Inkinga yaphikisayo: NguKhongolose obumbene
Umbhali uthi yize kungekudala azolithola inxeba okwamanje ukuqokwa kukaRamaphosa kuzoguqula umdlalo wamaqembu aphikisayo nabezindaba
YIZE kungewona umthetho oqoshwe phansi kepha eNingizimu Afrika ikhalenda lepolitiki liqala phambi kwe-8 kuMasingana. Ngalolu suku inhlangano ebusayo i-African National Congres (ANC) yethula isitatimende okuyiso esichaza ngesimo sepolitiki nalokho yona njengeqembu esuke izokwenza kulowo nyaka. Nonyaka kukhona okwehlukile nokungenza amaqembu aphikisayo adlele ogageni. Nonyaka isitatimende sikhishwe esikhathini esicela enyangeni i-ANC yaba neNkomfa yokukhetha ubuholi obusha nokwaqokwa khona uMnu uRamaphosa. Lezi zinguquko zichaze ukuthi isitatimende sizobe sifundwa nguye hhayi lowo osenguMengameli wezwe nobengumengameli wenhlangano uMnu uZuma. Ngokwenqubo ye-ANC akonakele lutho. Ababukeka bonakalelwe ngumdlalo ngamaqembu aphikisayo.
Akuyona imfihlo ukuthi uZuma ubeseyinxeba amaqembu aphikisayo angena ngalo enze umonakalo ku-ANC. Kungeyona futhi imfihlo ukuthi nabezindaba bese bethole umthombo lapho bekuqhamuka khona izindaba ebezenza bakwazi ukuthengisa amaphephandaba abo. Isibonelo nje udaba oluthinta umndeni wakwaGupta nosolwa ngokuba ngobhongoza enkohlakalweni ekhonjwa kuHulumeni kanjalo nokusondelana nomndeni kaZuma uphenduke ibhizinisi kwezinye izinkampani zamaphephandaba. Angikhulumi-ke emaqenjini aphikisayo ngoba ngalolu daba nje lulodwa aqhamuke nezinhlelo ezehlukene zokunyundela i-ANC nokukhulisa ukwesekwa kwawo. Belingekho iphephandaba noma isiteshi somsakazo nethelevishini obekuphela usuku noma isonto singakhulumanga ngoZuma nalokho ebekubizwa ‘ngenkohlakalo’. Lokhu akulimazanga isithunzi sikaZuma nomndeni wakhe kuphela kepha ne-ANC igqemeke engeqiwa ntwala. Ubufakazi balokho bubonakale emiphumeleni yokhetho loHulumeni Bezindawo lapho le nhlangano ilahlekelwe ngamadolobha amakhulu. Kwaphinde kwabonakala futhi lapho iba noqhekeko, iba maviyoviyo abeqhudelana nokuyiqobe kwacishe kwayiqeda inhlangano.
Indaba isekutheni nxa uKhongolose usubumbene azobhala athini amaphephandaba? Bona ongoti bazohlaziya kuyaphi. Lokhu kuzobaphoqa ukuba babhale nangamaqembu aphikisayo kokunye baveze obekucashile isibonelo nje udaba lukaNkk uDe Lille oselugqame kakhulu ngakho belu ukuthi ziyancipha izindaba ezingeqembu elibusayo.
Ikhwelo lobumbano
Lesi simo le nhlangano isibonile njengoba kusuka nje ngomhla zingama-20 kuZibandlela ngesikhathi isonga inkonfa yayo igama ebelihamba phambili wubunye nobumbano ezinhlakeni nakubaholi bale nhlangano. Ngokusho kwayo le nhlangano ubuholi obuphezulu kwamalungu ayisithupha kuyisiqalo sobumbano njengoba abaqokiwe kungebona abeviyo elilodwa kulawo akade encintisana. Kepha lokhu ngabe kusho ukuthini emaqenjini aphikisayo?
Kuningi okungaba wumthelela omubi kwaphikisayo. Okokuqala nje ubunye benhlangano kusuka kubaholi, izinhlaka kanye nabalingani bayo okuyiSACP, iCOSATU kanye neSANCO, bungahle bubhidlize umbimbi lwamaqembu aphikisayo. Lokhu kudalwa wukuthi lolu mbimbi okwamanje lwakhelwe ukulwisana nomuntu oyedwa okungekudala ozobe engasekho, uZuma. Yebo kungenzeka ukuthi izindaba zezinkantolo ezibhekene noZuma zona ziqhubeke kepha umthelela wazo uzobe ungasatheni kuHulumeni naku-ANC.
Okwesibili okungahle kuguqule umdlalo emaqenjini aphikisayo wubunye be-ANC nabalingani bayo ngalokho okumele kwenzeke.
Kule minyaka emihlanu eyedlule amaqembu aphikisayo azuze lukhulu ekwahlukaneni kwemibono ngenqubomgomo ku-ANC nobekugqama obala ezinhlelweni zikaHulumeni. Inkomfa ye-ANC iphume neziphakamiso ezinqala nokuvela ukuthi wonke umuntu uyavumelana nazo. Bekhuluma emcimbini wokubungaza iminyaka eli-106 ye-ANC abaholi beSANCO, beSACP nabeCOSATU bazibophezele ekwesekeni ubuholi obusha kanye nezinqumo zabo. Phakathi kwezinqumo yileso esikhuluma ngokubuyiswa komhlaba kwaboHlanga ngaphandle kwesinxephezelo kanye naleso esingemfundo yamahhala. Lobu bunye kunqubomgomo kungahle kudale itwetwe kwabaphikisayo ngoba bona nje bebodwa bazokwehlukana phakathi nokuyinto esiqalile.
Abe-Economic Freedom Fighters (EFF) nePan Africanist Congress (PAC) sebephumele obala ekwesekeni isinqumo esingomhlaba nabathi sisho lokhu abekade bekusho. Kulindeleke ukuthi ne-Inkatha Freedom Party (IFP) ingabi nankinga kulokhu kakhulu uma kubuyisa futhi kuvikela umhlaba woBukhosi. Ngakolunye uhlangothi iDemocratic Alliance (DA) yona iphoqeleka ukuba ibe ngaphesheya njengoba lolu daba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo luthinta ngqo abavoti bayo oningi labo kungabelungu nezimpunyela ezinodedangendlale bemihlaba. AbeFreedom Front Plus (FF-Plus) okwabo kusobala ngoba ngeke bavumelane nalokhu ngezizathu zomlando kanye nalezo ezifana nezeDA.
Ukwehluka emaqenjini kulindelekile nasodabeni lwemfumdo yamahhala. Lolu daba luyawehlula aphikisayo njengoba egcina ngokuthi awaphikisani nalo kepha imali izovelaphi. Isithombe esiya ngokuvela ngesokuthi izinqumo ze-ANC kungenzeka zibumbe amaqembu aboHlanga ezindabeni ezithinta bona ngqo. Uma lokhu kwenzeka kuyoba nomthelela okhethweni oluzayo ngonyaka wezi-2019, nokuwumthelela ongeke uvune amaqembu aphikisayo.