Now Reading
Ubululwane nobumpoqabulungu buyihuha kwaboHlanga
Dark Light

Ubululwane nobumpoqabulungu buyihuha kwaboHlanga

BUDLA lubi ubumpoqabulungu kwaboHlanga kulezi zinsuku. Abantu abaMnyama bazenyeza ngobubona kangangokuthi kukhona obabonayo ukuthi bangafisa nokundiza uma kungathi kusa bebe sebengabelungu. Ububona babubalekela wena owabona umuntu ebalekela ibhubesi. Umuntu uyazibuza angazi ukuthi ubani ozomphendula mayelana nokuthi kwakhala nyonini kubantu abamnyama njengoba bengayihhoyi kwakuyihhoya eyobubona besha amashushu nale mpoqabulungu. Ngifisa ukwazi ukuthi saqhamuka kuliphi izwe lesi sichitho esibi kangaka esenza ukuthi abantu abamnyama babalekele ububona bathande obabelungu.

Umuntu angabuye ayiguqule le nkulumo athi engabe abelungu babuthathaphi lobu bulawu obuhuha abantu abamnyama kangaka bagcine bengasafuni nakuyizwa eyobubona sebegijimela ububona bezinye izizwe. Singeke sazi-ke ngoba basuka kude laba bantu mhlawumbe kukhona nje bathola khona lobu bulawu. Ubumpoqabulungu kubantu abamnyama buqala ekukhulumeni kwabo. Uma bekhuluma behlezi bodwa alikwazi ukungangeni igama lesiNgisi enkulumeni yabo. Umuntu akakhulumi ngesiZulu aze ayoyiqeda inkulumo yakhe engazange alithi phohlo igama lesiNgisi. Lona ongasazi isiNgisi kukhulunywa ngaye nasematshwaleni.

Kuba sengathi wenze isimekemeke secala umuntu ongasazi isiNgisi kodwa akuthi diki kulaba bantu ngomZulu obheda isiZulu. Uma kuzothi engasazi isiNgisi kanti futhi ungusaziwayo, usuke ekubone wakubeletha. Kubhalwa ngaye ngisho emaphephandabeni kube wudaba olwaziwa kude naseduze ukuthi saziwayo ndini awusazi isiNgisi. Uma umuntu omnyama eke wathi ukhuluma isiNgisi kwakhona lapho ephunduleka khona kwagwegwa isiNgisi, usuke esezijoje ngolumabhaxa. Kuhlekiswa ngaye kube ngelikhulu ihlaya angiphathi khona uma kungumuntu oyinto ethile emphakathini. Okuxakayo kulokhu wukuthi uma umlungu ebhidilisha isiZulu kuyahlekwa kujatshulwe kuthiwe uyazama.

Kuba yinto enhle neyamukelekile ukuthi umlungu ubhidilishe isiNgisi wayoshona naso ngale kungabi bikho noyedwa olungisa amaphutha omlungu. UmZulu yena uma engenela isiZulu esivithiza esho ukusikhipha umoya abantu bayathula bangathi vu wena owabona umuntu emumethe umuthi wecala. Isono esikhulu asenzayo umZulu kuba ngesokubheda isiNgisi hhayi ukuphoqoza ulimi lwakhe aluncele ebeleni. Uma ulalele laba ababikayo bezofike babike ngesiNgisi bese bebika ngesiZulu, uzwa omkhulu umehluko uma esebika ngesiNgisi. IsiZulu uyasigwabhuza bungabi bikho nobuncane ubunono kodwa mlalele uma esebika ngesiNgisi. Ushintsha ngisho iphimbo akhiphe onke amangwevu anawo okuphimisa isiNgisi.

Uma kukhulunywa isiZulu kuyayekethiswa kungabi bikho nokuncane ukucophelela ukuthi ulimi lwethunga lukhulunywa ngokuyikho ngisho nokuphimisa amagama kuhamba kahle. Ukuqikelela ukuthi amagama aphinyiswa ngokuyikho yini kwenziwa kuphela uma sekuyisiNgisi. Nendlela okukhulunywa ngayo nabantu abadala nabahloniphekile ayigqizwa qakala esiZulwini kodwa umuntu akakhulume isiNgisi uzomuzwa kahle. Le ndaba yokungayinaki indlela okukhulunywa ngayo ulimi lwesiZulu idala ukuthi uzwe sekukhona abathi isiZulu sikhulunywa noma yikanjani. Kusuke sekunzima kakhulu uma sekukhulunywa kanjena.

Muva nje abesifazane abamnyama usubathola beyephuzela ngezinwele zabelungu. Ubona umuntu wesifazane uze ucabange ukuthi umlungu ikakhulukazi uma empofu kakhulu. Uze udideke nje ucabange ukuthi umlungu kungenxa yalezi zinwele zomlungu eziyephuzela ekhanda lalo muntu wesifazane. Umbona eziphebeza ngesandla lezi zinwele zomlungu uma zifuna ukusondela emehlweni. Uvele enzise okwabo impela abesifazane babelungu obathola bephebeza izinwele uma zifuna ukubaxhopha. Nalona wakithi kusuke kufanele agile le mikhuba egilwa ngabanikazi balezi zinwele ngoba naye phela useyephuzela ngazo.

See Also

Angikaze kodwa ngibe nenhlanhla yokubona umlungu efake izinwele zomuntu omnyama. Mhlawumbe bakhona abazifakayo kodwa angikhumbuli ngimbona nangelilodwa ilanga. Ngifisa ukwazi ukuthi baye bathini abelungu uma bebona abamnyama besifazane begila lo mkhuba. Uzonqandwa kanjani lo mkhuba wobumpoqabulungu ogcwele kubantu abamnyama? Lo mkhuba wezinwele zabelungu ubhebhetheka kabi ngoba ubhebhethekiswa ngabantu besifazane. Ubhebhethekiswa ngabantu esethembele kubo ekuselekeleleni ekukhuliseni izingane.

– UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

Scroll To Top