Selukwelinye izinga uphenyo esikolweni i-Emaxulwini


UMnyango Wezemfundo ubona imithelela engemihle odabeni lomkhonyovu osolwa kothisha
LUYA NGOKUSHUBA udaba lwezinsolo zenkohlakalo emayelana nesikole samabanga aphansi esigcemeni i-Unit 4 eHammarsdale eMpumalanga yeTheku abaphathi baso okuthiwa babanjwe oqetsheni bedayisela abazali bezingane bokufika amafomu okuthola izimvume zokuba ngabakuleli.
Lokhu kulandela isinyathelo esishubile soMnyango Wezemfundo sokujuba uphenyo olunzulu ngalezi zinsolo ngenhloso yokuba kuboshwe bonke abathintekayo. Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni amabili edlule, iphephandaba iBAYEDE ibike ngalo mkhonyovu wokukhishwa ngokungemthetho kwamafomu esikole ekhishwelwa abazali bezingane zokufika kube sengathi zifunda esikoleni iMaxulwini Primary School. Kuthiwa lokhu bekwenziwa ngomunye weziphathimandla zalesi sikole okunguNkk uThulile Miya. Kumanje sekunenkombankombane phakathi kukaNkk uMiya nothishanhloko wesikole uMnu uT. K. Mkhize ethe kwathwetshulwa isiginesha yakhe ngomunye wothisha ukugcwalisa la mafomu.
Ngakolunye uhlangothi noNkk uMiya yena ukhomba uMnu uMkhize ukuthi nguye owazana nalolu daba kodwa manje usebheca yena. uThisha okunguye owasayinda le fomu uNks uCeliwe Ntuli naye ukhomba uNkk uMiya ukuthi nguye owamyalela ukuba alisayinde leli fomu elalingabhalwe lutho kanti wenzela ukuba ahambe ayoligaya ukuze libe isibalo esikhulu. Kumanje selokhu lolu daba luphume kwabezindaba kuthiwa sekunokusongelana ngokuthengelana izinkabi phakathi kwabo.
Uthishanhloko walesi sikole, uMkhize ebuzwa ngalolu daba, yize eqale washona ezintangeni engafuni ukukhuluma ngalo, uvumile ukuthi impela lo mkhonyovu wenzekile esikoleni sakhe kodwa yena akahlangene nawo. Ethi kukhona omunye wothisha othwebule isiginesha yakhe. UMkhize uphinde wathi uyaxakeka ukuthi lolu daba obeluyimfihlo yesikole seluputshukele kanjani kwabezindaba ngoba bekuvunyelwene ngokuthi lunyathelwe. “Ngoba nothisha obethinteka uxolisile nomseshi wakwaHome Affairs wathi alusale selunyathelwa ngezinyawo,” kusho uMkhize.
Okhulumela uMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnu uMuzi Mahlambi uthe nakanjani ngeke baluyekelele lolu daba kodwa bazoluphenya ukuze bathole umnyombo walo. “Phela leli yicala elibovu futhi elibucayi ukuthi lingavele linyathelwe ngezinyawo. Sizoluphenya lolu daba ukuze bonke abathintekayo bathathelwe izinyathelo ezifanele. Ngeke sikuvumele ezikoleni zethu ukuba sigcine abantu abanje,” kusho uMahlambi othe kuyaxaka ukuthi kungani uMkhize engakalubikanga eMnyangweni kuze kube yimanje.
“Awukwazi ukumboza icala elifana naleli. Phela lezi zigilamkhuba azigcinanga ngokukhwabanisela uMnyango Wezemfundo kodwa zikhwabanisele noHulumeni imbala ngoba lezi zingane njengoba sezinikezwe la mafomu esikole sezizokwazi ukuyothola imvume yokuba ngezakuleli lizwe, zisebenzisa la mafomu,” kusho uMahlambi. Uqhube wathi: “Mkhulu umonakalo lesi sikole esesiwenzile ngoba lezi zingane zabokufika zizophinde zithole nezitifiketi zokuba yizingane zakuleli lizwe. Ziphinde uma zigula zihanjiswe emitholampilo yakuleli lizwe. Ziphinde zithole nemali yesibonelelo sikaHulumeni okumele konke kuhlonyulwe ngabakuleli lizwe. Impela yinto ebucayi esiyizwayo ukuthi yenziwe kulesi sikole.”
UMahlambi uphinde wathi odabeni lwezemfundo abaphathi balesi sikole baphinde bakhwabanisela uMnyango Wezemfundo ngisho nezakhamuzi zakuleli ngoba uMnyango wona uzokwazi ukuthi isibalo sezingane zesikole siphezulu kanti akunjalo yingoba sandiswe ngesibalo sezingane zabokufika. “Le nto ingagcina iqubule olunye udungunyane ezweni njengoba sivele isimo singesihle phakathi kwabantu bakuleli nabokufika. Phela thina njengoMnyango sizothi sekugcwele kulesi sikole bese kuvimbeleka izingane zakuleli okumele zizofunda. Okunye lokhu kuzokwenza uMnyango wandise nemali yokudla kanye nemali yezincwadi kanti sinikezwe isibalo okungeyiso sezingane ezibhaliswe kulesi sikole,” kuphetha uMahlambi.
IBAYEDE ihoshe umoya ngemithombo engaphakathi esikoleni, epotshozele leli phephandaba ukuthi selokhu kushicilelwe lolu daba ephaphandabeni uMnu uMkhize, uthisha uNks uCeliwe Ntuli babhekana ngeziqu zamehlo noNkk uThulile Miya nokuthiwa usebasongele ngokubathengela izinkabi uma kungukuthi lolu daba lubikwa eMnyangweni Wezemfundo. “Phela noMkhize ungaphansi kwengcindezi njengoba nesigungu esilawula isikole sifune lolu daba lubikwe eMnyangweni Wezemfundo. Manje sizwa kuthiwa ugcine eyibhalile incwadi abezoyithumela eMnyangweni Wezemfundo kodwa wayeselinda ngoba esethintwe ngumseshi wecala ocele ukubabona bobathathu,” kusho umthombo.
Ngokusho komthombo, uNkk uMiya kumanje usathathe ikhefu lesikhashana emsebenzini ukuyopholisa ikhanda. “NgoLwesine olwedlule uthisha uNtuli ubizwe ngumseshi uWarrant Officer uSithembiso Dube ozinze ePinetown ezobonisana naye ukuba kulungiswe lolu daba. Umseshi uDube uphinde futhi wabiza noNkk uMiya ezomyalela ukuba ayotshela uthishomkhulu uMkhize ukuba angalokothi ahambise umbiko eMnyangweni Wezemfundo ngoba lokho naye kuzomdalela amazinyo abushelelezi ngoba phela lolu daba kwavunyelwana ukuba lunyathelwe ngezinyawo. Ngakho kuzomele abuyele emsebenzini,” kuqhuba umthombo.
Omunye umthombo ongathandanga udalulwe ngegama ngoba wesabela impilo yawo ubikele iBAYEDE ukuthi uthisomkhulu ushaqekile ethola ukuthi uNkk uMiya kanti leli fomu abelikhiphela abazali bezingane zokufika lilinye ubelibiza izi-R2000. “Okunye okuvelayo ukuthi iningi lalaba bazali balezi zingane bokufika bagcwele emijondolo yaseGeorgedale, lapho beqashe khona. Kanti naye umuzi wakhe ukhona khona lapho. Okunye okucike uthishomkhulu ukuthi vele nje uNkk uMiya uhlale ephutha nasemsebenzini ikakhulukazi ngoMsombuluko ngoba nakhu enake ibhizinisi lakhe lamatekisi. ISigungu Sesikole simyalele ukuba esule emsebenzini kodwa wagoloza ethi kungcono bamshintshele kwesinye isikole ngoba lapha igama lakhe selonakele,” kusho umthombo.
IBAYEDE ithinta uNks uNtuli ukuvumile ukuthi kade eyobonana nomseshi kodwa wala waphetha ukudalula ngengqikithi yokubonana kwabo. “Mfowethu angisathandi ukuphawula ngalolu daba ngoba selungifake kwenkulu inkinga. Okokuqala mina ngendlela okubikwe ngayo ephepheni ngibekwa njengomuntu okhohlakele kube kungenjalo. Ngisho nabantu abangaziyo emphakathini ukuthi ngihloniphekile bayangivimba bengibuza ukuthi ngabe lokhu okubhalwe ngami kuyiqiniso yini,” kuqhuba uNks uNtuli obezwakala ukuthi wethukile.
UNtuli uqhuba uthi: “Mina okokuqala ngiyawuhlonipha umsebenzi wami ngangingeke ngivele ngisuke ngenze leya nto kodwa ngakwenza ngoba ngithunywe ngumphathi wami kodwa manje akusaveli lokho. Ngicela uma usulubika lolu daba ungabe usalifaka igama lami.”