Now Reading
Uthi uselibangulile iva okaMsuthu
Dark Light

Uthi uselibangulile iva okaMsuthu

Ugcine eliphimisile elesehlukaniso nezizathu ezenze ukuthi ashiye esathanda

 

UGCINE elibangulile iva ebelimhlupha uDkt uMakhosi Khoza obeyilungu likaKhongolose ePhalamende, omemezele ukuthi uyalishiya leli qembu ngoba elisola ngokuba isikhukhukazi esifukamela inkohlakalo nesivikela abenzi bobubi. UDkt uKhoza ukusho lokhu izolo  emini ngesikhathi ememezela isinqumo sakhe sokusula ku-ANC, esithangamini  abenaso nabezindaba eLilliesleaf, eGoli.

Esimemezelweni sakhe ukugcizelele ukuthi alikho iqembu okungaba iDA noma yiliphi azolijoyina futhi alikho iqembu azolisungula kodwa uhamba nezimfundiso azithole kuKhongolose awujoyina esemncane ngaphansi kobuholi bezingqalabutho azichaze ngokuthi zazithembekile zibuyisa ithemba kubantu okungoDkt uNelson Mandela, uMnu u-Ahmed Kathrada, uMnu u-Oliver Tambo nabanye.

“Ngiyafisa ukusho ukuthi besekunzima satshe ukuba yilungu le-ANC ePhalamende njengoba abanye ozakwethu besekuthi uma sihlangana ngaphakathi ezakhiweni zePhalamende banginyokoloze abanye bangithuke. I-ANC isiphenduke izilwane ezesabekayo ngendlela esikhohlakele ngayo.

Empeleni mina angiyishiyi i-ANC kodwa ngishiya inkohlakalo ngoba ngeke ngisakwazi ukudansa nezimpisi ezigcwele inkohlakalo. Okunye angisoze ngikumele ukuholwa abaholi abakhohlakele nabazicabangela bona ekubeni abantu bakithi bebhuqwa indlala. Okunye angiyi kwenye inhlangano futhi alikho iqembu engizolisungula kodwa ngiyoqhubeka ngiphile ngesisekelo se-ANC engiyaziyo hhayi lena ekhohlakele,” kusho uDkt uKhoza.

Okuvelayo wukuthi lo mholi uzidalele isigcwagcwa kwabanye ozakwabo emuva kwezinkulumo zakhe lapho ebegxibha khona ubuholi bale nhlangano ebusola ngenkohlakalo. Lokhu kwenze ubuholi balapho edabuka khona KwaZulu-Natal banquma ukwenza isigcawu sokumqondisa ubugwegwe bemsola ngokwephula eminye ‘yemigomo yenhlangano’.

Iqiniso lithi ukushiya kukaDkt Khoza le nhlangano akuyona into engathusa abaningi njengoba izinkulumo zakhe ezinkundleni zokuxhumana bezikhomba ukuthi usengashiya noma yinini. Kulezi zinkulumo zakhe bekukhona abaholi nezinhlaka abephuma nabo iqhubu ebasola ngokuba ngobhongoza benkohlakalo. Abanye bala baholi nguMengameli kaKhongolose uZuma abemsola ngokuhlinzela ezibini umlando kanye neqembu. UNobhala Jikelele kaKhongolose uMnu uGwede Mantashe naye ubengasali njengoba ubemsola ngokumkhaphela ngezinkulumo zakhe ebezimsola ngokunyundela ubuholi neqembu.

Okunye obekukhomba ukuthi impilo kayisekho yinhle bekuthinta ezokuphepha nabehlale ekhala ngazo. Ekhuluma kweminye yemicimbi abesemenywa kuyo ukuze enze izinkulumo wakuveza ukuthi osekumkhuba kakhulu wukuthi laba abasabisa ngokumenza isilo sengubo sebekusho lokho bebhekise nasezinganeni zakhe. Akangcinanga lapho ngoba ezokuphepha uzibeke njengesizathu esenza angasihambeli isingcawu sokumqondisa ubugwegwe ebesibizwe yiqembu lakhe KwaZulu-Natal.

See Also

Nokho lokhu kuchithiwe wuphenyo lwamaphoyisa njengoba luveze ngokomlomo kaMhlonishwa uFikile Mbalula ukuthi empeleni umuntu osehlalise lubhojizi uDkt uKhoza nabanye abaholi, yintokazi esencane yaseKhayelisha. Okungavelanga kulenkulumo kaMbalula wukuthi izinombolo lezi lentokazi izithathaphi njengoba ibigadla nakwabanye abaholi njengoNgqongqoshe u-Ayanda Dlodlo.

Akukho ukungabaza ekutheni ukushiya kukaDkt Khoza kuzokwenza inkulumo mpikiswano ngaphakathi nangaphandle kuKhongolose. Kukhona labo abazomeseka esinqumweni sakhe kanti futhi bakhona nabazomsola. Lenkulumo izongenwa nangamaqembu aphikisayo nokubukeka ezongena ngenxeba kuloludaba asebenzise amagama kaDkt uKhoza lapho asola uKhongolose ngenkohlakalo. Aphikisayo azosebenzisa lamagama njengobufakazi bokuthi nembala ‘uKhongolose awusefani’.

Ungubani uDkt uMakhosi Busisiwe Khoza?

UDkt uMakhosi Busisiwe Khoza akamusha kuKhongolose nasemsindweni ohlangene nawo. Ngaphambi kokuba yilungu lePhalamende nelesiShayamthetho saKwaZulu-Natal uke waba yiMeya  ngaphansi kukaMasipala uMgungundlovu. Ube nomlando omude koHulumeni Bendawo njengoba ake waba yiNhloko yeSouth African Local Government Association (Salga) eyabe ibizwa ngeKwaZulu-Natal Local Government Association (KwaNaloga). Ngaphandle kokuthi uke wasebenza ezinkampanini ezizimele, useke waqokwa njengelungu leSishayamthetho KwaZulu-Natal nayilapho ayenguSotswebhu. Iphinde yamthemba i-ANC yamenza umkhulumeli wayo KwaZulu-Natal. Uneziqu zePHD neqhuzu leMasters (policy and development studies). Phakathi kwezinto abesolwa ngazo ngabagxeki bakhe wukuthi ubukela phansi labo ngokwakhe athi kabafundile nokuthiwa wayebatshela kwezikabhoqo ukuthi yena ‘ungudokotela’.  Ephawula ngekusasa, uDkt uKhoza uthe: “Njengoba ngiqala lolu hambo olungelula, futhi ngiqhubeka nokukhuluma iqiniso, ngiyazi ukuthi indlela isazoba nzima ngaphambili, hhayi kuphela kimina kepha nasezinganeni zami, uZama noMlando abayikho konke kimi abafana nehawu futhi abangiqinisa idolo. Ngiyabonga kakhulu kuZama noMlando. Engikwaziyo manje zingane zami ukuthi izinto angeke zisafana. Kunzima kakhulu imina ukubhekana nentsha engama-56 engaqashiwa,” kusho uDkt uKhoza.

Scroll To Top