Now Reading
Akasayifisi impilo ogagaziswa izinkabi
Dark Light

Akasayifisi impilo ogagaziswa izinkabi

Usefana nesigwaca uthisha waseBulwer ngenxa yombango wesikhundla nomhloli

 

USEPHILISA okwenyamazane nomndeni wakhe obeyibamba likathishanhloko wesikole sabaphuza ukubamba iPholela Special School, eBulwer othi usefunwa uthuli izinkabi asola ukuthi zihlangene nesinye sezikhulu zemfundo esiyingini saseBulwer. UMnu uFisimpilo Jacob Dube uthi uzithola ekulesi simo nje yingenxa yombango oshisa phansi wesikhundla ophakathi kwakhe nomhloli wesiyingi uNkk uNompumelelo Hetroline Gumede.

UDube uthi okunye okumdalele amazinyo abushelelezi ukuthengwa  kwefenisha yesikole athi ibithengwa kubanikazi besitolo saseVerulam abasondelele noNkk uGumede. Uthi isono sakhe kube ukuvuma ukuzosebenza ePholela Special School njengeHead of Department (HOD) nokuba yibamba likathishanhloko okuyisikhundla ebesibanjwe nguye uNkk uGumede. UDube unabo ubufakazi becala alivula emveni kokuthola ulwazi lokuthi kunezinkabi ezifuna ukumenzakalisa.

Lesi simo uthi siyibulele impilo yakhe ngoba sekuze kwachitheka nomuzi wakhe, wavalelwa umholo, ucwile ezikweletini  useze wahlaselwa nayizifo ezahlukene ngenxa yokhwantwalala. Ezinye zezifo ezimphethe kubalwa isifo senhliziyo, esokuhlaselwa wuhlangothi, ukulahlekelwa umqondo nesomfutho wegazi. IBAYEDE inazo izincwadi zikadokotela eziqinisekisa ukuthi uDube ulashelwa lezi zifo.

Uthi izinkinga ziqale ngowezi-2012 ngesikhathi esuswa eKhulani Special School, eHluhluwe lapho ebeyiHOD esezosebenza ePholela Special School. “Mina ngilandwe eKhulani nguNkk uJudy Dlamini oyiSenior General Manager eMnyangweni Wezemfundo KwaZulu-Natal benoNkk uThabisile Zondi obeyi Head of Special Education Services ukuba ngizosiza ekutakuleni iPholela Special School ebese ifile ngenxa yokungabi nomphathi isikhathi eside njengoba bekubambe uNkk uGumede,” kuchaza uDube.

Uthi isizathu sokulandwa kwakhe eHluhluwe yingoba ayaziwa amagalelo akhe ekufundiseni njengoba enezitifiketi zemikhala eyahlukene azithole eNgilandi. Utshele elaboHlanga ukuthi useyazisola ngesinqumo sakhe sokuzosebenza ePholela Special School. Uthi ekufikeni kwakhe ePholela, uNkk uGumede wakhombisa zibekwa ukuthi akamdingi. “Ubebona sengathi ngizomephuca iqatha emlonyeni njengoba ubeyibamba likathishanhloko ekubeni futhi engumhloli.” eqhuba. Uthi uqashwe waba yibamba  ngesikhathi uNkk uGumede esamisiwe ngenxa yezinsolo zokugwazisa.

Uthi uzidonsele amanzi ngomsele ngokuvala ukuthengwa kwefenisha yesikole esitolo saseVerulam. “Isizathu sokuvala ukuthengwa kwefenisha yesikole eVerulam yingoba abanikazi balesositolo bebesilethela ifenisha engekho ezingeni futhi iphuka njalo. Ngokwenza lokhu kube sengiziqhathile noNkk uGumede.”

Uqhuba uthi:”Ngesikhathi ngilethwa ePholela, uNkk uDlamini waxhumana noMnu uB H Mdluli oyiDistrict Director esiyingini saseBulwer emazisa ngokulethwa kwami kulesi sikole. Naye uMdluli wakujabulela ukulethwa kwami waze wathi kuzomele ngisheshe ngizoqala. UMdluli wathi njengoba ngilethwe kulesi sikole ngokwesikhundla esiphezulu yena noMnu uGVM Mabaso onguCircuit Inspector oBonjeni bazongigcwalisela bona amafomu.”

Uthi ngaphandle kokuba neziqu zemfundo ephakeme uphinde ahlome ngezitifiketi okubalwa kuzo iNational Vocational Qualifications Level-3 (NVQ-3) neLearning Disability Award Frame-Works Level 1 & 2 (LDAS) azithole eNgilandi. INVQ-3 yisitifiketi esisezingeni lomuntu ofundele ukuba ngusonhlalakahle nokuba ngumhlengikazi. “Phesheya kwezilwandle besibizwa ngamaResidential Social Worker and Educational. Isitifiketi seLDAS sona siphathelene nolwazi olunzulu ekuphathweni kwengane ekhubazeke ngokwengqondo nasemzimbeni,” kuqhuba uDube.

Uthi uNkk uGumede walibeka ngembaba elokuthi akafune muntu esikoleni sakhe olethwe yizikhulu zoMnyango. UDube uthi ugcine ebambe nesikhundla sikathishanhloko ngowezi- 2013 ngemuva kokuthi uNkk uGumede emiswe izinyanga ezintathu ngenxa yezinsolo zokugwazisa. Uqhuba uthi ngenxa yokuthi ubesebambe izikhundla ezimbili kudingeke ukuba uNkk uGumede ahambise amafomu eMnyangweni ukuze kulungiswe indaba yomholo wakhe kodwa yena wangakwenza lokho.

“Uvele wavala umholo wami ngoba behlangene noMnu uWarren Napier  oyiHR Clerk eMgungundlovu. Ngigcine sengicwile ezikweletini ngenxa yokungaholi,” kubeka uDube ngomoya ophansi. Uthi uNkk uGumede ugcine ewahambisile amafomu kodwa ngemuva kwesikhathi eside engafuni nawo.

“Ubehlale ebeka izizathu ezingezwakali ethi uwakhohliwe kwesinye isikhathi ubethi isitembu asicacile kahle. Kuhambe isikhathi wagcina esingiphika, ethi akangazi kulesi sikole. Ube esevala nomholo wami,” kuqhuba uDube.

Uthi ngenxa yezinkinga ePholela  ugcine eseshintshelwe eThanduxolo Primary School. “UNkk uGumede noMnu uBJ Sibisi baqamba amanga emhlanganweni ababebizwe kuwo yizikhulu zoMnyango ngesikhathi bethi ngishintshelwa okwesikhashana eThanduxolo. Baphinda bathi ngizoholelwa imali kaPost Level-1 okwesikhashana ngoba kusalungiswa indaba yomholo wami kanti bakhuluma okungesikho njengoba kuze kube manje ayikaze ilungiswe leyo ndaba.”

IBAYEDE inayo ikhophi yencwadi esayindwe nguthishomkhulu waseThanduxolo ngoNdasa wezi-2016 eqinisekisa ngokushintshelwa kwakhe kulesi sikole. “Le ncwadi iqinisekisa ukuthi uMnu F J Dube ubuyiselwe emsebenzini nokuthi useshintshelwe eThanduxolo School. Uqale emsebenzini ngomhla zingama-23 kuNhlolanja wezi-2016 umholo wakhe usalungiswa. Ngakho sicela nibe nombekezelele kuze kube kulungiswa umholo wakhe ngumnyango,” kufundeka incwadi kaMnu TG Mgegeba.

See Also

UDube uthi ngenxa yezinkinga zokugula nokhwantalala ugcine emile ukusebenza ngokomyalelo kadokotela. Uthi okunye okubhebhezele ukhwantalala ukuzingelwa yizinkabi akubeka ngembaba elokuthi uzithengelwe nguNkk uGumede. “Kusukela nyakenye angikaze ngikuthole ukuphumula. Ngihlaselwe yizinkabi ngaze ngagcina sengiphoqeleke ukubaleka emzini wami. Zagasela ebusuku emzini wami zazama ukubulala isicabha kodwa zehluleka. Ziphinde zafika futhi zizenza abantu abasebenza nami abazongibona ngenhlanhla unogada oqapha esangweni wazenqabela ukungena.”

Uthi baningi abathintile eMnyangweni okubalwa uNkk uPeggy Nkonyeni owayenguNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnu uMthandeni Dlungwane osenguNgqongqoshe, uNgqongqoshe Wezemfundo emazingeni aphansi uNkk u-Angie Motshega noNobhala weSADTU KwaZulu-Natal uNkk uNomarashiya Caluza.

“Ngigcine sengibhalele noMengameli uJacob Zuma,” kubeka uDube. IBAYEDE inawo amakhophi ezincwadi azithumelela uNgqongqoshe Wezemfundo, uMnu uSenzo Mchunu owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal. Incwadini esayindwe ngunobhala weSADTU KwaZulu-Natal, UNkk uNomarashiya Caluza ngomhlawezi-29 kuNhlangulana wezi-2015. Iyakuqinisekisa ukuthi iSADTU iyamlekelela uDube ekubuyiselweni emsebenzini.

UDube uthi ukube usezitholile izimali zakhe ngabe usebalekile. “Sengifisa nokubuyela eNgilandi ngiyozisebenzela khona. Sengiphila ngokuquba ezihlotsheni nakubangani ngenxa yokwesabela impilo yami. Ngiyesaba ngenxa yezigameko eziningi zokubulawa kothisha kulesi sifundazwe,” kuqhuba yena.

Kuthintwa uNkk uGumede wenqabile ukuphendula ezinsolweni ezibhekiswe kuye wathi akuxhunyanwe nabakhulumela uMnyango Wezemfundo. UMnu uSicelo Khuzwayo ukuqinisekisile ukuthi bayalwazi udaba lukaDube. “Lukhona uphenyo uMnyango olwenzayo ngalolu daba. Empeleni udaba lwezinsolo zokuthengelwa izinkabi, uMnyango uluphenyile kodwa kwangatholakala bufakazi. Yinhloso yoMnyango ukuphephisa abasebenzi bawo okubalwa naye uMnu uDube. Okwamanje udaba esiluphenyayo ngolokuphutha emsebenzini kukaMnu uDube,” kusho uKhuzwayo.

Uqhube wathi: “UMnu uDube ubanjelwe umholo ngenxa yokuphutha emsebenzini, kodwa uMnyango uyazama ukululungisa lolo daba.” Kuze kwashaya isikhathi sokuloba iSADTU ingatholakali.

Scroll To Top