Lesi yisikhathi sokukhumbula ekhaya kwabe-ANC



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
NJALO ngoLwesithathu abathandi bethelevishini babuka uhlelo lwabo abaluthandayo uKhumbula ekhaya noludlala kuSABC1. Lolu hlelo lunedumela ngoba lukhuluma ngenkinga ekhona kuyo yonke imindeni lapho ilungu lomndeni kudinga libuyele noma lazi ngolibo lwakwabo. Nakupolitiki siyafika isikhathi lapho abaholi kumele bakhumbule noma babuyele ekhaya. Lesi yisikhathi lapho wonke umuntu kumele abuyele lapho eyilungu legatsha leqembu lakhe, lapho athatha khona ubulungu.
Muva nje kubonakala amalungu e-African National Congress ( ANC) esondelana namagatsha awo ngoba yiwo ayimpendulo embuzweni othi ngabe ngubani ozohola leli qembu elikhulukazi eNingizimu Afrika nase-Afrika mhla zingama-20. Inkulumo evame ukukhulunywa wubuholi be-ANC ikakhulukazi uMengameli wayo uZuma wukuthi “amandla asemasebeni”okungukuthi amandla asemagatsheni. Njengengxenye yamalungiselelo enkomfa yokukhetha ubuholi obusha iqembu elibusayo selivumele amalungu esigabeni samagatsha ukuba aphakamise labo ababona ukuthi bangathatha izintambo ebuholini obukhona bukazwelonke kubalwa nesikhundla sikaMengameli.
Ngokombiko weHhovisi likaNobhala Jikelele waleli qembu isibalo samalungu azohambela inkomfa njengezithunywa siyizi-4 723. Khona lapho kulindeleke ukuthi izifundazwe zithumele izithunywa. KwaZulu Natal izithuywa zingama-870, kulandele iMpumalanga ngezi-736, kuthi i- Eastern Cape yona kulindele ukuba ithumele eziyi-648, ilandelwe yiLimpopo ngama-643, iNorth West ngama-538, iGauteng zibe ngama-508, iFree State yona kube ngama-409.
ElaboHlanga lihlaziye amanye amagatsha alenhlangano KwaZulu-Natal njengesifundazwe esizothumela izithunywa eziningi. Okuvele obala ekuhlaziyeni amagatsha kube wumkhuba wamalungu ale nhlangano ikakhulukazi lawo asezikhundleni zokuthi abe ngamalungu egatsha angasahlali kulo. Lokhu kwenzeka lapho amalungu lawa ehlala ezindaweni okwakuthiwa ngezabaMhlophe, kodwa kuthi uma sekuyovotwa aqhubeke nokubhalisa lapho ayehlala khona emalokishini nasezindaweni zaMakhosi. Lo mkhuba kawubonakali nje kuphela lapho kuvotwa ngokwenqubo ye-Independent Electoral Commission (IEC) kepha njengoba kuyiwa engqungqutheleni ye-ANC yiso leso.
Umthethosisekelo waleli qembu kawunyanyalati ngobulungu bale nhlangano. Isigatshana esi-5.2 (a) sithi uma uyilungu legatsha kumele ubengumuntu ohlala kulo, bese kuthi unombolo 5.2 (h) uthi kumele umazise unobhala wegatsha uma usuyohlala kwenye indawo. Isigatshana esingunombolo-5.2 (j) sona sithi, kufanele ubeyilungu elivotayo kuleyo ndawo uma ufisa ukuthatha ubulungu begatsha lakhona.
Yize ukuba yilungu legatsha ongahlali kulo kubukeka kungelona icala ngokomthetho sisekelo weqembu, kukhona ukukhuma lapho loyo ongahlali kulelo gatsha kepha enobulungu sekuba nguye oba phezulu ohlwini lwalelo gatsha, kuthi lapho abavuka khona nsuku zaphuma babe kude le. Isibonelo uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala igatsha lakhe ayilungu ngokuphelele kulo liseNdwedwe okuyilapho inkaba yakhe ikhona, kepha usafudukela eLa Lucia, eThekwini. ENdwedwe uZikalala uphezulu ohlwini lwezithunywa eziyobe zihambele ingqungqutheleni ngoZibandlela. Akayedwa uKhuzeni ngoba noMengameli uZuma naye unemizi eGauteng naseKapa kepha uma sekukhala icilongo lokuyovota usondela ngakwaDakw’udunuse, eNkandla. Yenza njalo nendodana yakhe, u-Edward onobulungu begatsha le-ANC iMsholozi eNkandla, kodwa usahlala eThekwini, eDurban North.
Omunye nguMhlonishwa uNomusa uMaDube Ncube onguMphathiswa Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu KwaZulu-Natal, unomuzi eGillits, eThekwini kodwa namanje usasebenzisa ubulungu begatsha laKwaMashu. UDkt uNkosazana uMaDlamini Zuma, ogaqele isikhundla sokuba uMengameli we-ANC, uhlala emzini wakhe oseBallito kodwa igatsha lakhe ayilungu lalo lokuqina lisenkabeni yeTheku e-Albert Park.
USomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uNkk uLydia Johnson ubulungu bakhe bukaKhongolose buseNtuzuma kodwa usathutha wafudukela eDurban North. UMhlonishwa uBheki Cele oyiphini likaNgqongqoshe WezoLimo Namahlathi Nokudoba, unobulungu eLamontville esigcemeni 74. UCele akakufihli ukuthi uyilungu lokuqina laleli gatsha kodwa okuhlala obala ukuthi akasona isakhamuzi salo njengoba enomuzi eMhlanga. Ekhuluma nelaboHlanga uMagaye (abakwaCele) uthe yize enomuzi eMhlanga kodwa igatsha lakhe liseLamontville ngoba umndeni wakhe usahlala khona.
“Okokuqala yini ungangibuzi ukuthi kungani ngingenalo igatsha ePitoli noma eCape Town ngoba yilapho engihlala ngikhona futhi nginemizi nakuwo la madolobha womabili nosekuphele iminyaka emine ngikuwo. Kulo muzi oseMhlanga angihlali ngikhona ngoba uma ngikhumbula kahle ngigcine emasontweni amabili edlule,” kuchaza uCele. Egcizelela kulolu lwaseLamontville , uMagaye uthe: “Lalela. ngikutshele okunye, eLamontville ngiyilungu legatsha lakhona futhi nomndeni wami useLamontville. Lokhu kokuthi sengathutha, ngabe ngathuthwa ubani? Okumele ukwazi ukuthi eLamontville ngiyabatshela ukuba bangifonele uma kuzoba nomhlangano wegatsha ukuze ngikwazi ukubakhona. Ngikhuluma nawe nje bekumele sibe nomhlangano wegatsha kodwa awuzange usabakhona ngoba uNobhala wethu ushonelwe umama wakhe eBizana. Wena ubungakwazi lokho kodwa uyabona ukuthi mina ngazi konke ngegatsha lami.” Akazange esafuna ukuphendula ukuthi ugcine nini eLamontville.
Khona eLamontville kwake kwanesimo lapho uDJ wodumo uSyanda Tshabalala, waqokelwa ukuba nguSihlalo wegatsha le-ANC kepha kwanokukhala kokuthi kanjani njengoba enomuzi eDurban North. UMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uMhlonishwa uWeziwe Gcotshelwa Thusi igatsha lakhe liseMlaza kodwa yena unomuzi eHillcrest. OyiMeya yeTheku UNkk uZandile Gumede yena kuvela ukuthi igatsha lisesigcemeni 53 eMaoti eNanda nokuyilapho aphinde abeyikhansela khona. UNobhala kaVukayibambe esifundazweni, uMnu uThanduxolo Sabelo igatsha lakhe lingakubo eMbumbulu kodwa yena usafudukela esilungwini eManzimtoti.
UNobhala Jikelele we-ANC uMnu uGwede Mantashe utshele iBAYEDE ukuthi indaba yobulungu beqembu ayinankinga ukuthi uhlala kuphi uma ungelona ikhansela. “Labo bantu angithi abasiwo amakhansela ngakho asikho isidingo sokuthi kufanele babe nobulungu bezindawo asebethuthele kuzo. Ngikusho lokhu ngoba bakhona abantu abasebenzela eGoli kodwa banobulungu emakhaya abadabuka kuwo njengase-Eastern Cape eCala. Lokho akunayo nencane nje inkinga,” kuchaza uMantashe.