Ukugajwa yinjabulo manje kungaba yingozi ngomuso


Ngike ngezwa ukuthi kwezinye izindawo lapho umhlaba sewubuyiselwe khona ezandleni zaboHlanga akukho lutho olutheni olwenzekayo. Anginayo into ebhaliwe efakazela umhlaba osewubuyiselwe kwaboHlanga. Uma kuyiqiniso ukuthi umhlaba awenziwa lutho, kuyihlazo elikhulu lelo, elenza ukulwela umhlaba kube yinhlekisa kwezinye izizwe. Abanye baze balikhiphe bathi bazobanika umhlaba aboHlanga kodwa bazoqhubeka bawusebenzise sekungowabo.
Kwezinye izindawo ngike ngezwa kuthiwa baqashisele abathile ukuba bawusebenzise umhlaba obuyiselwe ezandleni zabo. Izinto ezinjalo zishiya imibuzo mayelana nomnotho osezandleni zaboHlanga. Anginankinga ngokuqashiswa komhlaba, kodwa kuthanda ukuxaka uma lowo oqashisayo engenaluhlelo lokuwusebenza umhlaba ngelinye ilanga.
Ngenkathi sekuqala izinhlelo zokubuya kwababesekudingisweni, kukhululwa ababesemajele ngenxa yepolitiki nobandlululo, kwakunenjabulo engelinganiswe ngoba kwakuphela imibandela yokubonana kwezihlobo nemindeni. Kwakungokokuqala emva kwesikhathi eside abantu bekade bephila phansi kwengcindezelo. Iningi labantu ababekade bephila ngaphansi kwemibandela nemigomo kwakuzoba yibo ababesezingxoxweni zokubuyela emakhaya. Kunezivumelwano okwakufanele kwedlulwe kuzo ukuze labo ababekade bephethe umbuso nabo bazizwe bevikelekile. Ngicabanga ukuthi izivumelwano ezinjengalezi kulula ukuba zenziwe phezu kozwelo, abanye besenjabulweni, kanti abanye bawavule ngokuphelele amehlo nengqondo. Kulapho ngibona khona ukuthi izivumelwano zokugcina zibaluleke kakhulu ukuba zenziwe ngaphansi kwesimo esihle, kungekho mizwa ephakeme noma ephansi kakhulu. Lokhu kwenza kungabikho okhalayo ekugcineni uma esebona ukuthi wamukele wavuma iqanda lenjelwane ngoba izinto zenzeka ngenkathi egajwe yinjabulo.
Uma ngenza isibonelo ngingafanisa lesi simo nomshado, lapho abantu besayina isivumelwano sokuganana begajwe yinjabulo, bejahe futhi behalela ukuthola ithuba lokwenza izinto ezenziwa ngabashadile sebenemvume. Kulesi simo kungenzeka omunye angene emshadweni engasabhekisisanga isimo azifaka kuso. Kunezindlela ezimbili zokungena emshadweni, yileyo yokuhlanganisa amafa naleyo yokwehlukanisa amafa. Ngenkathi umuntu esenjabulweni akuvamile ukuthi avume ukwehlukanisa amafa ngoba kuba sengathi ulungiselela ukwehlukanisa kungakaqalwa nempilo yomshado. Ezinye zezinto ezikhathaza kakhulu empilweni yezomnotho namuhla yilezo ezavunywa ngenkathi zibuya emasisweni. Izinto zicace kabusha ngenkathi sekufanele kuphiliswane emshadweni, kwacaca ukuthi aziphelelanga izinkomo ezazisemasisweni. Uma kuqhamuka umuntu okhuluma ngazo namuhla kuba sengathi unochuku kumbe ufuna ukususa uthuthuva.
Uma kubuya izinkomo emasisweni, kungenzeka kube sekukhona esezafa, kungenzeka kube khona ezizalile sekunamankonyane. Ngamanye amazwi ukuxoxisana kwalabo abasuke sebekhona ngaleso sikhathi kubalulekile ngoba kudinga ukucophelela. Uma izinto zizobuyiselwa kulabo ababengabanikazi, kungenzeka kungabuyi konke, futhi okunye kubuye kungasekho esimweni. Imimoya kumele ibe phansi futhi kube khona abanolwazi ukuthi kwakusiselwane kanjani. Izinto zazingalotshwa phansi uma kusiselwana noma kuganiselwana. Zonke izivumelwano zazenziwa ngaphansi kokwethembana nokwethembeka. Emnothweni akusetshenzwa ngaleyo ndlela.
Kungenzeka ukuthi uma ufunda le ndaba ufikelwa ngezinye izinto ozibona zingaphelelanga kumbe zingasabuyelanga njengoba ubucabanga ukuthi kumele zibuye. Kuhle ukuhlala phansi sihlolisise ukuthi okungasekho ezandleni zethu thina boHlanga kwahamba kanjani, yiziphi izivumelwano okwadlulwa kuzo. Kungenzeka ukuthi ezinye zezivumelwano zazivuna abathile abambalwa noma abaningi. Kuba nzima ukuxazulula isivumelwano esesisayiniwe savalwa.
Uma kwenzeka zibuya izinkomo emasisweni kumele zifice kunabantu abakwaziyo ukufuya izinkomo. Akusizi ukuba zithi zibuya emasisweni zibe kungasekho muntu onendaba futhi onolwazi ngemfuyo, ngoba lokho kungenza abanikazi bazithole beyizinxibi, sekufanele bancenge futhi bethembele kwabanye. Kulesikhathi kumele sibhekisise uhlobo lwezivumelwano okwangenwa kuzo kusajatshuliwe, zibhekwe ngamehlo anamuhla. Uma kunesidingo zibuyekezwe ukuze zanelise izidingo zomnotho wabobonke. Kubalulekile ukuthi thina boHlanga sizihlole ukuthi silungele kangakanani ukwamukela izinkomo ezibuya emasisweni. Uma sinikwa ithuba lokwamukela umhlaba kumele sibe ngabakulungele ukuwusebenza, futhi kumele sibe nabantu abafundile abanolwazi oluhle emikhakheni eyahlukahlukene ewumgogodla womnotho ezweni lethu. Uma siseyingcosana emikhakheni ewumgogodla womnotho ngeke size siwuphathe umnotho futhi ngeke sizuze lutho ngokubuya kwezinkomo emasisweni.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za