Now Reading
Ukunqoba kungehlisa umthwalo kuBafana
Dark Light

Ukunqoba kungehlisa umthwalo kuBafana

Umqeqeshi uthi angeke bayithathe kancane iCape Verde ngenxa yerekhodi layo emidlalweni yokuhlunga

INGAZENZELA umsebenzi ube lula iBafana Bafana uma ingashaya iCape Verde kule midlalo emibili yokuhlungela iNdebe YoMhlaba, ezoba seRussia ngonyaka ozayo.

IBafana izotholana phezulu neTubarões Azuis (okuyigama lezidlaliso leCape Verde) namuhla emdlalweni wokuhlungela iNdebe YoMhlaba eqoqweni D, eStadio Nacional de Cabo Verde, emdlalweni ozoqala ligamenxe elesi-8 ebusuku ngokwesikhathi sakuleli. La mazwe azophinde atholane phezulu ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium emlenzeni wesibili.

Njengamanje ezikaStuart Baxter zinamaphuzu amane emuva kwemidlalo emibili, eziwathole zisacijwa u-Ephraim “Shakes” Mashaba ogcine echithiwe kwelesizwe. IBafana ithole iphuzu elilodwa ibhekene neBurkina Faso, idlala ngokulingana ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. Ithole amaphuzu amathathu ekhaya ibhekene neSenegal, eMbombela Stadium.

Okuzoqinisisa idolo elakuleli ukuthi iCape Verde isashaywe kuyo yomibili imidlalo yayo yokuhlungela iNdebe YoMhlaba. Ishaywe yiBurkina Faso ngamagoli amabili eqandeni ekhaya, yaphinde yasutha induku kuSenegal nayo eyishaye ngamagoli amabili eqandeni. Lokhu kufake umqeqeshi weCape Verde uLuis Antunes ngaphansi kwenkulu ingcindezi.

UBaxter oshaye ibuya kwelesizwe, uqale kahle kuBafana Bafana eshaya izitha ezindala iNigeria ngamagoli amabili eqandeni, kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoNhlangulana nonyaka.

Nakuba iBafana igcine ukubonakala eNdebeni YoMhlaba ngowezi-2010, kuleli, kepha ukuhlungela lo mqhudelwano ngempumelelo yagcina ngowezi-2002, eJapan/ Korea. Ngaleso sikhathi elesizwe lalicijwa uCarlos Quieroz owagcina eshiyile kwathatha u-Ephraim “Jomo” Sono kweyoMhlaba eJapan/ Korea.

Ukushaywa kabili kweCape Verde ekuhlungeleni eyoMhlaba, kwenza abanye beyibuke njengeqembu eliwukudla kwenduku kuleli qoqo. Ngokwezilinganiso isendaweni ye-114. Nokho uStuart Baxter uthi uma iBafana Bafana ingaya ngobuso kulo mdlalo ngoba nakhu ithi izitha zilula, iyoyikhotha imbenge yomile.

“Iyingozi kakhulu iCape Verde ngoba iya kulo mdlalo isizitshele ukuthi iyofela enkundleni ngenxa yokuthi isishaywe kabili. Ngicabanga ukuthi nathi kufanele sizitshele ukuthi siyofela enkundleni, ngaleyo ndlela siyokwazi ukunqoba. Uma silandele imiyalelo ngendlela, ngibona ukuthi siyowuthola umphumela esiwufunayo. Kuzofanele sikubalekele ukuzisola uma sekuphele umdlalo. Lokhu kusho ukuthi kufanele sibe nezinqumo eziphusile, ukuze singazisoli.

See Also

Njengethimba labaqeqeshi, siyaqinisekisa ukuthi abadlali abayibukeli phansi iCape Verde, siyaqinisekisa futhi ukuthi ukwesa novalo siyakuqeda,” kuchaza uBaxter.

Uma iBafana Bafana ingayinqoba yomibili le midlalo ezoyidlala neCape Verde izoba namaphuzu ayishumi. Esikhathini esiningi uma kuhlungelwa imiqhudelwano, emaqoqweni anamaqembu amane, amaphuzu ayi-12 noma ayi-13 ayaye abeke iqembu esigabeni esilandelayo sokuhlungela. Ukunqoba kweBafana Bafana le midlalo yomibili kungasho ukuthi kufanele idlale ngokulingana neSenegal kanye neBurkina Faso emilenzeni yesibili. Okungenza izinto zibe lula kwezikaBaxter ukuthi iSenegal neBurkina Faso basazobhekana bobabili.

IBafana Bafana izodlala lo mdlalo, inethemba lokuthi umdlalo phakathi kweSenegal neBurkina Faso ozoba seStade Leopold Senghor, eDakar ngoMgqibelo ngehora leshumi ebusuku uphela ngokulingana. Lokhu kuzokwandisa amathuba kuBafana ikakhulukazi uma iwunqobile umdlalo wanamuhla.

Scroll To Top