Now Reading
INhloko yoMnyango uMnu uMpumelelo Mnguni
Dark Light

INhloko yoMnyango uMnu uMpumelelo Mnguni

Emveni kombiko welaboHlanga uMnyango usuthathe isinqumo ngomqaphi kaMphathiswa

 

SELUTHATHE elinye igxathu udaba lwemoto yoMnyango Wezobuciko, Ezamasiko Nezemidlalo KwaZulu-Natal esetshenziselwe ukuthwala abebesolwa ngokuba yizinkabi ebeziyoqotha abathile embonini yamatekisi elokishini iMpumalanga eHammarsdale. Lokhu kulandela isinyathelo soMnyango sokumisa, uMnu uLindani Mkhize ongunogada kaMphathiswa, uNkk uMaSithole Moloi ngezinsolo zokuthi wathatha imoto yoMnyango engagunyaziwe ngenhloso yokuyogila ngayo umkhuba eHammarsdale.

Kulokhu kuhlasela okwenzeke ngomhla zili-19 Mandulo ngowezi-2017 kushone abesilisa abathathu abebehamba ngemoto yoMnyango yohlobo lwe-Audi-A4 emnyama nokutholakale ukuthi ingenye yezimoto eshayelwa ngabaqaphi boMphathiswa uMaSithole-Moloi uma bemphelezela. Kusona lesi sigameko sokudubulana esenzeke eHammarsdale kulimale kabi abantu ababili abaphuthunyiswe esibhedlela. Omunye wabashonile nguMnu uBonginkosi ”Neneh” Ngubane ongunogada kaNkk uNonhle Mkhulisi ongusihlalo we-African National Congress (ANC) esifundeni iMusa Dladla futhi oyiMeya kaMasipala iKing Cetshwayo District.

INhloko yoMnyango, uMnu uMpumelelo Mnguni ukuqinisekisile ukuthi uMkhize umisiwe emsebenzini kuze kube kuphothulwa uhlelo lokumqondisa ubugwegwe. “Impela uMkhize sesimnikezile incwadi emmisayo emsebenzini. UMnyango usuqoke umphenyi ozimele ukuphenya ngalolu daba ukuze kutholakale amaqiniso kokunye ukuthi kungabe uMkhize wayegunyaziwe yini ukuthatha imoto yoMnyango. Phela lolu wudaba olubucayi okumele siluphenyisise ngaphambi kokuthatha izinyathelo ezifanele ngalo” kusho uMnguni. Uthe uMkhize ngesikhathi emisiwe uzobe eqhubeka nokuhola umholo wakhe ogcwele kuze kube kuphothulwa uphenyo.

“Phela lokhu sikwenza ngokulandela inqubomgomo yangaphakathi eMnyangweni,” kusho uMnguni. Uthi yize lesi sigameko senzeke engekho emsebenzini njengoba ngelanga lesigameko ubesekhefini lokugula. “UMnyango lolu daba uluthathela phezulu. NgoLwesibili ngesikhathi ngiyohlola le moto yoMnyango lapho ipakwe khona namI ngiyifice izimbobombobo yizinhlamvu,” kuqhuba uMnguni. Nokhulumela uMnyango, uMnu uMthobisi Makhathini ukuqinisekisile ukuthi, uMkhize umisiwe emsebenzini kuze kube kuphothulwa uphenyo lwangaphakathi. UMakhathini uthi isizathu sokuba udaba uMnyango uphuze ukulusukumela kungoba uMnu uMnguni ubengekho emsebenzini.

See Also

“NoMphathiswa woMnyango, umama uMaSithole Moloi naye ubematasa kakhulu kula masonto edlule njengoba bekunamalungiselelo oMkhosi WeLembe, namalungiselelo okhetho lokuchibiyela eNquthu. Kuleli sonto ubebambeke emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC nobuholi besifundazwe obubanjelwe ehhotela iCoastland eThekwini,” kusho uMakhathini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKabuteni uNqobile Gwala uthe ngemuva kokuthi icala livulwe epholisisteshi yaseMpumalanga idokodo libe seledluliselwa kuProvincial Task Team ukuba kube yiyo ephatha uphenyo. “Njengoba uphenyo lusaqhubeka angeke sikwazi ukudalula imininingwane ngophenyo,” kusho uKabuteni uGwala. Uthe esigamekweni sokudubula amaphoyisa athola isibhamu esikhulu nesincane kanye namagobolondo ezinhlamvu.

“Ngomhla zili-19 kuMandulo wezi-2017 ngo-21H28 abesilisa basendaweni ebebezimele ngaphandle kwekhonteyina ekuShezi Main Road okuthe besazimele kwaqhamuka imoto eyiveni ihamba amadoda angaziwa afike avulela ngenhlamvu ebhekise kubo ase eyabaleka ngemoto yawo. Babili abesilisa abashonile esigamekweni sokudubula okubalwa kubo oneminyaka eli-19 noneminyaka engama-51. Owesithathu kubona oneminyaka engama-33 uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike waphangalalela khona,” kuchaza uKabuteni uGwala.

Scroll To Top