UMkhandlu nemboni bazazelene ngeGo!Durban


Akucaci ngohlelo lwezokuthutha olusha lukaMasipala weTheku olubizwa ngeGo!Durban njengoba izikhulu zoMkhandlu zingena ezintangeni ngezinhlelo zalo nokuthi seluhambe lwagcinaphi futhi luqala nini ukusebenza
Lokhu kugqame ngesikhathi kunemizamo yokuxoxa neMeya yeTheku, uNkk uZandile Gumede noSihlalo weNgqalasizinda, uMnu uMondli Mthembu. Lolu hlelo lwethulwe owayeyiMeya kulo Mkhandlu uMnu uJames Nxumalo ngowezi-2014 ngenhloso yokuba kwehliswe izinkinga zesiminyaminya ezingxenyeni ezisentshonalanga yeTheku. UNxumalo wamemezela nokuthi ingxenye yokuqala yeGo!Durban izoqala ukusebenza ngowezi-2016 kodwa lokho kugcine kungenzekanga ngenxa yomsindo wabamatekisi nokungacaci kwezinhlelo zikaMasipala.
Wathi lolu hlelo kwakuhloswe ngalo ukugqugquzela abantu ukuba banciphise ukuhamba ngezimoto zabo kodwa basebenzise izithuthi zomphakathi ezizobasezingeni eliphezulu neliphephile okungamabhasi eGo!Durban. Umgwaqo weGo!Durban uqale ukwakhiwa usuka KwaMashu ngasenxanxatheleni yezitolo iBridge City uze uyophelela edolobheni iPinetown. Ngeledlule iMeya uNkk uGumede, ibize isithangami saBahleli bamaphephandaba ebizochaza kuso ngalolu hlelo kodwa lesi simemo sihoxiswe ngomzuzu wokugcina.
Okhulumela iMeya, uMnu uMthunzi Gumede uthe akukho iMeya engakuphawula okwamanje ngalolu hlelo ngoba ayikayitholi imininingwane engakwazi ukuchaza ngayo kabanzi ngokuthi sekuhanjwe kwagcinaphi, ngeGo!Durban. “Okwamanje iMeya ayikabi nalo ulwazi olugcwele mayelana nezinhlelo zeGo!Durban ukuthi sezihambe zagcinaphi, kungaba ngcono nixhumane noSihlalo obhekele iNgqalasizinda eMkhandlwini weTheku, uMnu uMondli Mthembu,” kusho uGumede.
UMthembu naye uziqhathululile wathi lolu daba lufuna acophelele ngoba lumqhatha nabantu bamatekisi ngakho akakwazi ukuvele aphendule engenalo ulwazi olugcwele. “Angikwazi ukukhuluma ngalolu daba ngoba angikayitholi imininingwane egcwele engelekelela ukuba ngichaze kabanzi ngalo. Okunye ukuthi ngesonto eledlule ngizithole sengisenkingeni nabantu bamatekisi ngalo lolu hlelo yingakho ngifisa sengathi ungangilinda ukuze ngithole yonke imininingwane bese ngibuyela kuwe,” kusho uMthembu.
Ngesikhathi esho kanje ubekade esemhlanganweni wesigungu esilawula uMkhandlu kaMasipala ngoLwesibili kodwa kugcine ngokuthi kushaye isikhathi sokushicilela engatholakali ocingweni izolo. Imigwaqo isiphothuliwe kanti kuvela nokuthi isidala izingozi eziningana ezimpambanweni ezisemzileni onqamula KwaMashu, obheke eClermont ngenxa yokuthi amarobhothi awakasebenzi asamboziwe. Ngaphandle kwalokho amabhasi ahlelwe ukuba asebenze, awohlobo oluthile olusezingeni eliphezulu lapho abantu bezokwazi ukuthi bazihambele ngawo baphinde babenezinsiza zokuxhumana ukuze bakwazi ukusebenzisa amaselula abo nobunye ubuchwepheshe.
Nokho aluhambi kahle ngenxa yokuthi abamatekisi abaluzwa basola ukuthi luzobaqedela imisebenzi ngoba kunemizila abazogcina bengasakwazi ukuyisebenzisa ngenxa yamabhasi eGo!Durban. Kulolu hlelo kuhlelwe ukuba kutshalwe imali ezigidigidi ezi-R2 iminyaka eli-13. Isimo simuncu ngisho ezinhlanganweni zamatekisi ezikhala ngokuthi kuze kube manje akukho okubambekayo esezichazelwe khona mayelana nalolu hlelo lweGo!Durban.
USihlalo kasoseshini wamatekisi asePinetown, aseClermont neKwaDabeka, uMnu uBheki Mbambo uthe abeneme neze ngalolu hlelo ngoba balahlekelwe kakhulu selokhu kwaqala ukumbiwa kwemigwaqo. “Sisenkingeni ngoba kusuka kuqalwa kumbiwa imigodi yokwakha imigwaqo yala mabhasi eGo!Durban, abanye osomatekisi sebedlelwe izimoto ngoba umsebenzi uphazamiseke kakhulu. Ngikhuluma nje izimoto zethu ubuthola ukuthi bezisebenza zithuthe abantu kuze kufike eshumini kodwa selokhu kuqale lolu hlelo kumbiwa imigwaqo sishaya amatrip amahlanu noma ayisithupha kuphela. Akugcini lapho kodwa okubi kakhulu ukuthi kukhona asebecabanga ukuthi sibadayisile ngenxa yemihlangano yezethembiso ezingekho ebezenziwa uMasipala,” kusho uMbambo.
Uqhube wathi sebeze babhalela iMeya uNkk uGumede kodwa ayibaphenduli ngoba bafuna ukwazi ukuthi yini abazoyihlomula ngalolu hlelo ekubeni seluvele luqalile luyabalimaza. Uthe sebeyabona ukuthi iGo!Durban izobulala ibhizinisi labo ngendlela okwenzeka ngayo. Uze wathi bayafisa ukwazi ukuthi abashayeli bamatekisi nabasizi babo nabadayisi basemarenki bazokwenziwanjani ngalolu hlelo ngoba kuyacaca ukuthi aluqondene nabo kodwa luzodla imisebenzi yabo. Ngisho abaholi beSouth African Taxi Alliance bawotha ubomvu ngalolu daba njengoba sebesabisa ngokuthi bona bazoya enkantolo.
UNobhala weSA Taxi Alliance, uMnu uBafana Mhlongo uthe bona bazame ukuthola iMeya uNkk uGumede kodwa uma ifika kubo ivele ingazinaki izikhalo zabo ngalolu hlelo. “Umama uGumede uma simbiza uvele afike namaqabane akhe asuke ezomvumela ngalolu daba, ekubeni thina bamatekisi sisho kahle ukuthi asiludingi ngoba asazi ukuthi sizohlomula kanjani ngalo. Kusiphethe kabi okwenzekayo ngoba sesiyabona ukuthi sekwenziwa lokhu okwakuqalwe iNational Party kokuba kuqedwe amatekisi ngenxa yokuthi abonakala ehlomulisa thina boHlanga. Yingakho uHulumeni wengcindezelo ayefuna amabhasi ngoba wayazi ukuthi abaMhlophe namaNdiya bazokwazi ukuhlomula bese thina sisale sincela izithupha.
Siyabona ukuthi uHulumeni ufuna ukusephuca amatekisi ethu uma sekuqale iGo!Durban njengoba engafuni ukusinikeza izimvume zokusebenza. Kuyacaca ukuthi amaphoyisa azobe esezenzela kithi kushaqwe izimoto zethu ukuze kuqhubeke amabhasi eGo!Durban athathe umsebenzi wethu. Yingakho silungisa amaphepha ethu ukuze siye enkantolo siyovimba ukuba kuqhubeke umsebenzi weGo!Durban ngoba nemigwaqo esiyakhiwe ayihambisani namatekisi, kuyacaca ukuthi yenzelwe la mabhasi azoqeda imboni yamatekisi,” kuphetha uMhlongo.