Now Reading
Uguqile uKhumalo: Owayenguzakwabo ubhonga emswaneni
Dark Light

Uguqile uKhumalo: Owayenguzakwabo ubhonga emswaneni

NGOKWESIKO nxa kwehle ifu elimnyama emndenini kuyakhaliswana, angingabazi ukuthi nakulokhu inqola ethwele imiyalezo yokuzwelana nomndeni nozakwabo bakaSipho Christian Khumalo iyanyinyitheka. Amaklume ekucosheleni izindaba afikele ezandleni zikaMashobana ezindaweni eziningi asebenze kuzo azomchaza njengendoda ebe nesandla esikhulu ekuwacijeni kulo mkhakha. Azothi ubebakhonzile abantu futhi ebabamba ngengalo abebesadinga ukucathuliswa. Ngingeze ngamangala uma nabaphathiswe iZwi bezomcelela ukwemukelwa komphefumulo wakhe kulesi sikhathi nokukhanyelwa kwaphakade. Kubafanele nabo lokho ngoba bavame ukukwenza.

Nami kungifanele ukuloba ngoSipho Khumalo odlule emhlabeni eseneminyaka engama-59 ngoba ngineqholo lokusho ukuthi bengimazi ingxenye enkulu yempilo yakhe yonke njengentatheli. Njengeningi lezintatheli zaboHlanga KwaZulu-Natal ebezikhona ngaleyo minyaka, uKhumalo ucije usiba lwakhe ephephandabeni lamaRoma aKhatholika, UmAfrika, eMariannhill. Uphinde wathola ithuba ebeliyivela kancane ngaleso sikhathi lokusebenzela iphephandaba lesiNgisi iNatal Mercury, ebambelele emphethweni wamabhantshi ezingqalabutho ezifana no-Elijah “More & More” Zondi wodumo lokuthwebula. Ubesondelene kakhulu futhi nombhali wezemidlalo uPius Zondi. Ngaleso sikhathi bengikhosele ophahleni kwelikaMafukuzela iphephandaba Ilanga, ngincela osibeni lwengqalabutho kwezokuloba, umhleli uMnuz Obed Kunene owayengikhuthaza ukungexwayani nolukaJoji ulimi noma Ilanga lalibhala ngolukaMageba. Ngikubalula lokhu ngoba ngasheshe ngathola ukuthi ulimi lolu belukhonziwe lapha kuMashobana obekwenza side sidinga ukuvusana lapho luphoqoka, ikakhulu ngasekuphinyisweni kwamagama athile.

Yilokhu kukhonza kwakhe lolulimi obekwenza ukuba uma kukhona igama elimhlabe umxhwele, angayesweli intuba yokulishutheka enkulumweni, njengaleli elithi “indeed” abelisho ngokulinga ukulingisa omunye uzakwethu owayeliphimisa ngokunongiwe impela. Okwenza saxhumana sisebancane noMntungwa ngukuthi sasheshe sacaciselana ngokwehluka kwemvelaphi yethu. Thina esingafikanga ngamatoho edolobheni besinakho ukusheshe simbone umfana “wasemakhaya”. UKhumalo wakubeka kwacaca zibekwa nje ukuthi wayengeyena owase”mafamu”, kodwa “ekhaya kithi” kwakusemzini kayise uDecember eDenny Dalton, eMahlabathini. Wayeqhuba athi njengoba wayeyi‘NMA’, wayeyimbewu yezimfundiso zakoMpungamhlophe nakoMatshitsholo.

Noma ingxenye enkulu yempilo yakhe eyichithe edolobheni eThekwini, kusukela emajalidini kuya emahosItela, aze ayoba nesakhe isithabathaba somuzi esilungwini, akuzange kuphume ukuziqhayisa ngokuthi yena ungowaseMahlabathini. Nokho ukuhambela phesheya kwezilwandle kaningana kumvule amehlo ngobubanzi bempilo ngale kwemifula nezintaba zaseMahlabathini. Yikho lokhu okumenze wakuqonda kangcono ubunzima bokuba yintatheli yoHlanga ngezikhathi zobandlululo. Kufike isikhathi lapho abanye bethu njengezintatheli zezinhlanga ezehlukene sizibuze umbuzo wokuthi simiphi emzabalazweni wenkululeko eNingizimu Afrika? Bekusobala ukuthi kayikho indaba yokuthi njengezintatheli siyisibuko qha sokwenzekayo ezweni ngakho akufanele sishabasheke, siphose esivivaneni ukusunduza inqola yengcindezelo.

Kungaleyo nkathi ezweni lonke kwasungulwa imithombo yezindaba eyaduma ngele alternative press, eyayizama ukuqwashisa ngokuthi isithombe esasinikwa yimithombo yezindaba eyejwayelekile sasifihla amaqiniso ngeNingizimu Afrika. Yikho kwasungulwa amaphephandaba afana neSouth, iSaamstaan, iVrye Weekblad neNew Nation. Lapha KwaZulu-Natal amaRoma aKhatholika aseboleka inkundla eyiphephandaba UmAfrika, sasungula nephephandaba iNew African uMntungwa ayengomunye wabahleli bayo. Wayephambili nasekusungulweni kweConcord News Agency okwakungomunye wemizamo yesasikubiza ngeDurban Newspaper Group ukudidiyela le nkambiso entsha esasiyiphehla ekusatshalalisweni kwezindaba zangempela ngokwakwenzeka ngaphansi kobandlululo.

Yikho saze sasungula i-Association of Democratic Journalists eyayingahlonizi ngokuthi izintatheli ezazingaphansi kwayo zazimiphi empini nobandlululo. Njengoba sisazi sonke isifo saboHlanga, leyo ngxenye yomlando neqhaza likaSipho Khumalo kulowo mzabalazo ayiqoshiwe ngokufanele. Ngeke izingane zakhe zifunde ndawo zenele ngokuthi uyise wayenzani amaBhunu ecindezele aboHlanga. Ngeke zifunde ndawo ngeqhaza lakhe ezakhiweni zentsha zokulwa nobandlululo eMlaza ngesikhathi ukunkunka ugologo obizayo nokuthengwa ngabezizwe ngobuchwabalalana kungakabi yizindondo zobuholi bomzabalazo. Ngoba ngikhuluma ngoSipho Khumalo intatheli, mangizishiye lapho ezomzabalazo, ngiqhubeke naye nomnikelo wakhe ngesikhathi sezinkulumompikiswano ngeqhaza lezintatheli ngaleso sikhathi.

Ngabantu abafana nezinkakha oMono Badela e-Eastern Cape noZwelakhe Sisulu eGauteng abangabanye ababesekhaleni laleyo mpi. Okwakuhlaba umxhwele ngesikhathi sokudingidwa kweyeqhaza lezintatheli zboHlanga emzabalazweni ngukuthi kwakuyisinqumo umuntu nomuntu ayeziqokele sona, futhi kungancengwe kwethenjwa muntu ophaka iphalishi lezingane. Sasiphila ethembeni lokuthi mhla libuyayo, okwakulwelwa ngoKhumalo nabanye kuyoba ngumkhakha wezobuntatheli oyobika ngokungachemi nokungesabi ukuze iNingizimu Afrika yakusasa ibe ngcono kuneyanamuhla. Yileyo ntshisekelo eyayisiqhuba noMashobane unyaka nonyaka sibheke eMandleni/Matleng, oNdini, emibuthanweni weNkatha yeNkululeko yeSizwe. Uma ngithi ubudlelwano balo mbutho nabanye bethu ebuntathelini babumuncu ngenxa yokucija, ukunhlanhlatha noma ubuthuntu bosiba lwethu ngokubona kwabalandeli nabaholi bale nhlangano.

Noma besincintisana kakhulu njengabemithombo yezindaba abehlukene, besikuqonda ukubaluleka kompheme womshungu wokuhambisana njengezintatheli uma kuyiwa lapho kungalilizelwa khona nxa ningena. UKhumalo waba nesandla esikhulu ekwenzeni izintatheli, ikakhulu ezazisathuka isisinga, zizizwe zemukelekile. Nguye owayedlulisa izimemo zokuthi uMntwana waKwaMinya wayehlinzeke abezindaba ekhaya ngenyama yezinyamazane ayezizingelile. Bekudabuka ukusa uMntwana ezikhipha ezikhiphile izithebe (nezinye izidlo), engathokozi neze uma izintatheli zibika ukuthi kwakufanele ziyokwenza ezazikuzele kolumahlikihlikana. UMntungwa lapho wayesekhombisa thina nzalo kathayela ukuthi kubuswa kanjani emakhaya, nokuthi kwakungasukelwa muntu ongasukeli muntu.

See Also

Noma sifunde okungaka kumfo kaDecember, sihlulekile ukumgoba kokuningi. Ngenxa yenhlanhla yokuba sebuholini benkampani i-Independent Newspapers, bengike ngibuze kwabanye ozakwethu ukuthi kungani uKhumalo bebengamsondezi kubaphathi kunokuba elokhu egijima ensimini engabe udedela abasebancane. Babethi uyagoloza, akafuni ukuphathwa yikhanda ngezintatheli okuyimvelo kuzo ukungafuni ukulawuleka. Yilokho okwenze ukuba ebuntathelini ashiye esengaphansi kwesandla samavukana ayewacathulisile, mhlawumbe obekumgculisa emphefumulweni.

Kuze kwaba sekugcineni kwala kuMntungwa ukuzicupha empahleni yokugqoka, nakuba-ke kuphawula abanye bethu abangadle ngabuncwasimende kwabona. Ngabe sidlala ngaye futhi uSipho Khumalo uma kuthi ngoba esethule singafakazi phambi kwezwe ukuthi lona ebesimazi ulimi lwakhe belungaqoqekile neze, nakwabesifazane imbala. Abanye bazowakhumbula amanye amagama alumelayo abewabhadlaza nje sengathi uzixoxela ngabadlali be-Orlando Pirates noma abeBarcelona. Phela ubezifela ngonobhutshuzwayo futhi ekwazi ukuwudlala ebusheni bakhe. Mhlawumbe yikho futhi lokhu okumsondeze nobhuti abadala baseMlaza abebejwayele ukuhlanganela endaweni okwakuthiwa yiseMakhehleni (yize bona babengeke bazichaze kanjalo). Abaningi kubona babedlale ibhola ezingeni elikhokhelwayo, ngakho uKhumalo ubesekhaya uma kuxoxwa ngalo nangezinye ezisematheni ezweni sakhile.

Sesivaliwe-ke leso nezinye izahluko zempilo kaSipho Khumalo, umfo kaDecember. Imibhalo yakhe, njengemisebenzi, iyohlale imlandela nangale kwethuna.

Scroll To Top