Now Reading
Usizi luyaqhubeka kubafundi boHlanga eminyakeni engama-24
Dark Light

Usizi luyaqhubeka kubafundi boHlanga eminyakeni engama-24

Phezu kokuveza isithombe esihle ngosopolitiki iqiniso lithi kusenzima kwaboHlanga

IMFUNDO iyisikhiye sempumelelo kanti nekusasa lezwe lincike kuyona, kepha izingqinamba nezinselelo abafundi boHlanga abedlula baphinde babhekane nazo nsuku zaphuma ngenhloso yokuthola le mfundo, zikushiya ubambe ongezansi.

Kwejwayelekile ukuthi imindeni yaboHlanga ibe mikhulu ibe nezingane ezintathu kuya phezulu ezifundayo. Ukuhlala nezihlobo ekhaya elilodwa ngenxa yezimo ezehlukene zempilo nakho kwejwayelekile, ngaleyo ndlela kuyasizwana. Kuthathwa izingane eziyizintandane kuhlalwe ndawonye kuqhutshwa ubuntu.

Ukuvuka kusempondo zankomo kwabafundi, kubangwe amanzi okugeza nawo atholakala kanzima nendishi yokugeza ngenxa yokutatazelela ukuya esikoleni kungamahlalakhona. Ukudla okusale ngayizolo okungenzeka ugcine ukushebe nezinyembezi, noma kwakudla sekungasenele. Kwesinye isikhathi uphuze umbhubhudlo noma amanzi maqede ungene indlela eya esikoleni, kuyindlela abafundi abaningi boHlanga abaqala ngayo usuku lwabo.

Uma kwenzekile waselwa, uzwa ngabanye abafundi sebememeza esangweni lakwenu, bekukhumbuza ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa kuyiwa esikoleni, bekhala ngokuthi uyababambezela. Basuke bebona indlela esazohanjwa, becabanga nomhosha abasazokwedlula kuwona odinga ukuthi babe yiqulu uma bezokwedlula ngakhona ngenxa yezinswelaboya ezinezinhloso eziningi ezehlukene.

Ukuhamba emgwaqeni owobhuqu, kwenza ufike esikoleni usumthuqasi nezicathulo sezingabonakali nokuthi zike zawuthola upholishi. Ukuphatha inkece uma uya esikoleni, amaqabuqabu. Uma kwenzekile kwakhona okuzwelayo ekhaya wakupha upondo (R2), uzizwa ngalolo suku ungusozimali. Kodwa ngenxa yensizwa thizeni eyibhoklolo futhi ekhulile kunabanye, ibethembisa induku, iyithathe yonke leyo mali. Phela leli bhoklolo seliyabhema, futhi seliqonyiwe. Lokhu kudalwa ukuthi usekhulile unkunzana lo, futhi usehlakahlakaniphile akusafanele ukuba usafunda ibanga akulona.

Lokhu kungezinye zezinselelo ezimbalwa ezenzeka umfundi engakafiki nasemagcekeni esikole. Usizi olubhekana nabafundi boHlanga ezikoleni zasemakhaya nasemalokishini lubukeka luyinto engakaqandeki neyenza kube lula kakhulu ukuba abafundi bathathe izindlela ezinqamulelayo zokubhekana nempilo okubalwa kuzona ukuyeka isikole, nokwenza imisebenzi engaholeli ngendlela efanele futhi engagculisi. Kuleli sonto ElaboHlanga libukisisa ezokuthutha ezikoleni, ukugcwala kwezikole, izinga lezemfundo ezikoleni zasemakhaya nasemalokishini kanye nezidakamizwa ezidla lubi kulezi zikole.

Uhlelo lwezokuthutha

Ukungabibikho kohlelo oluphelele lwezokuthutha oluhlinzeka abafundi akuyona into entsha.  Eminyakeni engama-24 yenqubo yedemokhrasi izingane zaboHlanga zisabonakala zithwabaza, ziwumhlambi kazelusile.

Ngalesi sikhathi uHulumeni ethi abafundi kumele bafunde ezikoleni eziseduzane nalapho zihlala khona, ezindaweni zasemakhaya kubukeka kusenzima njengoba izikole zigqagqene kakhulu kukhushukwa izintaba, kuwelwa nemifula, kuguduzwa nasemahlathini.

Ukushoda kwezokuthutha kubafundi kwenza ukuthi bavuke ngovivi ukuze bezokwazi ukugcina isikhathi sesikole. Lokhu kwenza abafundi bafike ezikoleni sebekhathele. Nengozi yokulimala endleleni noma ukuhlukumezeka ngezindlela eziningi endleleni okubalwa nokunukubezwa ngokocansi kuyinto engenzeka nsuku zaphuma.

Indawo yaseNhlungwane, oLundi, ingenye yezindawo ezithinteka kakhulu kulesi simo njengoba kunabafundi besikole iSibanisakhe High abahamba amabanga angama-20km  beya noma bebuya esikoleni. Lokhu kubeka engcupheni impilo yabo ngoba baguduza emahlathini, bekhuphuke izintaba bawele imifula nemihosha.

KwaNongoma eminyakeni emibili eyedlule kwaminza izelamani ezimbili emhosheni  zizama ukuwela ziya esikoleni. Ngonyaka owedlule kushone abafundi abahlanu eNtuzuma, kwalimala abaningi kushayisana ibhasi netekisi kuvulwa izikole. Abafi babefunda eSivananda High School.

NgoLwesithathu kuvulwa izikole kulimale izingane zesikole ezineminyaka yobudala ephakathi kweyisi-6 kuya kweli-15 engozini yetekisi eyenzeke eMlaza. Le ngozi yenzeke ngaphandle kwesikole iKing Shaka High okube yizinkomba zokuthi kunesidingo sokuba uHulumeni abhekisise ezokuthutha njengoba igazi liphalala nsuku zaphuma.

Izingqinamba

Izikole zaboHlanga zisadonsa kanzima ngezinsiza ezinomthelela ekugqugquzeleni isiko lokufunda nokufundisa kanjalo nasekuzuzeni imiphumela emihle.

ElaboHlanga lihambele esikoleni  iMcothoyi High eMgababa ngosuku lokuvulwa kwezikole lafica abafundi begcaluza emagcekeni ngesikhathi sokufunda. Okugqamile yisibalo esikhulu sabafundi. Uthishanhloko uNks uBabhekile Mkhize uthe banabafundi  abangama-746. Uthe isibalo sikhuphukile njengoba ngonyaka owedlule abafundi bebengama-717, ngowezi-2016 bebengama-646.

Amagumbi amane awanaphahla emuva kwesichotho sangowezi-2014. UNks uMkhize ukuvezile ukuthi udaba lokuphephuka kophahla balubika eMnyangweni Wezemfundo kodwa akukho okwenzekayo kuze kube manje.

“Ziningi izingqinamba ezikhona esibhekene nazo, isikole sethu siyazama ukwenza kahle bese kuba yikho ke ukushoda kwamagumbi anele ukufunda nokufundisela. Sinothisha abangama-21. Kuke kwaba khona isihlava sokushushumbiswa kwezidakamizwa ngonyaka owedlule sekuzobhalwa izivivinyo zokugcina zebanga le-12. Bekudayiswa ugwayi wakwaZulu ngaphakathi esikoleni sakuzwa lokho sase siba nezinhlelo nophiko lwamaphoyisa ukuzama ukukhuculula udaba lwezidakamizwa nokuphethe ngokuthi kube khona abafundi ababoshwayo,” kubeka uthishanhloko.

Ngokomthetho kaHulumeni, egumbini ngalinye kuvumeleke ukuthi kube khona abafundi abangama-35. EMcothoyi ebangeni lesi-8, kunabafundi abangama-82.

Ngonyaka owedlule lesi sikole kumatikuletsheni besinabafundi abangama-92, kwaphasa abangama-56, abangaphumelelanga bangama-36, okwenze isikole sathola amaphesenti angama-61 kumatikuletsheni ngowezi-2017.

See Also

Uqhube wathi okumkhathazayo ukuthi abafundi abanazo izikhungo zokucijwa kwamakhono. I-Ohlongeni Primary School yisikole esiseFakazi, ngaphandle kancane kweTheku. Leli phephandaba lithole ezithi uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal ukhiphe umyalelo wokuthi asivalwe lesi sikole ngenxa yokwehlelwa yisibalo sabafundi kanye nokuba ngesinye sezikole esinamabanga angaphelele njengoba siqala ebangeni lesi-5 kuya lwelesi-7. Ngonyaka odlule lesi sikole besinabafundi abangama-40 sekuhlanganiswe wonke amabanga omathathu. Othisha bebebane vo.

ElaboHlanga litheleke kulesi sikole abafundi bengabonwa ngalukhalo ngenxa yokuthi bathuthelwe kwezinye izikole ezingomakhelwane. Izikole okufudukiselwe khona abafundi bafakwe ezikoleni zamabanga aphansi okuyi-Ekuphileni, naseNungwane kanye nase-Adams Combined.

Uthishanhloko wakulesi sikole uNkk uNorah Yeni ubikele iBAYEDE ukuthi usebenze ngokuzikhandla ezamela laba bafundi izikole abazofunda kuzo kulo nyaka. “Akulona udaba olufihliwe lolu. Izingane bese zincane kakhulu ngokwesibalo okwenze singamukeleki ngokwemigomo yoMnyango mayelana nesibalo esamukelekile ukuthi kube ngabafundi abakhona kuze kuqhutshekwe nokufundisa. Sesilindele abahloli ukuthi babuyele kithi basinikeze izincwadi ezizobe zisiyalela ukuthi siyofundisa kuziphi izikole kulo nyaka,” kusho uNkk uYeni.

Uhambo lwemfundo lusemahlombe engane

IZICATHULO ezitshekile, ijezi elidala elidabukile, ucwazi wokufaka izincwadi nokuba uvanzi emgwaqeni ophithizela amatekisi namaloli empahla, ngezinye zezingqinamba zansukuzonke ezibhekana nabanye abafundi boHlanga eziqale ngoLwesithathu njengoba kuvulwe izikole.  Lolu uhambo olumazombezombe lweminyaka eli-12 lengane yaboHlanga ebhekana nalo nsukuzonke.

Iningi lalaba bafundi lihlalela ethembeni lokuphela kosizi nxa kuvulwa izikole. Ezinye zezingane zisuke zibulawa indlala zinethemba lokuthi seziyothola okuya ngasethunjini ezikoleni. Iningi lazo sezaphenduka ibhola lomnqakiswano nengqathu  ngenxa yokuthi osopolitiki nezikhulu zezemfundo bethembisa izikole izulu nomhlaba, kube ukugcina kwabo ukubonakala. Akugcini lapho kepha nabezinyunyana basebenzisa lezi zingane ukulwa izimpi zabo zamaholo okuyinto engenzeki ezikoleni okwabe kungezabaMhlophe. Ngenxa yebanga ezilihambayo, nabazali abasuke besematohweni bazithola bezilawula nempilo yabo ibe sezandleni zabo. Bahamba amabanga amade beya ezikoleni futhi bazazi kahle nezindlela ezinqamulelayo. Impilo yabo ihlale isengozini ngenxa yezinswelaboya, izilwane zasendle, nezimoto ezigijimayo.

Kule minyaka engama-24 yenkululeko kuyichilo ukuthi lolu sizi olukhungethe izingane zaboHlanga, alubonakali nje kuphela ezindaweni zasemakhaya, kodwa nakoMasipala abakhulu abanesabelomali sezigidigidi njengeTheku.

ElaboHlanga lithathe isikhathi lahambela ezinye zezindawo ukufakazela leli chilo. Endaweni yakwaNqetho eMthombeni ekude buduze nedamu elikhulu iNanda kusenzima ezinganeni zakhona eziqwala umango onzima nsukuzonke uma zibuya ezikoleni.

Ubunzima balo mqansa buzwela ngisho nasezimotweni ezishintsha amagiya ziphindelela, kodwa izingane ziwuqwala nsukuzonke. Kuba esifanayo nakwabanye abafundi bezikole zaseMbumbulu, eShowe, eNkandla, eMzumbe kuze kuyoshaya eMkhomazi  okusamele bavuke ekuseni uma beya ezikoleni ngenxa yebanga abalihambayo.

U-Aphelele Pulu wakwaNqetho owenza ibanga lokuqala eKhanyakhwesi Primary School uthe ugcine ngoLwesithathu kuvulwa izikole ukuphelezelwa ngabazali, izolo ngoLwesine uzihambele ngokwakhe. Le ntokazi encane ebingazi nokuthi liyaphuma noma liyashona iveze ukuthi bebengakaqali ukudla kodwa yakuveza ukuthi ngosuku lokuvulwa kwezikole nayizolo kukhona abakufundile. – nguSITHEMBISO MKHIZE

Scroll To Top