UZikalala wexwayisa ngamathamelangozi asebenzisa iSACP


NAKUBA kungaseyona imfihlo ukuthi izazelene phakathi kweSouth African Communist Party (SACP) ne-African National Congress (ANC) kuzwelonke, uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal umile kwelokuthi akukho okubambekayo okukhomba ukuthi uKhongolose unezinhloso ezingezinhle ngozakwabo abangamaKhomanisi, ngaphakathi nangaphandle kukaHulumeni.
Enkulumweni ekhethekile nelaboHlanga uZikalala uxwayise nangabantu athi basebenzisa izinhlaka kanye nemihlangano yeSACP ukugxibha uKhongolose nathe abanye babo bazimatanise namaKhomanisi ngoba bengasekho ezikhundleni eziphezulu kuKhongolose. Yize engaphimisanga amagama abantu uKhuzeni, inkulumo yakhe ihumusheka ngokuthi ibhekiswe emalungwini akade esesigungwini esikhulu sikaKhongolose okubalwa kuwo; uMnu uMike Mabuyakhulu, uCyril Xaba noDkt uSibongiseni Dhlomo ababonakala begqamile emcimbini weSACP obuhanjelwe yiSekela Mengameli uRamaphosa. Kulo mhlangano uMabuyakhulu wagadla ebuholini bukaZikalala njengoba akhumbuza ababekhona ngesinqumo senkantolo futhi wakuveza obala ukuthi ukufika kukaRamaphosa kwabe kungumyalezo kulabo abanomcabango wokuthi iKwaZulu-Natal iwu kalubhadwa kuye.
UZikalala uthe kuyihaba ukuthi kunohlelo lokugudlula amalungu eSACP waveza ukuthi KwaZulu-Natal uNdunankulu uWillies Mchunu uyilungu leSACP kanti wayenguSihlalo wayo kanjalo noMphathiswa Wezolimo uMnu uThemba Mthembu unguNobhala wamaKhomanisi KwaZulu-Natal. Uphawula kanjena uZikalala umoya uvele udungekile phakathi kweSACP ne-ANC esifundazweni, amaKhomanisi asola uKhongolose ngokuwahlalisa kabi nokuyinto esuke kusayiwa okhethweni loHulumeni Bezindawo ngonyaka owedlule. Izigameko ezifana naleso esenzeke eNtshangwe lapho kuze kwaphuma khona izidumbu zibhebhethekise ukunukana. Okushayelele isipikili kube yizinqumo ezimbi, esokuqala yileso esikhishwe yiNkantolo mayelana nobuholi bukaZikalala kanye nokwenze labo abaphikisana nobuholi bukaZikalala bathole ikhaya kuSACP kokunye hhayi ngoba beyeseka kepha ngoba ‘belwa impi’ eyodwa yobuholi kuzwelonke. AmaKhomanisi asephumele obala ngokuthi awasabethembi ubuholi bukaMnu uZuma nokuyinto ubuholi bukaZikalala obungahambisani nakho. Aphinda futhi amaKhomanisi athi eseka iSekela Mengameli uRamaphosa ukuba abe yindlamvuzo kaZuma, ubuholi bukaZikalala buyaphikisana nalokho.
Ukuxoshwa kukaNobhala Jikelele wamaKhomanisi uDkt uNzimande kuKhabhinethi kaZuma kwenze yacija imikhonto njengoba abeSACP besola ukuthi lesi senzo singenxa yokuziphindiselela kukaMengameli njengoba amaKhomanisi eseziqhelelanisile naye. KwelikaDkt uNzimande uZikalala uthe, “Isinyathelo sokukhishwa kukaDkt uNzimande sisiqondile ukuthi asizokwehla kalula kuSACP ngakho kubalulekile ukuthi kube khona ukuxoxisana ngezinto ezinjalo ngaphakathi ezinhlakeni kuzwelonke nasesifundazweni ukuze sigcine ubudlelwano bethu bukhula.” UZikalala ukwamukelile ukuthi inhlangano yakhe iyadinga ukungena ezingxoxweni neSACP ukuze kuhlale kukhona ubudlelwano.
Amabovu ayaphawula
Ekhuluma nabezindaba uNobhala wamaKhomanisi KwaZulu-Natal, uMnu uThemba Mthembu uveze ukudumala kwabo ngokuhoshwa kukaDkt uNzimande nathe kube ngenxa yokuba muncu kobudlelwano phakathi kwabantu ababili. Ukukhuluma kukaMthembu nokuphindwe ngabanye abaholi bamaKhomanisi kuzwelonke kuveze ukuthi le nhlangano ikhethe iqhingasu lokukhipha uZuma inyumbazane, yehlukanise izinqumo zakhe neqembu. Phezu kwalokho uthe kabazisoli njengamaKhomanisi ukuthi bameseka uZuma ngesikhathi eginga uMbeki ePolokwane.
Khona lakho uveze isithombe sokuthi kusekhona ukuqhelelana kwezinye izindawo ngesikhathi ebika ukuthi iSACP eNtshangwe ayimenywanga emhlanganweni we-ANC wesigceme owaziwa ngokuthi yiBGM. Ephawula ngalokhu lowo onguSihlalo weSACP KwaZulu-Natal, uMnu uJames Nxumalo uthe: Asimenywanga nokuyinto esidumazile ngoba othi simenyiwe usenga ezimithiyo. Okusidumazayo wukuthi asimenywa nje singamalungu aphelele enhlangano.”