Now Reading
Inkombankombane ngabaqashi abasha nabadala
Dark Light

Inkombankombane ngabaqashi abasha nabadala

ISIGABA 197 soMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini uNombolo 66 we-1995 uvikela imisebenzi uma kuthatha umqashi omusha komdala. Lesi simo senzeka ngenxa yezizathu eziningi okubala ukuphela kwenkontileka yomqashi omdala isithathwa ngomusha noma ukuwa komqashi omdala. Kowanamuhla umbhalo sikhuluma ngokuthatha komqashi omusha komdala uma sekuphela inkontileka hhayi uma isidliwa ngoba liwile ibhizinisi lakhe.

UMthetho uthi umqashi omusha ungena ezicathulweni zomdala futhi nebhizinisi nalo lithathwa njengeliqhubekayo kodwa kusuka sekushintshe oliqhubayo sekungumqashi omusha. Okokuqala okuthathwa umqashi omusha yizinkontileka zokuqashwa zabo bonke abasebenzi abathole besebenza ngenkathi ethatha. Wonke amalungelo nezibopho mayelana nokuqashwa ezikhona kumqashi nabaqashwa nakho kwedlulela kumqashi omusha kube sengathi kusenguyena omdala. Konke okwenzeka mayelana nezokuqashwa kumqashi omdala nabasebenzi nokungamacala kwedluliselwa kumqashi omusha kuthathwe sengathi kwenziwe nguye umqashi omusha. UMthetho uyabanikeza igunya laba baqashi ukuba baxoxisane bakhe isivumelwano sokuhi imalini ezokhokhwa ngomdala, nokuthi iyiphi ezokhokhwa ngomusha.

Phakathi kokunye okuqaphelekayo ngokwedluliswa kwezivumelwano zokuqashwa ukuthi alikho ilungelo lokuba abasebenzi bexoshwe, badilizwe noma behoxe ngokuzicelela bona ezivumelwaneni zokuqashwa esezedluliselwe kumqashi omusha. Ecaleni lePama & Others v CCMA & Others [2001] 9 BLLR 1079 (LC), emuva kokwedlulisa kwezivumelwano nebhizinisi njengoba linjalo; abasebenzi bafuna ukukhokhelwa imali yokudilizwa. Kodwa iNkantolo Yezabasebenzi yenqaba ngesizathu sokuthi umqashi omusha usebathathe ngokugcwele wabaqasha ngaphansi kokwedluliswa kwezivumelwano zabo zokuqashwa.

Okunye okuvame ukwenzeka kulesi simo yinkombankombane eba phakathi komqashi omusha nomdala mayelana nokuthi yimuphi phakathi kwabo okumele akhokhe yiphi imali omunye bese ekhokha yiphi? Ecaleni ebelithethwa nguKhomishana, kwenzekile lokho.

Kwangena umqashi omusha eselahlekelwe yithenda lona omdala. Basayina isivumelwano ngokomthetho, bavumelana ukuba bonke abasebenzi bazofakwa kumqashi omusha. Uhla lwamagama abasebenzi lwangaba iyona ingxenye yesivumelwano leso kodwa lwalandela kamuva. Ngenkathi ethatha umqashi omusha, bekuvele kunabasebenzi ababili ababexoshwe ezinyangeni ezimbili ngaphambi kokuthatha komqashi omusha. Ngakho-ke labo basebenzi abazange besabandakanyeka ukuba yingxenye yabasebenzi abazothathwa ngumqashi omusha. Lo mqashi omdala wabe eselulungisa udaba lokuxosha laba basebenzi ngokubanxephezela ngemali. Kodwa wase ebatshela nokuthi wayebafakile futhi nasohlwini lwabasebenzi ababezothathwa ngumqashi omusha. Nembala inyunyana yalaba basebenzi ababili yabe isifaka icala lokuthi umqashi omusha kufanele abaqashe ngokwegunya leSigaba 97 soMthetho.

Kube nempikiswano yokuthi babefakiwe yini noma qha ohlwini lwabasebenzi okwakumele bedluliselwe kumqashi omusha. UKhomishana wagcina enqume ukuthi babengeyona ingxenye yohlu lwabasebenzi, futhi babengekho ngenkathi esethatha umqashi omusha ngoba base bevele bexoshwe ngomdala. UKhomishana unqume ukuthi ngaleso sizathu angeke kwathiwa baxoshwa ngumqashi omusha.

UMthetho kawuvumi ukuthi umqashi omusha nomqashwa benze isivumelwano esehlisa iminyaka esisetshenzwe ngumqashwa. Kufanele iqhubeke kumqashi omusha njengoba yayinjalo kumqashi omdala. Lokhu kwagcizelelwa ecaleni le-AST Holdings (Pty) Ltd v Roos [2007] 10 BLLR 291 (LAC) lapho base bevumelene umqashi omusha nomsebenzi ukuthi ilahleke iminyaka aseyisebenzile umqashwa ukuze athole imivunzo nemibandela engcono kunaleyo ayeyithola ngaphansi komqashi omdala. Kodwa iNkantolo Yezabasebenzi Yokwedlulisa Amacala yakuchitha lokho yanquma ukuthi akukho emthethweni.

See Also

Elinye ilungelo lokuvikela abasebenzi ekwedlulisweni kwezivumelwano zokuqashwa yilapho bexoshwa noma benikezwe imivuzo nemibandela yokuqashwa engaphansi kwaleyo ababeyithola kumqashi omdala. Bavikeleka esimweni esinjalo abasebenzi kwelikaDouglas & Others v Gauteng MEC for Health [2008] 5 BLLR 401 (LC). Lapha iNkantolo yathi uma kushintshwa imibandela yokuqashwa sekuphethe umqashi omusha kufanele ukuthi leyomibandela kube ngethe xaxa kuleyo ebitholakala kumqashi omdala. Ukuguqula imibandela yokuqashwa ibe ngaphansi kweyayitholakala kumqashi omdala, kungukuxosha okuvele kungenabulungiswa nokwenza ukuthi ongumgilwa walokho abenelungelo lokunxephezelwa ngesibalo esikhulu esinyimiholo yezinyanga ezingamashumi amabili nane noma iminyaka emibili.

Izinkantolo ziyakuzonda ukuxoshwa okuphathelene nokwedluliswa kwesivumelwano sokuqashwa ngoba zikuchaza ngokuvele kungenabulungiswa ngaphansi kweSigaba 187(1)(g) soMthetho Wezobudlelwana Emsebenzini.

– UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com

Scroll To Top