Now Reading
Uhlwithwe iqatha emloyeni u-Uhuru Kenyatta
Dark Light

Uhlwithwe iqatha emloyeni u-Uhuru Kenyatta

Ubudlelwane phakathi kwezinhlaka ezahlukene zikaHulumeni, ikakhulukazi izishayamthetho kanye nezinkantolo buya ngokuya buvivinywa emazweni amaningi ezwenikazi i-Afrika. Ukuvivinywa kwalobu budlelwane, noma buhluka kumazwe ngamazwe, buvame ukugqama kakhulu ngezikhathi zokhetho lwentando yeningi. Sekwaba yinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi uma bekukade kuyiwe okhethweni emazweni athile e-Afrika, kube nezikhalo ngendlela ukhetho oluhambe ngayo ezigcina seziphelela ezinkantolo, noma zidale udweshu ezweni. Ezimweni lapho izikhalo ziphelela enkantolo, akuvamile ukuthi isinqumo esithathwayo sivune abamaqembu aphikisayo; le nhlalayenzeka igcina seyidala ukuthi yande imibono ethi izinkundla zezinkantolo emazweni amaningi azisebenzi ngendlela ekhombisa ukuthi azichemile futhi zilandela okubekiwe kumthethosisekelo.

Yisimo esifana nalesi esesidale ukuthi isinqumo sangoLwesihlanu olwedlule esithathwe yiNkantolo Ephezulu yaseKenya, kube ngesinye okusakhulunywa ngaso namanje. Emasontweni adlule, kulo leli phephandaba, sike saluhlaziya ukhetho olwaluzobanjwa eKenya, kanye nezinqinamba ebelingase lubhekane nazo. Okwacaciswa kulowo mbhalo kwaba ngukuthi ukhetho luzoba nzima ngoba umlando ubukhombisa ukuthi umbango phakathi kwalabo abebegaqele isikhundla sokuba ngumengameli, uKenyatta no-Odinga, eKenya ujule kakhulu.

Ushaywe engeqiwa ntwala uMengameli u-Uhuru Kenyatta, ngenkathi iNkantolo Ephezulu yaseKenya ikhipha isinqumo sokuthi ukhetho obelukhona aluhambanga ngokohlelo futhi lubanjwe ngendlela ephambene nenqubo yoMthethosisekelo. UKenyatta uhlwithwe iqatha emlonyeni ngoba ubese eyenzile inkulumo yakhe yokubonga ukuphumelela futhi ozakwabo bakwamanye amazwe bese bemuhalaliselile ngokuphumelela kwakhe. Lesi sinqumo sithathwe yile Nkantolo emveni kokuba abamaqembu aphikisayo, beholwa nguMnu uRaila Odinga, befake isikhalo sokuthi bekukhona umkhonyovu endleleni okubalwe ngayo amavoti kulolu khetho. Kwabalandela ezepolitiki eKenya, lesi sikhalo sika-Odinga, besithathwe njengensakavukela, ngakho-ke abazange basishaye mkhuba, futhi akukho okukhombisayo ukuthi bebekhona abekade bebona ukuthi iNkantolo Ephezulu ingaphuma nesinqumo esingaseki iqembu elibusayo. Ngakho-ke, kushaqeke abaningi uma iNkantolo ithi kumele izwe libuyele okhethweni zingakapheli izinsuku ezingama-60. Inhlangano ebhekene nokuhlelwa kokhetho ezweni, isihloniphile isinqumo seNkantolo ngoba akupholanga maseko yabe isidalula ukuthi ukhetho luzophinde lubanjwe mhla zili-17 kuMfumfu.

Lesi sinqumo siyingqayizivele hhayi kuphela eKenya, kodwa e-Afrika yonkana, ngoba akukhumbuleki ukuthi kuke kwaba khona isikhathi lapho izinkantolo zike zathatha isinyathelo esichitha iqembu elibusayo eKenya. Isibonelo ngukuthi okhethweni lwangonyaka wezi-2012, isicelo sika-Odinga sokuthi kuphinde kubalwe amavoti, asizange sikwazi ngisho ukuthi sidingidwe yiNkantolo. Okumele kuthakaselwe ngukuthi, abamaqembu ezepolikiti, ikakhulukazi leli elibusayo, basamukelile isinqumo saBehluleli. Lokhu yisenzo esihle, ngoba sikhombisa ukudlondlobala kwentando yeningi eKenya. Kuvamile ukuthi uma kukhona izigameko ezifana nalezi, lapho ezombuso wezwe kumele zidingidwe futhi zixazululwe yizinkantolo, amaqembu abusayo agxekwe ngokuthi awazishayi mkhuba izinqumo zabehluleli. Yizenzo ezifana nalezo ezigcina ziba nomthelela ekutheni abaseNyakatho belokhu begxeka aboHlanga ngokuthi abakwazi ukubhekana kahle, nezingqinamba zabo. Ngakho-ke, abamaqembu ezepolitiki eKenya, bakhombise ubuholi, futhi baqinisa amathemba okuthi izwekazi liya ngokuya liphucula indlela yezepolitiki ehamba ngayo.

See Also

Kumele kungakhohlwa nokuthi ngaphambi kwalolu khetho, zazinigi izinsolo zokuthi kuzoqubuka udweshu olukhulu eKenya olwalungacishe lufane nalolo olwavela ngowezi-2012, emveni kokhetho olungahamba kahle. Kepha, nonyaka, noma zibe khona izihibe ezigcine sezidala ukuthi kuphume imphefumulo kwabanye, kodwa azizange zifane nezigameko zangaphambilini. Lokhu ngenye yezinto okumele athakaselwe ngoba ikhombisa ukuthi izinhlelo ebezimisiwe, kanye nemisebenzi eyenziwa emveni kowezi-2012 ukuthi kugwemeke izimo ezifana nazeli ebezisolwa, ibe negalelo elihle.

Noma ngabe lesinqumo siyingqalabutho, kodwa siphinde size nemibuzo ethize okumele ike ibhekwe kahle ikhakhulukazi uma kukhulunywa ngezokhetho lwentando yeningi. Umbuzo wokuqala ngukuthi, iyiphi indima okumele iqathwe yilabo abasuke bethunyelwe ukubheka ukhetho emazweni, ababuya kwizinhlaka ezahlukene ezifana ne-African Union (AU), i-European Union (EU), kanye nezinye. Lezi zinhlaka bezilubhekile ukhetho lwaseKenya, noma ngabe imibiko nezitatimende abazikhiphile, zibekile ukuthi kube khona izihibe ezithize kodwa akekho kubona uze novo oluthi ukhetho lulonke kumele luchithwe, noma luqalwe kabusho. Lokhu kuchaza ukuthi, mhlasimbe abanawo amandla okukhuluma okufana nalokhu, noma behlulekile ukubhekisisa lolukhetho kahle, okusho ukuthi kusamele ifakelwe amehlo indima abayidlalayo. Omunye umbuzo lesi sinqumo oza nawo ngothi, iNkantolo Ephezulu, yini ibone kungcono ukuthi ukhetho lonke luchithwe, bese luqalwe kabusha, kunokuba ithi, akubanjwe ukhetho kulezo zifunda noma izindawo lapho kusolakala ukuthi izinto azihambanga kahle.

  • UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi i-Afrika.
Scroll To Top