Now Reading
IMeya uMncwango ibhoka iyakhahlela
Dark Light

IMeya uMncwango ibhoka iyakhahlela

IMeya yakwaNongoma ibuzwa ngalolu daba nangezinsolo ezishiwo nguMnu uZwakele Mncwango ithe ‘indodana yakhe’ izama ukuhlanganisa izinto ezingahlangani ngalolu daba ngoba yiyo eyenza ubugebengu yabahamba ngemuva bengazi lutho.

“’Indodana yami’ ngiyabona izama ukuxuba izinto ezehlukene kakhulu. Empeleni wasihamba ngemuva waya ku-Ingonyama Trust wabuya esesikhombisa isivumelwano sokubolekisa ngomhlaba wethu kuMasipala waKwaNongoma nenkampani yakhe Ingqondo Identity Solutions. Ukwenza lokhu nje, usebenzisa umfowethu oyinduna. Udlala ngaye ngoba engazi lutho ngalolu daba. Kuthe sisamangazwe yilokho wasitshela ukuthi lesi sivumelwano sokubolekisa ngomhlaba wethu sizoba iminyaka engama-99. Nathi sakhuza sababaza sibona umuntu edayisa ngomhlaba wethu singazi lutho. Akugcinanga lapho nami kuthe uma sengingena kwaMasipala kwayima ngibona ukuthi hhawu kanti udaba selungaka, sekunezincwadi ezibhaliwe zesivumelwano,” kusho iMeya uMncwango.

Uqhube wathi lolu daba lwehlukene kabili ngoba kukhona oluthinta amasimu omndeni nolwe-Ingqondo Identity Solutions ezama ukusebenzisana noMkhandlu ngokwebhizinisi.

“Lolu daba umbango walo ubekhona ngingakafiki nami njengoba kungazange kusayinwe ngaze ngafika ngazoba yiMeya. Ngabe sengibuza ukuthi kwenziwa yini ukuthi uMasipala ufune ukusebenzisana nenkampani ezimele okuyi-Ingqondo Identity Solutions ekubeni umhlaba kungowaMakhosi. Ngemuva kwalokho ngathi mina angisobe ngifake esami isandla ngisayine into engacacile futhi nenkundla yemidlalo okukhulunywa ngayo, sinayo eMona izolungiswa ngezigidi ezili-11 zamarandi. Ngisho singumndeni wakwaMncwango asiyingeni indaba yalolu hlelo ngoba lunobusela phakathi kuzokwebiwa umhlaba wethu.

See Also

“Thina ke sazabalaza silwela ukuthi amaBhunu angalokothi athathe umhlaba wethu. Namanje sisalwa sithi noma ngabe uyiDA noma iNational Party noma ungowoHlanga sizokulwa nawe nje uma uzokweba umhlaba wethu. Ngikhuluma nje sesibhalele ne-Ingonyama Trust Board sibuza ukuthi ikwenze kanjani lokhu ukuba iphisane ngomhlaba wethu. Kuyo sifuna kucace ukuthi noma ngabe amasimu ethu asisawalimi kodwa akekho ozowathinta. Undodana lo akadayise amasimu akubo ehlukane nawethu ngoba uhlangene nabantu abangenamasimu, yibo laba abavuma le nkohlakalo. Ngisho ngingaba nayo insimu eyodwa noma amabili kodwa angifuni ngomhlaba wakithi ngimile nje lapho futhi angidlali ngoba sawushiyelwa obabamkhulu nathi siyowushiyela isizukulwane sethu,” kusho uMncwango.

Uphethe ngokuthi kabanazo ngisho ezincane izinhlelo zokusebenzisana ne-Ingqondo Identity Solutions futhi abahambisani nekwenzayo ukuba ithathe umhlaba wabo bengazi. Okube sobala ukuthi lolu daba ngeke lugcine lingumbango wegceke kepha luzonabela nakupolitiki yamaqembu. Kulindelekile futhi ukuthi nezinhlaka zoBukhosi zingene.

Scroll To Top