IKhomishini bayifusa ngomquba emehlweni
UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Umlando uyaziphinda njengoba abantu baqhubeka nokusocongwa iKhomishini ka-Advocate uMoerane ibe ihleli
NGESIKHATHI kuqhubeka ukuhlala kweKhomishini eholwa u-Advocate uMorumo Moerane ephenya ngomnyombo wokusocongwa kosopolitiki KwaZulu-Natal, kubukeka abenzi bobubi bengakugqizi qakala ukusebenza kwale Khomishini kanye nemiyalezo evela nxa zonke yokuthi kube nokuthula esifundazweni. Lokhu kufakazelwa ukuqhubeka okungenamkhawulo kokusocongwa kwabantu okuyanyaniswa nepolitiki yangaphakathi yamaqembu. Sekubulawe abantu abangaphezulu kwabathathu ezigamekweni ezehlukene kwathi abanye balimala okubalwa noMnu uSindiso Magaqa. Isehlo sakamuva kube ngesangoLwesithathu ebusuku sokulalelwa unyendle kubulawe ikhansela likaKhongolose kuWadi 3, eMkhambathini, uMnu uKwazi Mkhize. Umufi ubephuma emhlanganweni womphakathi obusehholo laseNkanyezi, eMkhambathini lapho abeyothula khona umbiko wentuthuko esiyenzekile ewadini yakhe.
Le khomishini yethulwa ngokusemthethweni zingama-28 kuMfunfu ngowezi-2016 nguNdunankulu uMhlonishwa uWillies Mchunu ukuba ibheke umnyombo wokubulawa kwabantu okuhlangene nepolitiki KwaZulu-Natal ngokulandela isiGatshana soMthetho 127 (2) (e) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngowe-1996 neSigatshana 2 (1) soMthetho iKwaZulu-Natal Commission we-1999. UNdunankulu waqoka ugalagala u-Advocate uMarumo Moerane ukuba uSihlalo. U-Advocate Moerane unolwazi olunzulu kwezomthetho futhi useke wahola amaKhomishini ahlukene njengeyokubulawa kwabantu eShobashobane ngoKhisimusi ngowe-1995. Abanye abaqokwa nguSolwazi uCheryl Potgieter kanye u-Advocate uVasu Gounden osemnkantshubomvu ezinhlelweni zokubuyisana nokuletha ukuthula nozinzo emazweni ase-Afrika. Uke wayibamba nasezindaweni ezabe zinomlilo njengaseVuwani eLimpompo kanti futhi uyilungu leSocial Cohesion Comission yakwaZulu-Natal. UMnu uSolo Mdletshe yena unguMabhalane weKhomishini.
Ngesikhathi yethulwa le Khomishini umklamo wayo ukubheka izigameko zokubulawa kwabantu okuhlangene nezepolitiki esifundazweni kusuka ngowezi-2011. Lapho kuhlanganisa nezigameko zokuzama ukubulala, umnyombo wezigameko nezindawo okwenzeka kuzo. IKhomishini ibheka nokuthi ayikho yini inhlese yezimpi zomkhaya, imibango yasemphakathini, okanye kukhona nenhlese yobugebengu nokunye okuhambisana nokungenhla. IKhomishini izobheka nomphumela wophenyo lwamaphoyisa kulezi zigameko okukhona impumelelo ekuboshweni kwabenzi bobubi, ukutholwa benamacala nokugwetshwa. Izophinde ibheke iqhaza lamaqembu ezepolitiki nezinhlaka zomphakathi ngokuphathelene nembangela yokubulawa kwabantu okuhlangene nepolitiki.
Okulindeleke kuyo futhi ikhomishani yizincomo zokuthi yini engenziwa ukuqeda lesi sihlava kanjalo nendima engahlakulwa yizinhlaka zikaHulumeni ezahlukene. Kuzo futhi izincomo kulindeleke ukuba iveze okungenziwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi ezinye zezigameko zokubulawa, ukuzama ukubula ziyaphenywa ngempumelelo. Yize lokhu kubukeka kulula, iqiniso lithi le Khomishini ibhekene nomqansa njengoba ukusebenza kwayo kunomkhawulo kanti futhi nabenzi bobubi kungebona abavela phambi kwayo. Okunye okugqamayo ukuthi zonke lezi zigameko zokubulala nokuzama ukubulala kubonakala ukuthi zisuke zihleliwe ngoba izisulu zigetshengwa zisendleleni ephuma emhlanganweni noma lapho zihlala khona.
Okunye okubukeka kuyinkinga wukuvela kwezindaba zokuthi ngisho amaphoyisa nawo ayathinteka endaweni enjengaseGlebelands kukhona ukukhuluma okuthi ibibhixana omunye wabaphehli bozwathi yiphoyisa. Kanti nalowo oyiMeneja Yokuziphatha ophikweni i-Independent Police Investigative Directorate (IPD) KwaZulu-Natal, uMnu u-Amar Maharaj naye udalule kule Khomishini ukuthi nembala ozakwabo kabasebenzi ngokuyikho kwamanye amacala abucayi athinta ukubulawa kwabantu. Ukuphawula kukaMaharaj kwabe kuhambisana nesethulo sikaNks uVanessa Burger owadalula ukuthi amalungu e-IPD aphazamisa uphenyo ngamaphoyisa athinteka ekubulaweni kwabantu emzini waseGlebelands.
Umhlola usekhaya
Okunye okungahle kwenze ukusebenza kwale Khomishini kube nzima yiqiniso lokuthi iningi lalezi zigameko zidalwa wumbango wangaphakathi emaqenjini epolitiki kakhulukazi iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC). Nayo le nhlangano kayikuphiki ukuthi nembala umhlola ungaphakathi ngenxa yezizathu phakathi kokunye ezithinta umbango wezikhundla.
Kusuka ngonyaka wezi-2006 sebengaphezu kwe-12 abangamalungu e-ANC asebebulewe amathathu avela kuNational Freedom Party (NFP), amathathu avela ku Inkatha Freedom Party (IFP), kanye namabili avela kuSouth African Communist Party (SACP). IKhomishini kayinawo amandla okungena ngaphakathi emaqenjini ezepolitiki, okwayo wukulalelela bese iqhamuka nezincomo. Umbuzo uthi ngabe lokho kuzokwazi yini ukuqeda ukuphalala kwegazi. Akukhona okokuqala ukuba kube khona iKhomishani ngokufa kwabantu KwaZulu-Natal njengoba yake yaba khona eyabe iholwa nguMehluleli uGerald Alexander eyabe ibheka okufanayo embonini yamatekisi. Le Khomishini yaqhamuka nombiko kepha akumanga ukubulala kule mboni nokuyinto abanye abayisabayo ngale kaMorane osekuvele kucaca ukuthi izigilamkhuba kaziyazi nokuthi ziyini njengoba kuqhubeka ukubulawa kwabantu.
Lesi simo nxa singanqandwa sibukeka singase sifake okungaba ngofakazi amanzi emadolweni ikakhulukazi emzini waseGlebelands njengoba kungeqinsekiswe ukuphepha kwabo nemindeni yabo. Akukho nokubalekela emaphoyiseni njengoba nawo enukeka.