Okunganakiwe yikhona okwakha umnotho



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Zimbalwa uma zikhona ezinye izinto othi noma uyithola endaweni engcolile uyithathe uyigeze, ingalahlekelwa wukwethenjwa nokuthandwa kwayo. Kunomzekeliso engake ngawuzwa omayelana nemali. Uma uthatha iphepha eliyikhulu lamarandi uligoqa noma ulifohloza kabi nje libe yigengqele elincane alishintshi ekubeni yikhulu lamarandi. Uma uliphonsa sakulilahla linyomfekile linjalo abantu bangabangisana ngalo.
Imbalwa uma zikhona ezinye izinto othi noma uyithola endaweni engcolile uyithathe uyigeze, ingalahlekelwa wukwethenjwa nokuthandwa kwayo. Kunomzekeliso engake ngawuzwa omayelana nemali. Uma uthatha iphepha eliyikhulu lamarandi uligoqa noma ulifohloza kabi nje libe yigengqele elincane alishintshi ekubeni yikhulu lamarandi. Uma uliphonsa sakulilahla linyomfekile linjalo abantu bangabangisana ngalo.
Into esengiyibonile wukuthi imali ayimthandi umuntu olahlayo nocoshayo. Awumdingi umuntu osika ukhasi. Ngisebenzisa la magama ngoba ngakhula esetshenziswa. Omunye umuntu uze acacise athi izomlahlisa into ethile uma eyenza. Kunezinto okumele sizitshele emqondweni wethu ukuthi asicoshi futhi asilahli, kodwa sibheke emphumeleni nasemvuzweni omuhle ozokuba khona emuva komsebenzi. Kunemisebenzi okungabe ayenziwa muntu ukuba abantu abayidingi imali. Uma uzokhokha imali efanelekile ngomsebenzi ofisa wenziwe uyogcina umtholile ozowenza. Abantu bayayidinga imali.
Uma imali eyikhulu lamarandi eyiphepha iphakathi etsheni lentaba ayiguquki ekubeni yikhulu lamarandi. Baningi abangazincama bayithathe ngandlelathize bezama ubunono bese beyigeza ukuze bayithathe leyo mali bayisebenzise. Imali iwumfuziselo womnotho. Eqinisweni, imali esekhukhwini noma esikhwameni sakho awunasiqiniseko sokuthi emjikelezweni wayo idlule kuphi nakuphi, ngakho ngeke uzishaye isifuba uthi uphethe imali ehlanzekile. Ziningi izindlela ezisemthethweni ezithandekayo nezingathandeki kodwa ezenziwayo ngoba ziyadingeka emhlabeni futhi zinokwenza kube khona imali abazophila ngayo.
Mhlawumbe uyazibuza ukuthi ngifuna ukuveza siphi isithombe ngalendaba. Ngifuna ukucacisa kukhanye bha ukuthi ngendlela ethandwa ngayo le nto okuthiwa yimali abantu bayithatha noma ikuphi noma injani, baphike ngokuthi umsebenzi wayo bayawazi. Abantu bafuna izindlela ezehlukahlukene ezisemthethweni ezingabenza bayithathe imali. Noma ngabe seyigxotshwe ngezinyawo yangcola ayiguquki ekubeni yikhulu lamarandi. Oyitholayo uyazincama ayicoshe ayithuntuthe bese elungela ukuyisebenzisa.
Phela imali yiwona mgogodla womnotho. Iwumgogodla womnotho obonakalayo nongabonakali ngamehlo. Ubuphithiphithi nobuyaluyalu obenziwa ngabantu emhlabeni, bezama impilo engcono usuku nosuku kuyimizamo yokuthola imali. Amehlo omuntu ayaye amkhombise imali, ayibone yedwa abanye bengayiboni iphambi kwabo. Abantu baphambana ezindleleni bevuka ngovivi abanye bengalali nasebusuku basuke bebona imali bese benza imizamo yokuyithatha ukuze ibe sezandleni zabo. Uma ingakabi sesandleni noma ekhukhwini lakho asikho isiqiniseko sokuthi ingeyakho imali. Oyibone kuqala wayithatha sekungeyakhe.
Umbango omkhulu esinawo oze ufakwe nakupolitiki yobunikazi bomhlaba, uma uwulandela ujula nawo uyaye ubone ukuthi phakathi naphakathi kwawo kukhona umnotho.
Kunabantu abayibona imali noma icashe kangakanani bese beyithatha abanye bengakayiboni. Siyalidinga kakhulu thina boHlanga iso elibukhali lokuyibona imali noma ngabe ifihleke kuphi. Kuhle ngiphinde ngicacise ukuthi uma sewuthole imali ungasheshe ucabange ukuthi sewuthole umnotho. Umnotho ujulile kunemali kodwa wakhelwe kuyo.
Ngiyazibuza ukuthi kuqala kuliphi iqophelo ukuba yihlazo ukwenza imali? Kuqala kuliphi iqophelo ukumlahlisa umuntu ukwenza imali? Ngike ngazibuza ukuthi umuntu owanquma ukuthi itshe lentaba liqoqelwe ndawonye lithwalwe ngezimoto liye kosetshenzwa ndawana thize wayecabangeni. Kungenzeka ukuthi wayecabanga ngenhlanzeko. Umsuka womqondo othize kuba yisixazululo ofuna ukuza naso. Uma itshe lentaba lilahlwa noma yikuphi, kunobungozi besimo sempilo yabantu. Ngakho-ke ngaphambi kokucabanga ngetshe lentaba kumele ube ngumuntu ozithandayo ezempilo. Nginqume ukusebenzisa itshe lentaba ngamabomu ukuze kusicacele ukuthi imali idinga umqondo ojulile. Umuntu osebhizinisini lokuthutha indle ungathola ukuthi unomuzi omuhle, usebenzisa izimoto ezinhle futhi ezisesimweni esihle futhi uphila impilo ehlanzekile. Kungenzeka umqondo onjengalona uthathe isikhathi ukugxila emqondweni womunye umuntu, ikakhulukazi uma egxilisa ingqondo yakhe etsheni lentaba akhohlwe wukuhlanzeka nezempilo eziyisiphetho somsebenzi.
Ukungcwaba nokungcwabisana akuqalanga kuyibhizinisi. Abantu basuke bedabukile besosizini, kodwa futhi bedinga ukuthi leso sihlobo esidlulile emhlabeni basiphelezele kahle ukuze basale beduduzekile futhi besibeke ngendlela abayithandayo. Kancane kancane kube nezinhlelo zokungcwabisana lapho abantu bezibekela imali yokungcwaba kwaze kwagcina sekunabangcwabi. Kuke kwenzeka kwelinye lamalokishi eminyakeni eminingi edlule kwaba nendoda eyayifuna ukwenza umsebenzi wokugcina izidumbu zabantu bese yelekelela imindeni ngokuyingcwabela. Yachusha kuzozonke izinhlelo zokuqala ibhizinisi lendoda yaze yenza isakhiwo lapho izowenzela khona lomsebenzi. Abantu bavuka umbhejazane basho ukuyidla bayifele, yagcina idikibele. Lokhu kwakuzosiza lomphakathi ukuthi uthole usizo eduze uma sekwedlule izihlobo emhlabeni. Kuze kube namuhla umphakathi wakule ndawo usizakala kwabezinye izinhlanga abangekho kuleli lokishi. Ukusuka kwemoto kwenye indawo iza elokishini kuyizindleko ezibalelwa kulowo oshonile.
Kuyadinga ukuba sihlale sizihlola ukuthi izinqumo esizithathayo zisibeka esimweni esinjani njengesizwe. Kule ndaba engenhla kuyacaca ukuthi kukhona abancamela ukuthi umsebenzi wokungcwaba uphathwe ngezinye izinhlanga, kodwa kungabi ngowakubo. Ezinye izinto singazithatha kancane kanti zihamba indlela ende ekudayiseni isizwe sakithi kwezinye izizwe, bese simangala uma sisalele emuva kwezomnotho. Umnotho kule ndaba kuyacaca ukuthi sincama ukuwudlulisela kwezinye izizwe, nakubantu abangesibo bakuleli lokishi, sizivimbela ngokwethu intuthuko yethu.
Uma ucabanga imali, bheka kuzozonke izinto eziyingxenye yokuphila kwabantu, uzothola ukuthi ziningi izinto ezisadinga ukuxazululwa, zenziwe lula futhi zilethe impilo engcono kubantu. Awukho umgomo othi izinhlelo ezifuze lezi azisungulwe ngabezinye izinhlanga sibe nathi siphila njengesizwe.
- UMnu uLindani Dhlomo unguMqondisi kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhumana naye ngezikhathi zonke ku- lindani@mindtunes.co.za