Now Reading
Inkombakombane eyaseDumbe
Dark Light

Inkombakombane eyaseDumbe

Ababephethe phambilini bayazihlangula ezinsolweni zokubhubhudla imali kaMasipala

ZIMAPEKETWANE izinto kuMasipala iDumbe KwaZulu-Natal ngenxa yenkohlakalo ebidla lubi nosekuholele ekutheni kube nezikhulu eziphezulu ezilaxaze umsebenzi kungakapheli ngisho isikhathi sezinkontileka zazo. Lokhu kuvezwe iMeya yaseDumbe, uMnu uMajuba Mavuso obechazela iphephandaba laboHlanga ngezinkinga azifice kulo Mkhandlu ngesikhathi ethatha izintambo zobuholi.

Lo Masipala ubuphethwe iNational Freedom Party eholwa uNkk uZanele KaMagwaza Msibi kusuka ngowezi-2011. UMavuso udalule ukuthi indlela inkohlakalo enuka ngayo eDumbe kunzima nokuba babenemali eyanele yokubhekana nezidingo zomphakathi ngenxa yokuthi ingxenye yayo eningi kufanele iholele abasebenzi abaqashwe kwaze kwedlula isibalo esisemthethweni esimayelana nokuqashwa kwabasebenzi bomasipala eNingizimu Afrika. “Ngikhuluma nje cishe kusabelomali soMkhandlu silahlekelwa imali engaphezulu kwamaphesenti angama-40 esuke ibhekene nemiholo yabasebenzi. Inkinga ekhona ukuthi abantu bebeqashwa ngendlela engafanele kungabhekwa nanokuthi ngabe isibalo esidingeka kuMasipala sabasebenzi singakanani. Izikhulu beziqasha izimoto zikanokusho ubuthaphuthaphu ngendlela enomkhonyovu phakathi.

Sikhuluma nje kukhona izikhulu ezithinteka kule nkohlakalo esinye ebesiqashwe ngonyaka owedlule kodwa esivele sasula ngoMbasa sabaleka. Lesi sikhulu inkontileka yaso bekufanele iphele ngowezi-2021 kodwa sivele sacela ukuba inqanyulwe ngokukhulu ukushesha. Akugcinanga lapho kodwa kukhona esinye obekufanele siphelelwe inkontileka yaso ngoNcwaba kodwa asizange sisalinda lutho sivele sasula isigubhukane kungazelele muntu sashiya emsebenzini,” kusho uMavuso. Eqhuba uthe okunye abakuphenyayo ukuqashwa kwezinkampani ezimbili zonogada okuyinto okukholakala ukuthi yenzeke kungalandelwanga imigudu elawula ukukhishwa kwemisebenzi kaMasipala.

Udaba oluthinta lezi zinkampani zonogada lubikiwe ngonyaka owedlule kweminye imithombo yabezindaba ngemuva kokuthi onogada babekhala ngokuthi abaholelwa futhi kwesinye isikhathi ziyeqa izinyanga ezimbili bengayitholile imiholo yabo. Abanye ababekhononda bagcina bekhonjwe indlela baphelelwa umsebenzi. Lo Mkhandlu akuwona owokuqala ukuba kubaliswe ngawo ngenxa yenkohlakalo okusolwa ukuthi ibiyenziwa ubuholi obuphume ngowezi-2016, ngemuva kokhetho loHulumeni Bezindawo. KuMasipala uNongoma kuqhume amahlazo kwaba nezikhulu ezimiswayo emsebenzini ebezisebenza ngaphansi kobuholi be-NFP obebuhola umkhandlu.

Lezi zikhulu bezinukwa ngenkohlakalo ebiyenzeka eMkhandlwini wakwaNongoma ehlanganisa ukusetshenziswa kwemali yoMkhandlu egameni lokuthi kwenziwa umcimbi womphakathi kodwa ekugcineni kwavela ukuthi bekusuke kwenziwa imicimbi ye-NFP, kuthengwa nezikibha zaleli qembu ziphiwe abantu. Lokhu kudalulwe uNgqongqoshe Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk uNomusa MaDube Ncube ngesikhathi ethula isabelo soMnyango wakhe kulo nyaka eMgungundlovu. UMnu uBonginkosi Nxusa owayeyiMeya yaseDumbe uthe uMnu uMajuba Mavuso uzazi kahle izinkinga zaseDumbe ngoba ngesikhathi yena eseyiMeya naye wayesesigungwini esiphezulu kuMasipala. Uthe into ayaziyo yena eyinkinga eDumbe indaba kagesi aze wabhalela ngisho noNgqongqoshe uNkk uNomusa MaDube Ncube emazisa ngayo. “Awukwazi ukuthi ungafika kuMasipala uthi awutholanga lutho. Okokuqala uMasipala kumele usebenzise izimali ngesikhathi sonyaka onikwe zona. Uma izimali ziqondene nonyaka othile kumele zisetshenziswe ziphele ngoba phela imali kamasipala ayifani nemali yomndeni okwaziyo ukuyilondoloza,” kubeka uNxusa.

See Also

Uthe uma benezinkinga kuMasipala waseDumbe kungani bengababizi ngoba bakhona baseduze futhi nabo bayizisebenzi zomphakathi. UNxusa uthe yena ube yiMeya enenhlanhla ngoba uhlale iminyaka emihlanu kulesi sikhundla esebenzela umphakathi ngakho izinsolo ezibekwayo nezithinta yena akazazi. Khonamanjalo uMasipala uMzinyathi ohlanganisa iNquthu, uMvoti, iNdumeni noMsinga kulindeleke ukuba nawo udedele umbiko wenkohlakalo yezigidi ezili-R190, okusolwa ukuthi kwabanobudedengu ngesikhathi kukhishwa ithenda yamanzi.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kusaphethe i-NFP ne-ANC kanti kusolwa nabaholi abaphezulu ngokuthi babegxambukela kulo mkhandlu ngesikhathi kwenzeka konke lokhu. Ngesikhathi kuthintwa abaholi be-NFP ngalolu daba ukuze baziphendulele bebengazibambi izingcingo. UMnu u-Irvin Barnes osebuholini besikhashana beqembu uzanywe kaningi kodwa ucingo ubeluvalile. UMnu uBheki Gumbi naye uzanywe kaningi kodwa ucingo lwakhe belukhala isikhathi eside lungabanjwa. Kanti futhi elaboHlanga lizame lancama ukuthola lowo owayeyiMeneja yalo Masipala, uMnu uMkhize ukuze naye aziphendulele ngalezi zinsolo.

Scroll To Top