Now Reading
Uvuma utwayi lokucwasana oweDA
Dark Light

Uvuma utwayi lokucwasana oweDA

Umholi weDemocratic Alliance KwaZulu-Natal uthi ufike kunamabibi amaningi kuleli qembu asazama ukuwashanela

 

UTWAYI lokucwasa ngokobuhlanga oludla lubi eqenjini eliphikisayo iDemocratic Alliance lumise kabi nomholi waleli qembu KwaZulu-Natal uMnu uZwakele Mncwango. Kulesi sifundazwe iDA  isingene kaningi  ehlazweni ngaphansi kobuholi bukaMncwango ngenxa yezigameko zokucwasana ngobuhlanga.

Esinye sezigameko esifakele leli qembu isigcwagcwa kubantu, sathwalisa kanzima uMncwango, kube ngesikaNkk uDianne Kohler-Barnard, obeyisekela  likaMncwango sokudlulisa umbhalo ayewuthole enkundleni yokuxhumana uFacebook oncoma uHulumeni wobandlululo ukuthi ngaphansi kwakhe izidingo zomphakathi zazilethwa kangcono.

Lo mbhalo wawubhalwe uMnu uPaul Kirk ngemuva kokuthi inkantolo enkulu yakhipha isinqumo sokuthi owayeyiNhloko yoKlebe nowayemise emsebenzini uMnu uJohan Booysen, wayengathembekile futhi engakufanele ukuphatha lesi sikhundla.

UKirk wabe esebhala kuFacebook wathi; “Kanti kwenzakalani kuleli lizwe, kwakungcono kusaphethe uPW Botha ngoba amaphoyisa ayesebenza ngobuqotho, ezempilo zazisezingeni kanti noHulumeni wawuhambisa izidingo kubantu ngaphandle kwenkohlakalo. Cha akavuke uBotha kwabafileyo,” kusho lo mbhalo owabe usudluliswa uNks uBarnard.

Lesi sigameko sibe nzima kuDA kangangokuthi sidale noqhekeko uMncwango waze wabizelwa kuFederal Executive Committee ukuba azochaza. Kwesinye isigameko owayeyilungu leDA uNkk uPenny Sparrow naye wabhala amagama alumelayo kuFacebook ngaboHlanga ababesebhishi eQueensburgh ethi bayafana nezinkawu.

Kumanje kunesigameko esithinta umholi wentsha yeDA KwaZulu-Natal, uMnu uSandile Shelembe sokuthi uzoqondiswa izigwegwe ngoba usola amaBhunu ngokuxhaphaza abasebenzi emapulazini kodwa iDA ithi akusikhona lokho ashushiselwa khona. UMncwango ekhuluma nelaboHlanga, uthe lezi zigameko zingezinye ezigubezele ubuholi bakhe benza neqembu labukeka kabi emphakathini ngenxa yokuthi ufike kunezinto ebezilenga zingakhulunywa.

“Kunezinto eziyinselelo eqenjini lethu kodwa esengikwazile ukubhekana nazo njengayo indaba yokucwasana ngokobuhlanga.  Okunye kube uqhekeko obelukhona ngaphakathi obeluyinkinga kakhulu. Ngingasho nje ukuthi njengoba i-ANC ibhekene nenkinga yenkohlakalo, nathi ngapha kuDA iyasikhathaza indaba yokucwasana ngokobuhlanga. Nokho engikuqaphelile nengikwazile ukukuqonda kube ukuthi abanye abelungu  banendlela yabo yokukhuluma, abazitshela ukuthi uma bekhuluma bodwa kulungile kodwa uma esekhuluma nomuntu woHlanga kuvele kulumele. Yikho lokho okwenza abanye bangaziboni ukuthi bayacwasa uma bekhuluma amagama athile,” kusho uMncwango.

Uthe akwenzile kube ukuthi kumele bazikhulume izinto babe nemihlangano kuhlalwe phansi kutshelwane ukuthi njengoba beyizinhlanga ezehlukene eqenjini kanjalo namasiko abo awafani.

See Also

“Uzothola ukuthi  abaMhlophe  namaNdiya bakubona kuyihlazo noma kubuhlungu ukuhlatshwa kwenkomo ekubeni aboHlanga bakubona kuyisiko. Ngakho sikukhulumile lokhu sacaciselana ukuthi asingaphoqani ngamasiko. Uma isiko lami ungalithandi musa ukungiphoqa ukuba ngiphile njengawe. Akugcinanga lapho kodwa nendaba yokubuyiselwa komhlaba kubantu yinto esengiyiqondile ngathi ayikhulunywe ngoba asikwazi ukuziba izinto ezenzeka kubantu boHlanga ngobandlululo bese sithi sibheke iphambili kuphela,” kusho uMncwango.

Lo mholi uzishaya isifuba ngokuthi iqembu ngaphansi kwakhe likwazile ukukhula ngokhetho loHulumeni BeziNdawo obelungowezi-2016 bazibona benamakhansela ngisho ezindaweni abangakaze babenawo kuzo. Lokhu kukhula kuqale ngesikhathi sikaMnu uSizwe Mchunu lapho kubonakale iDA ngowezi-2014 ikhula ngamandla idlula i-IFP KwaZulu-Natal, yayoba iqembu eliphikisa ngokugcwele.

UMncwango uqhube wathi okunye abakuqinisekisile ngaphansi kobuholi bakhe ukuthi ngesikhathi bezama ukukhulisa ivoti laboHlanga namaNdiya, benze isiqiniseko sokuthi ivoti labaMhlophe nalo alilahleki.

“Besinenkinga ngevoti lamaNdiya ngoba belingathembekile kodwa ubuthola ukuthi ngomunye unyaka liyakhula ngomunye liyehla. Lokhu kuze kwafakazelwa ukuthi besingenayo iwadi ezindaweni zamaNdiya. Muva nje sithole amawadi saze sahlomula ngayishumi ngaphezulu abephethwe uKhongolose. EThekwini nje sikhulise isibalo samakhansela ethu esuka kwangama-43 ayofinyelela kwangama-61. Nakhona lapho ikhokhasi yethu ibihlale igcwele abaMhlophe kodwa konke lokhu sikuguqulile senza ukuthi isigungu samakhansela ethu kufanele sifane nesibalo sabantu baKwaZulu-Natal njengoba iningi kungaboHlanga. Ngisho emahhovisi ethu silufakile lolu guquko ukuthi abantu abasisebenzelayo kube yizinhlanga ezahlukene kodwa isibalo esiphezulu kube esaboHlanga,” kusho uMncwango. Isikhathi sokuphatha sikaMncwango siyaphela ngoNdasa wezi-2018.

Scroll To Top