Ubuholi ebandleni buhambisana nobulili obuthize na?
UMfu uMulder ungoti wezifundo zenkolo nomholi webandla
MaKhrestu amahle! Namuhla sidingida ngamafuphi indaba yendawo yobulili obuhlukeneyo ebandleni likaJesu Khrestu. Sizobona eZwini likaJehova indaba ethathwa njengento ebucayi kakhulu esikhathini esiphila kuso. Iyinto ecacile nento ehambisana nesintu ngendlela esabunjwa ngayo ekuqaleni komhlaba.
UNkulunkulu wamisa ukuthi abesilisa babe ngabaholi ebandleni likaJesu Khrestu. Yibo labo abafanele ukuthi bafundise, babuse futhi ebandleni ukuze yonke into ihambisane nenqubo ehlelekile nedumisa igama likaNkulunkulu ophilayo. Njengalokho uMdali wezinto zonke wamdalela u-Adamu umsizi onjengaye u-Eva, namuhla amadodakazi ka-Eva bangabasizi abahle kakhulu ebandleni likaJesu Khrestu. Neqhaza elibanjwa ngabesifazane ebandleni likhulu kakhulu, okuyinto encomekayo kakhulu. Sithi: “Siyabonga makhosikazi!” Kodwa kubalulekile ukuthi singakhohlwa ukuthi ubizo lokufundisa emabandleni kanye nokubusa ngolwamadoda kuphela. Umhlaba wonke uyahlaselwa kulezo zinsuku ngumkhankaso omkhulu ukuketula inqubo eyamiswa nguNkulunkulu emvelweni, nasebandleni. Umkhankaso engikhuluma ngawo uyazama ukugudluza amadoda (ayiso) esikhundleni abekwe kuso nguMdali wezinto zonke. Lapha kufanele ukuthi sivume ukuthi ubuthakathaka bamadoda buyisikhali esicijile kakhulu esandleni sesitha ekuhlaseleni ibandla likaJesu Khrestu. Ukwenqena kwamadoda ukuba ngabaholi emndenini nasebandleni angeke kulethe isibusiso kuwo. Kuyaletha namuhla njengalokho ufunda nje mfundi isijeziso nokonakala okukhulu emndenini, emphakathini nasezweni lonke.
Masifunde iZwi likaNkulunkulu mayelana nale ndaba: “Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, bangabi-nezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle. Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke. Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele. Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho kwaba u-Eva. Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka; kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.” I kuThimothewu 2:9-15.
“…abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho. Uma-ke bethanda ukufunda utho, mababuze emadodeni abo emakhaya; ngokuba kuyihlazo ukuba owesifazane akhulume ebandleni.” I KwabaseKorinthe 14:34,35.
MaKhrestu, kubalulekile ukuzwisisa ukuthi incwadi leyo eyabhalelwa uThimothewu nguPhawulu bekuyincwadi eyabhalwa ukuqondisa nokufundisa umshumayeli onguThimothewu owaba umfundisi ebandleni e-Efesu. Bekufanele afunde ngendlela izinto zimelwe ukuhlelwa ngayo ebandleni. Kulezo zindawo eBhayibhelini siyabona ngokucacile ukuthi uMoya oNgcwele akavumeli owesifazane ukuthi afundise (isiGriki: didaskein) ebandleni. Kuchaza ukuthi onobizo lokushumayela iZwi likaNkulunkulu ebandleni yindoda. uMoya oNgcwele akavumeli futhi ukuthi owesifazane abuse (isiGriki: awuthenten) ebandleni. Kuchaza ukuthi umkhandlu webandla kufanele ukuthi ube nababonisi abangamadoda kuphela abazobusa izindaba zebandla; Isisekelo sesizathu salokho asinandaba nosiko lwaleso sikhathi noma ngemikhuba yethu namuhla. iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala (isiGriki: protos eplasthe), emva kwalokho u-Eva.” Masihloniphe umyalo kaNkulunkulu kule ndaba maKhrestu, khona sizobusiswa nguYe.
MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.
– Uma ufisa ukuphawula, ngokubhalwe nguMfundisi uFrikkie Mulder thintana no: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.