Now Reading
Isabambe ngakho emaqenjini amakhulu eKZN
Dark Light

Isabambe ngakho emaqenjini amakhulu eKZN

Isibabuli somdlali weGolden Arrows sithi uma bengadliwa yiKaizer Chiefs kuzosho ukudlala ngokulingana kubo

IKWAZULU-Natal yonke ingajabulisa okwezingane ezincane uma kungathiwa i-Absa Premiership iyagoqwa njengamanje. Lokhu kungabe kudalwa ukuthi amaqembu akulesi sifundazwe kungabe kusho ukuthi wonke angene kuTop 8.

Okwesibili lokho kungabe kusho ukuthi iLamontville Golden Arrows ingompetha abasha balo mqhudelwano, kuthi iMaritzburg United ibe sendaweni yesihlanu, uSuthu luyivale endaweni yesi-7. Ngeshwa kusadlalwe kuphela imidlalo emihlanu  okwamanje, kodwa okuphawulekayo ukuthi asenza kahle amaqembu aKwaZulu-Natal. Kusasa ngoMgqibelo, Abafana Bes’thende bazovakashela iKaizer Chiefs, eFNB Stadium eNasrec emdlalweni we-Absa Premiership. Lo mdlalo uzoqala imizuzu ili-15 libumbene elesi-8 ebusuku.

Ziya kulo mdlalo nje, i-Arrows ishaye iPlatinum Stars edonsa kanzima kulesi sizini ngegoli elilodwa eqandeni ngoLwesithathu kwathi Amakhosi abhaxabula iMaritzburg United ngamagoli amabili eqandeni. Emidlalweni emihlanu esadlalwe i-Arrows ayiyazi induku, inqobe imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana kwemibili. Izihola phambili kulogi ngamaphuzu ayi-11. IChiefs isendaweni yesine kulogi, inqobe imidlalo emibili, yadlala ngokulingana kwemibili, yashaywa kowodwa. Leli qembu laseNaturena linamaphuzu ayi-8 emidlalweni emihlanu.

Ngenxa yefomu lamaqembu womabili azithola ekuyona, akubuzwa ukuthi umdlalo wakusasa uzobe ushisa futhi kulindeleke ukuthi ube namagoli amaningi. EzikaClinton Larsen ongumqeqeshi we-Arrows sezivalele phakathi amagoli ali-10 emidlalweni emihlanu, zangenelwa amagoli amane, kanti iChiefs isivalele phakathi ayisi-7 yangenelwa amane emidlalweni efanayo. Lokhu kuyizinkomba zokuthi la maqembu omabili ayakwazi ukuya phambili kanti nasemuva awamahle kahle njengoba engenelwa ngamagoli.

ElaboHlanga libe nengxoxo nesibabuli somgadli we-Arrows uNduduzo “Sulumane” Sibiya. USotobe uchaze umdlalo wabo neChiefs njengonzima kwazise omabili amaqembu asefomini. “Sifike namhlanje (esho izolo ngoLwesine) eGoli, wonke amalungiselelo siwenzela khona.  Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi siwulungele umdlalo. Okuzokwenza kube nzima ukuthi womabili amaqembu anqobile emidlalweni yawo yokugcina okwenza abe nokukhulu ukuzethemba. Okubalulekile kuthina ukuthi sinemigomo nezifiso njengeqembu esifisa ukuzifeza. Ngibona lokho kuzosilekelela kakhulu ngoba asifuni ukuzihlupha ngesitha ukuthi senzani kodwa sifuna ukuzihlupha ngathi. Ngibona ukubambisana kuyikhona okuzosisiza, sifuna ukubuya namaphuzu aphelele. Okungenani ukwehlulwa kwethu kungaba ukudlala ngokulingana neChiefs,” kusho uSibiya ogcine ukushaya igoli ngesikhathi ezakhe zibhekene neBidvest Wits emasontweni amabili edlule zinqoba ngamagoli ama-3 kweli-1.

See Also

Umqeqeshi weChiefs uSteve “Mphathi” Komphela ungaphansi kwenkulu ingcindezi selokhu athatha izintambo eminyakeni emibili nohhafu eyedlule. Le ngcindezi idalwa ukuthi iChiefs ingelinye lamaqembu amakhulu kuleli, kanti osekuyandisa kakhulu le ngcindezi ukuthi selokhu athatha iziMpofana azikaze zinqobe nesisodwa isicoco. Kule sizini uKomphela uthembise okwehlukile kubalandeli baleli qembu elingelinye lezinkunzi zaseSoweto. Uthembise ukuthi uzobuyisa izinsuku zenjabulo kuChiefs.

“Sizoqinisekisa ukuthi umdlalo ngamunye kukhona esikutholayo. Uma sense njalo kuzobuya ukuzethemba kubadlali, nengicabanga ukuthi nezinsuku zenjabulo nazo ziyobuya ngokunjalo,” kusho uKomphela.

Scroll To Top