Now Reading
Zimbovula ngemibuzo elokhu ethibile uZuma
Dark Light

Zimbovula ngemibuzo elokhu ethibile uZuma

KUSENZIMA namanje kubaholi bamaqembu aphikisayo ePhalamende ukuba bathole  izimpendulo ezibagculisayo kuMengameli uZuma  njengoba behlale bephuma bekhala uma bekade bempheka ngemibuzo. Lokhu sekwenzeke isikhathi eside selokhu uZuma angena esikhundleni ngowezi-2009 emuva kukaMnu uMotlanthe.

Kusuka kowayenguMvikeli Womphakathi, u-Advocate uThuli Madonsela eveza ukuthi uZuma akazange adalule konke anakho ePhalamende, amaqembu aphikisayo azama ukumhlala entanyeni efuna ukwazi ukuthi yini lena angayidaluli kodwa awazange agculiseke ngezimpendulo aba nazo. Kuze kwafika odabeni lokulungiswa komuzi wakhe wakaDakw’udunuse eNkandla lapho amaqembu aphikisayo ayefuna incazelo kuye luqobo ukuthi ngabe wayenolwazi yini ngokulungiswa nokuqiniswa kwezokuphepha kwakhe ngemali eyayifinyelela ezigidini ezingama-R246.

Ngisho ngowezi-2015, kwabanemibuzo eminingi ngezinkulumo ezazenziwa indodana yakhe endala, u-Edward ngabantu bokufika kuleli kodwa akukho okwagculisa amaqembu aphikisayo kwayekuphendula. Kuze kwafinyelela nasodabeni lokugudluzwa kongqongqoshe ezikhundleni zabo, ikakhulukazi aboMnyango Wezezimali asebeshintshwe kaningana kodwa ayikho impendulo eyayiwagculisa aphikisayo. Nayizolo kwenzeke okufanayo ngesikhathi uZuma ephendula imibuzo ePhalamende. Amaqembu aphikisayo aye emagange nemibuzo ebishisa ibunzi efuna nezimpendulo eziqondile ezizowagculisa. Phakathi kwale mibuzo bekukhona nalona othinta izinsolo zokuthi kunosomabhizinisi oyiNdiya waseThekwini onenkampani yonogada iRoyal Security, okunguMnu uRoy Moodley  okusolwa ukuthi ubesiza uZuma ngezimali.

Kuvela ukuthi ubemnikeza njalo ngenyanga isigidi samarandi nokuyizinto ezivela encwadini ebhalwe yintatheli uJacques Pauw, esihloko sithi, The President’s Keepers. Lo mbuzo ungene usushuthekwa yiDA njengoba ubungekho  ohlwini lwemibuzo ebilungiselelwe uZuma kusenesikhathi. Ngesikhathi umholi weDA uMmusi Maimane ephoqa uZuma ukuba aphendule lo mbuzo kucacile ukuthi uZuma akayingeni indaba yakhe njengoba egcine esemtshela ukuthi uvikela umbuso wobandlululo yikho elokhu eqhubeka nemibuzo engacacile.

See Also

Esechaza uthe yena akakaze amukele ngisho uzuka kubantu abathile noma ezinkampanini ezizimele, selokhu aqala ukuba uMengameli waseNingizimu Afrika. Utshele uMaimane ukuthi uma kukhona imali ayithole eceleni ngaphandle komholo wakhe uyakubika lokho ezinhlakeni zikaHulumeni ezifanele kodwa kulokhu akazi lutho. Ngendlela uMaimane abengagculisekile ngayo uze wathi ngabe uZuma angakwazi yini ukunekela izwe ngemali abeyiphiwa kusuka ngowezi-2009, ukuze kucace ukuthi akulona iqiniso ukuthi kunemali abenikezwa yona futhi nentela engayikhokhi.

UZuma uthe yena ngokwazi kwakhe uphendule yonke imibuzo ngendlela ngakho akakwazi ukuhambe ephendula zonke izinto ezibhalwa ezincwadini ngoba yena umsebenzi wakhe ukuba uMengameli wezwe. Amalungu e-ANC abemvikela ngazo zonke izindlela uMengameli futhi kube nokwenanela uma ephendula eminye yemibuzo yamaqembu aphikisayo. Ngesikhathi uMaimane ephonsa umbuzo wakhe bekukhona ukuhhumzela kwabe-ANC kucaca ukuthi abamnike thuba.

Scroll To Top