhlangano ebusayo. Kulolu dlame lapho kwabambana khona aboHlanga namaNdiya. Iningi laboHlanga lwalukhala ngobudlelwano abanabo nabaqashi abangamaNdiya, bekhala ngokuxhashazwa, besetshenziswa kanzima kepha bengaholelwa okubafanele, behlukunyezwa emsebenzini, abesimame bekhala ngezinga lokunukubezwa ngokocansi ngabaqashi abangamaNdiya. AboHlanga baphinde bakhala ngokuthi imithetho eyayikhona ezweni yavuna wona nabamhlophe kepha uyabacindezela aboHlanga okwenza wona akwazi ukudlondlobala kwezomnotho kodwa aboHlanga becindezelwa. Kwaphinde kwaqubuka udlame eminyakeni yama-80 lapho izitolo zamaNdiya zashiswa aphinde atholana phezulu naboHlanga. Nakuso lesi siwombe, kuyavela ukuthi lolu dlame lwalususwe ukungenami kwaboHlanga ngobudlelwano abanabo nohlanga lwamaNdiya, ikakhulukazi esimweni lapho iNdiya lingumqashi okanye umphathi, owoHlanga engumsebenzi.

See Also

Uma sesibuyisa umqondo sibeke indlebe phansi emhlabathini, siyathola ukuthi aboHlanga abaphila manje nabo kabeneme neze ngobudlelwano abanabo namaNdiya, ikakhulukazi lapho owoHlanga engumsebenzi umNdiya engumqashi. AboHlanga bakhala kakhulu ngezinga lokuxhashazwa, ukulinyazwa nokudutshulwa ngabaqashi kungabi ndabazalutho, ukuphiliswa ngokwesatshiswa, ukunukubezwa ngokocansi kanye nokuqashwa ngalo ikakhulukazi abantu besifazane, izinsizakusebenza aboHlanga abazinikwa nhlobo kanti nesimo sabo sezempilo uma besebenza ngezinto ezibucayi asinakekelwa. Iningi labo alubhaliswe njengabasebenzi kanti namaphepha akhombisa ukuqashwa kabawatholi, abanye kabavunyelwa ukuba bamelwe izinyunyane ngakho amalungelo kabanawo.

Okwenza lesi simo sibe yingozi ukuthi iningi losomabhizinisi abangamaNdiya banobudlelwano nabaholi abamele aboHlanga ezinhlakeni zonke zikaHulumeni, zepolitiki kanye nokunye. Lobu budlelwano benza uvo kanye nezikhalo kwaboHlanga kungezwakali ngoba kunabathile abangafuni ubudlelwano babo buphazamiseke ngenxa yalokhu okwaziwa yibo bodwa. Okuphinde kube yisizathu esikhulu esenza aboHlanga benganami ukungamukeleki kwabo emnothweni waKwaZulu. Ngenxa yamaNgisi, uhlanga lwamaNdiya yilo oluhamba phambili kakhulu emnothweni wesifundazwe elandela abamhlophe, kepha ngokwesibalo KwaZulu-Natal aseyabedlula abamhlophe, lokhu bakwazi ukukwenza ngohlelo lukaHulumeni Kazwelonke olubizwa ngeBlack Economic Empowerment (BEE) lapho ebalwe khona kanye naboHlanga. Okumqoka okumele kwenziwe nguHulumeni ukuvuma ukuthi inkinga ikhona kulobu budlelwano ukuze kuzosheshe kufinyelelwe embuzweni wokuthi lesi simo sizolungiswa kanjani. Ngiyafisa sengathi uHulumeni wesifundazwe angake alusukumele lolu daba  ngokuzikhandla kanye nokuzithoba ngoba uma luzosukunyelwa ngombono wokukhohlisa aboHlanga, singasho sikhululeke sithi lukhulu luyeza luyanyelela. Intsha iyahlupha ngoba kayivamile ukubekezelela into engayiboni kahle isikhathi eside, ngakho kuhle uvo lwabantu lulalelwe, ubudlelwano baboHlanga namaNdiya bungashawa indiva.

Scroll To Top