Now Reading
Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni
Dark Light

Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni

  • Isifiso saphikisayo wukuba noMengameli omusha ngoLwesithathu kepha konke kuncike kumalungu e-ANC
  • Njengosuku lokhetho, usuku lwangoLwesibili oluzayo mhla zi-8 kuNcwaba luzobe lumqoka eNingizimu Afrika. Umahluko nokho wukuthi amehlo azobe engathanga njo kuzwelonke kepha azobe ebheke esakhiweni esisodwa kanye nasedolobheni elilodwa. Isakhiwo yiPhalamende nayilapho amalungu angama-400 azobe elindeleke ukuba enze khona isinqumo ngekusassa laloyo onguMengameli wezwe, uMhlonishwa uZuma. Lolu akulona udaba olusha kepha kulokhu ukukhuluma akufani. Kulokhu amalungu e-African National Congress (ANC) okuyiwo amaningi ngezibalo aphansi kwengcindezi, ngaphakathi nangaphandle kwenhlangano. Ngaphakathi ingcindezi idalwa wukwanda kwemilomo evunanayo ethi uZuma akehle esikhundleni.

    Le ngxenye yamalungu kaKhongolose isola uZuma ngokudicilela phansi isithunzi sale nhlangano kanye nokugila imikhuba eyenza liphelelwe wukwethenjwa nokesekelwa ngabantu. Ubufakazi ababubeka phambili wukuthi okokuqala ngqa ngonyaka owedlule ngoNcwaba, okhethweni loHulumeni Bezindawo le nhlangano ilahlekelwe ngoMasipala abakhulu okuyiJohanseburg, yiTshwane kanye ne-Nelson Mandela. Okunye abakuletha njengobufakazi wubudlelwano bukaMengameli nomndeni wakwaGupta osuphenduke iqaqa kuleli nosolwa ngezenzo zenkohlakalo. Lo mndeni cishe usolwa yizo zonke izinhlangothi ngokufaka leli zwe obishini lokungathenjwa ngamazwe kanye nabatshalizimali emuva kokukhishwa kombiko odume ngelestate capture kanye noxhaxha lwama-email aveza amandla lo mndeni obunawo phezu kwezikhulu ezithile zikahulumeni nezinhlaka.

    Ngakolunye uhlangothi bakhona abathi yize kukhona okungahambi kahle enhlanganweni nokwenze yalahlekelwa ngabalandeli, kepha ngeke bakuvume ukukhishwa kukaZuma esikhundleni nokuyinto abayihumusha njengokuketulwa kombuso. Lapha basola amaqembu aphikisayo ngemizamo yomshoshaphansi yokuketula umbuso nokuyinto abathi yitulo elibanzi eliqondiswe kubaholi abahola amazwe eBRICS ahlanganisa iNingizimu Afrika, iRussia, elase-India kanye neChina. Bathi okwenzeka kuleli kufana ncamashi nalokho okwenzeka eBrazil lapho amaqembu aphikisayo nabathile eqenjini elibusayo iWorkers Party, bakwazi ukususa uMengameli uDilma Rousseff ngonyaka owedlule.

    Kwabanye uZuma ufana noMangope njengoba usesinde amahlandla amaningana kula mavoti okungabethembi ubuholi bakhe. Ngowezi-2010 kuNdasa zili-18, owayengumholi weCope, uBishop Mvume Dandala wenza isiphakamiso sokuba uZuma akhishwe esikhundleni kodwa izibalo zamchitha sekuvotwa njengoba ababeseka uZuma babanamavoti angamakhulu angama-242, ababemchitha babanamavoti angama-83 kwathi abagodla ivoti babayisithupha. Kwathi ngowezi-2015 kuNdasa umholi weDA uMnu uMmusi Maimane wenza isiphakamiso esifanayo kodwa wehluleka ngoba abaseka uZuma bathola amavoti angamakhulu angama-221, ababefuna uZuma aphume baba namavoti ali-113 kwathi abagodla ivoti babayisishiyagalombili.

    Kuye futhi uNdasa wezi-2015 umholi we-Agang SA, uMnu u-Andries Tlouamma, wenza isiphakamiso sokuba kuchithwe uZuma kodwa kwathi ngomzuzu wokugcina sekuzovotwa wasihoxisa isiphakamiso sakhe kwadinwa ozakwabo bamaqembu aphikisayo. KuMbasa wezi-2016, zinhlanu kwaphinda kwenziwa lesi siphakamisa kodwa amaqembu aphikisayo ehlulwa ngoba athola amavoti ali-143 kwathi abeseka uZuma bathola angama-235. NgoLwezi-2016 uZuma waphinde wasinda ngokuthola amavoti amesekayo angamakhulu angama-225, ababengamfuni bathola amavoti angama-99, kwathi abagodla ivoti babangama-22. NgoLwezi wezi-2016, uZuma abaphikisa isinqumo sokungathenjwa kwakhe baba ngamavoti angama-214, kwathi ababethi akehle bathola angama-126 kwaba oyedwa kuphela owagodla ivoti.

  • Abahlaziyi
  • ElaboHlanga libuze abahlaziyi bepolitiki ukuthi iyozala nkomoni nokuvele imibono eyahlukene UMnu uProtas Madlala uthe akaboni ukuthi amaqembu aphikisayo akhankase ngokwanele ukuthola amavoti amalungu kaKhongolose asePhalamende.

    “Okunye ukuthi njengoba uSomlomo uBaleka Mbete ethule nje, ukwenza ngamabomu lokhu ngoba njengoba kuhleli iLekgotla ye-ANC yilapho alinde ukuthola khona umyalelo wokuthi ngabe kuzovotwa ngokuyimfihlo yini noma kuzokwenziwa ngokujwayelekile kuvotwe kubuka wonke umuntu. Okunye abantu okumele bakukhumbule ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ayishongo ukuthi kufanele akhiphe siphi isinqumo usomlomo kodwa yathi konke kulele kuye njengoSomlomo. Akugcini lapho kodwa nawo amaqembu aphikisayo anenkinga ngoba iNational Freedom Party akulula ukuthi umengameli wayo avotele ukuba kususwe uZuma esikhundleni,” kusho uMadlala. USolwazi uSomadoda Fikeni uthe yize amaqembu aphikisayo engawaboni ethola izibalo eziwavunayo kuKhongolose kodwa okungenzeka ukuthi akhulise ivoti elizoba ngaphezulu kwalelo ayelithole ngokudlule.

    “Nokho okubalulekile lapha ukuthi ngabe amalungu kaKhongolose angamaKhomanisi nalawo ayiCosatu azovota kanjani. Yilabo abantu amehlo azobe ethe njo kubo ngoba sekuyaziwa ukuthi izinhlangano zabo zimiphi ngoZuma. Okunye ukuthi laba asebevele baphumele obala ngaphakathi kuKhongolose bethi abasamdingi uZuma, ngikholwa ukuthi ukubanga kwabo umsindo bethi bafuna kuvotwe ngokuyimfihlo, bakwenza lokhu ngoba sebenzela laba abesabayo ukuphumela obala ukuze bavote ngokukhululeka bengabonwa ukuthi bavote kanjani,” kusho uFikeni.

    See Also

  • Iqhingasu lokudunga amalungu kaKhongolose
  • Kula masonto edlule amaqembu aphikisayo aphume umkhankaso wokungena ngenxeba njengoba kungeyona imfihlo ukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye kumalungu kaKhongolose ngoZuma. Ekhuluma emgidini wokugubha iminyaka emine iqembu lakhe lasungulwa, uMnu uJulius Malema utshele izinkumbi zabalandeli ukuthi useke waba nezingxoxo namalungu eqembu elibusayo namnike isiqinisekiso sokuthi nxa ukuvota kuyimfihlo nakanjani izwe lizoba nomengameli omusha. Lokho kungenzeka ukuthi kulihaba kepha inhloso wukudala ukudideka kumalungu kaKhongolose nokungenza anukane wodwa.

    Kanti ngakolunye uhlangothi iDemocratic Alliance (DA) nayo iqale owayo umkhankaso wokudunga amalungu e-ANC. NgoLwesithathu umholi weDA uMnu uMaimane uhole ithimba elihlanganisa namalungu eqembu lakhe ngenhloso yokuyonika iSekela Mengameli wezwe, uMnu uRamaphosa isethulo esenziwe ngabantu abayisigidi nabathi uZuma akehle esikhundleni. Ekhuluma eTuynhuys ePhalamende, uMnu uMaimane uthe: “Ngilapha ukuzoletha incwadi yezikhalo ezisayinwe yisigidi sabantu. Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziqhamuka nkalo zonke zisukumile zathi kufanele sinxuse uSekela Mengameli uRamaphosa enze okulungileyo.” Ngokusobala inhloso lapha wukufaka uMnu uRamaphosa nalabo abamesekayo ingcindezi yokuthi kabenze ‘okulungileyo’. Nokho okulungileyo okufunawa ngamaqembu aphikisayo kungasho ukuphuikisana nesifvnqumo esenziwe ngubuholi beANC ngaloludaba.

    Ephawula ngamalungu kaKhongolose anomcabango wokuvotela ukuba uZuma ehle esikhundleni, uMnu uFikile Mbalula oyilungu lesigungu esiphezulu kulenhlangano wathi amalungu e-ANC amele leliqembu ePhalamende anesibopho enhlanganweni okuyiyo eyabaqoka ukuba bayoyimela. “Leso sinqumo sesimenyezelwe kuwe nakuwo onke amalungu enhlangano. Ngeke simgudlule uMengameli ePhalamende, ngeke simsuse uMengameli eSigungwini Esiphezulu. Ngakho onke amalungu kufanele alandele lowo myalelo. “Kuzophoqeleka ukuba i-ANC ijezise labo abazosebenzisa onembeza uma lokho kungenzeka, bekhombisa ukungathobeli inhlangano, kuyokhombisa ukungahambisani nesinqumo sikaKhongolose.”

    Okunye okungeyona imfihlo nokuhloswe ngamaqembu aphikisayo ngukuyisa isinqumo sikaSomlomo, uNkk uMbete enkantolo. Lokhu la maqembu athe azokwenza nxa uSomlomo enqume ukuthi ukuvota akungabi yimfihlo. Inkantolo yoMthethosisekelo yanquma ukuthi uSomlomo unamandla okunquma ukuthi kuvotwe kanjani. Lokhu kulandela isikhalo esafakwa yi-United Democratic Movement (UDM) eholwa nguMnu uHolomisa sokuphikisa isinqumo sika Somlomo sangaphambilini lapho athi kanawo amandla okunquma ukuthi ukhetho lube yimfihlo. Inkantolo yanquma ukuthi lowo mbono wabe ungelona iqiniso. Izolo (ngoLwesine) amaqembu aphikisayo okubalwa i-Democratic Alliance, i-Economic Freedom Fighters, i-African Christian Democratic Party, iCongress of the People and the United Democratic Movement (UDM).

    Efunda isitatimende emele amaqembu aphikisayo, uBantu Holomisa we-UDM bafisa ukuba uMbete angabi yingxenye yomhlangano. “Siyawubona umyalelo wakhe awuqondise ku-ANC ukuba kuvotwe kwesekwa umengameli. USomlomo uchemile, ngakho-ke akathembekile, ngeke akwazi ukuba wusihlalo wale mpikiswano.” Amaqembu aphakamise isekela likaSomlomo ukuba kube nyuyena owengamela le mpikiswano. Banxuse zonke izakhamuzi ukube ziphelele ngobuningi ePhalamende ngosuku lokuvota.

    Scroll To Top