Isikhungo sizohlonipha iciko ngombukiso osezingeni



UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
ISIKHUNGO sezobuciko eThekwini, iBAT Centre sizohlonipha umdwebi nombazi wezithombe u-Isaac Sithole ngokuthi kube nombukiso wemisebenzi yakhe ozodonsa izinsuku ezicela enyangeni.
Lo mbukiso obizwa ngokuthi iThe Best of Isaac Sithole: Pay Tribute to the Artist uzoqala mhla ziyisi-7 kuNhlolanja ngehora lesihlanu ntambama uze usongwe mhla zingama-28 enyangeni efanayo. Uma kuqedwa ngalo mbukiso kulesi sikhungo uzobe sewedlulela kwezinye okuyiDurban Art Gallery nakuKwaZulu-Natal Society of Arts (KZNSA). USithole ofudukele eNingizimu Afrika eneminyaka yobudala eli-16 ephuma eMaputo, eMazambique wedlule emhlabeni ngowezi-2012. Ubesebe ngumbazi nomdwebi iminyaka eli-15.
Ezwenikazi i-Afrika ubengomunye wabadwebi bezithombe futhi ongumbazi ohlonishiwayo. Kafushane nje ngaye, ukubaza ukufundiswe umngani wakhe kwelakubo eMozambique. Efikile kuleli ngowe-1990 akuphelanga sikhathi esingakanani wajoyina iBAT Centre. Ngowe-1992 uqale ukupenda imifanekiso abeyibaza nokudweba izithombe ezidle ngemibala ehehayo. Ngenxa yokuba muhle komsebenzi wakhe uphenduke inyama ezikhungweni zombukiso.
Phakathi kwezikhungo okube nemibukiso yakhe kukhona iSolo Exhibition yase-Australia, iBest of African Design-100% Zulu yase-London, e-Englang, iMenzi Mchunu Gallary, eseBAT Centre, iCentro de Estudio Brasileiros yaseMaputo, iDurban Art Gallery, iLibert Mall, eseMgungundlovu, iSolo Exhibition yaseThekwini nakweyaseMgungundlovu, i-Art Festival Kizo Gallary yaseMhlanga khona kwelikabhanana, iComplete Picture Framing, i-Art in the Park Pietermaritzburg, i-Alternatives yaseGoli, iGroup Exhibition eseGallagher Estate, i-Albert Luthuli Meseum, iNumerous Private Collection in South Africa and Abroad, iTatham Gallery Pietermaritzburg ukusho ezimbalwa.
Sisekuzo ezobuciko, uqalile mhla zili-16 kuMasingana umbukiso weKZNSA owaziwa ngeDistruption ozoze uphele mhla zizine kuNhlangulana. Kwaziswa amalungu angaphansi kwalesi sikhungo ukuthi ukulethwa kwemisebenzi kuvalwe ngeledlule. Phakathi kwemisebenzi eboniswa lapha yizithombe, imidwebo, okubaziwe, izithombe ezipendiwe, amamixed midia namacollage.
Iciko elizowashaya wonke ekhanda lizoklonyeliswa ngendondo yeJoan Emanuel Family nemali eyizi-R10 000. Isibili sizothola izi-R5000 bese isithathu sithola umthobanhliziyo wezi-R2500.