Usephenduke iqaqa eLusaka uLungu
Abantu baseZambia bakhala ngamandla amakhulu asezinike wona washintsha nemithetho
IQHAZA elabanjwa iZambia ekulweleni inkululeko yeNingizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo kwenza leli lizwe eliseNingizimu ne-Afrika lingasoze lalibaleka futhi liyohlala linobuhlobo obuqinile nelakuleli uma izintambo zombuso zisaphethwe inhlangano ebusayo i-African National Congress.
Izinto kubonakala sezishintsha manje ngaphansi kombuso kaMengameli u-Edgar Lungu ongene esikhundleni eyintandokazi kubantu baseZambia. Muva nje ucwaningo olwenziwe inkampani ezimele eZambia i-Afrobarometer lapho ibixoxisana nabantu bakhona kugqame ngokusobala ukuthi abantu sebecula elinye iculo ngobuholi bukaMengameli uLungu futhi abasazimisele ngokulandela izinkambiso zakhe zokuba undlovukayiphikiswa.
Kulolu cwaningo kuvele ukuthi abantu baseZambia bakhathazekile ngokubona izwe labo selinhlanhlatha nenkululeko abayilwela iya ngokushabalala. Ngesikhathi iNingizimu Afrika isaphethwe abacindezeli izwe laseZambia ngaphansi kobuholi bukaKenneth “KK” Kaunda lalikhoselise abakuleli nalabo ababengamasosha ophiko lwezempi lwe-ANC uMkhonto Wesizwe ezinkanjini ezihlukene. Abantu baseZambia bathi sebedinga okwehlukile manje. Phakathi kowezi-2012 nowe-2017 sibe sikhulu isibalo sabantu baseZambia asebefuna ushintsho. Sehlile nesibalo sabantu abasazizwa bekhululekile ngokusho lokho abakufisayo okungaphakathi kubo ngenxa yokushintsha kwemithetho kahulumeni.
Esikhathini esingaphambili abantu baseZambia bebekhululekile ukuveza noma yini ebahluphayo ngakwezepolitiki, kodwa muva nje bathi sekulukhuni satshe ukuphefumula nanoma ingani, sekudingeka ubheke ukuthi ukhuluma nobani kuphi.Abantu baseZambia bathi sebengenza noma yini ukuvikela inkululeko abayilwela kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso. Basakholelwa kakhulu ekutheni banelungelo lokukhuluma ngokukhululekile. Ingxenye engamaphesenti ali-67 ithi ayihambisani kwanhlobo nezinhlelo zikahulumeni zokuhlola ezokuxhumana njengokubheka ukuthi abantu bawasebenzisa kanjani amaselula. Kulolu cwaningo obelwenziwa kuvele ukuthi ingxenye engamaphesenti ali-58 yabantu baseZambia bakholelwa ukuthi banelungelo lokuzibandakanya nanoma iyiphi inhlangano, kungakhathalekile ukuthi uhulumeni uyahambisana yini nalokho. Kuzokhumbuleka ukuthi lolu cwaningo lwenziwe ngaphambi kokuba uMengameli uLungu aphasise umthetho omgixabeza ngamandla amakhulu.
Kuningi abantu baseZambia ababebuzwa khona ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo njengokuthi, uhulumeni kufanelekile yini ukuthi alandele ukuthi abantu bazisebenzisa kanjani ezokuxhumana njengamaselula ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho abakukhuluma ngasese okungakhinyabeza uhulumeni njengokuketula umbuso nokususa udlame. Abantu bashaye phansi ngonyawo ekutheni uhulumeni kumele angenelele yini ekubathatheleni izinqumo ngokuthi iziphi izinhlangano okumele bazihlanganise nazo noma ngabe yena uhulumeni uqobo akahambisani nazo futhi umphakathi uphinde washo ngazwi linye ukuthi uhulumeni akumele anikwe amandla okuvala izinhlangano zezepolitiki ezingahambisani naye.
Umlando wezwe laseZambia uyakuveza ukuthi uma abantu behlangana beba yimbumba bangakwazi ukuqumba phansi uhulumeni uma bengasawuzwisisi kahle, kodwa umbuzo omkhulu ngowokuthi ubani ongazidela amathambo ahole lowo mkhankaso. Ngokusho kongoti mfundo ineqhaza elikhulu engalibamba ekudwebeni isithombe ngalokho okucatshangwa ngabantu baseZambia ngoHulumeni wabo. Labo abafunde bagcina emazingeni aphansi kuvela ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi bangeseka uhulumeni ongawavumeli amanye amaqembu oholwa umuntu ongundlovukayiphikiswa. Labo abathe ukufunda nasemazingeni aphezulu kuvela ukuthi nabo bayaluchitha uhlelo lukahulumeni lokuqoqela amandla kumuntu oyedwa.
Futhi okunye abakholelwa kukhona ukuthi ukhetho olulandelayo angeke kube ngolukhululekile ngoba bakholwa ukuthi awukwazi ukukhuluma noma ikanjani ngoMengameli uLungu. Muva nje uLungu usanda kusabisa ngokumemezela isimo esibucayi ezweni umphumela wakho okwakuzoba ukuvala ukuhlangana kwabantu okungagunyaziwe aphinde avale nezinhlangano zezepolitiki ezingahambisani naye.
Ukufakazela ukuthi izinto sezishube kanjani eZambia ngoMsombuluko umfundi onguRoyson Edwards uvele eNkantolo yaseLusaka ethweswe icala lokuthuka uMengameli uLungu. Lo mfundi oneminyaka engama-28 ubekwe amacala amathathu okwehlisa isithunzi uMengameli nelilodwa lokusebenzisa ulimi oluqojeme olufana nokwethuka uMengameli. Lo mfundi kuthiwa uthuke uMengameli enkundleni yokuxhumana uFacebook lapho embize khona ngoSathane ethi uyaphinga ngoba unamashende amabili. Kusuka ngowe-1991 kushiya uMengameli uKenneth Kaunda kwathatha uFrederick Chiluba, uLevy Mwanawasa, uRubia Banda, uMichael Sata noGuy Scott.
- Umbiko oweThe Conversation