Now Reading
Adidekile amaKhomanisi ngobulungu obugxamalazile
Dark Light

Adidekile amaKhomanisi ngobulungu obugxamalazile

INHLANGANO iSACP ingundabamlonyeni kulezi zinsuku kulandela ingqungquthela yayo ekuqaleni kwale nyanga uNtulikazi. Le ngqungquthela bekungeyokukhetyha ubuholi obusha kanye nokufika nezixazululo zenhlangano, igcizelele ezixazululweni zezingqungquthela ezimbili zaphambilini lapho le nhlangano ihlongoza khona ukuzimela okhethweni. ISACP ithembise ukuthi ayisoze yahlehla esiphakamisweni sayo sokuzimela okhethweni. Akungabazeki ukuthi le nhlangano iphakamisa lesisi sombululo yingoba icikekile ubuholi bukaMengameli uJacob Zuma kanye nokuhlobana kwamanye amalungu e-ANC nomndeni wakwaGupta. Le nhlangano ihamba phambili emizamweni yokuketula ubuholi bukaMengameli uZuma njengoba usekela nobhala wayo uSolly Mapaila ehambise incwadisifungo (affdavit) kubacwaningi esola uMengameli njengosenga ezimithiyo ngezizathu ezamenza wamisa uMnu uPravin Gordhan nesekela lakhe uMnu uMcebisi Jonas. UMapaila akakaze ayifihla imizwa yakhe ngobuholi bukaZuma.

Izinkulumo zalo mholi kubonakala zayiphoqa iSACP ukuthi ithathe isinqumo sokuphikisana nobuholi bukaZuma, kwazise uyena owawuphonsa kuqala umkhonto ebuholini bukaMengameli emveni kwalapho kwalandela eminingi imihlangano eyagcina iphethe ngokuthi le nhlangano ayisabeseki ubuholi bukaZuma. UNobhala wale nhlangano uDkt uBlade Nzimande akanalo uvalo ngokuvelela nokwaziwa kwenhlangano yakhe njengoba ngoMsombuluko mhlazili-17 kuNtulikazi ekhuluma nabezindaba kwaSABC uveze ukuthi eminyakeni emihlanu edlule le nhlangano ibinamalungu abhalisile angaphezudlwana kwezi-100 000, kanti okumanje izibalo zithi asengaphezu kwezi-300 000 amalungu kule nhlangano. Kubonakala isemizamweni yokuzivusa ibuyise udumo lwangesikhathi somzabalazo. Abanye abahlaziyi banombono wokuthi ihamba ezinyathelweni ezinhle njengoba isivuke injebomvu nje iphosa ngesinxele nangesokudla kuZuma naku-ANC ehlulekayo ukuziqhelanisa nezigemegeme zomndeni wakwaGupta.

Abanye banokukhathazeka ngokubuyisa ubuholi obudala okwenzeke engqungqutheleni bese unikwa umsebenzi wokuvusa inhlangano. Okwami ukuhlaziya kuthi, ubuholi bale nhlangano abazi buhlanganiseni nani ukuze ibenenqubekela phambili. Inkinga enkulu ukuthi ayazi ukuthi obani amalungu ayo nabangewona ngisho nangaphakathi ebuholini bayo. Oyikhulumelayo uMnu u-Alex Mashilo ebuzwa ohlweleni lwezindaba kwaSABC ukuthi amalungu alenhlangano asePhalamende azovota kanjani evotini lokungabuthembi ubuholi bukamengameli oluzayo okusalindwe usihlalo wephalamende ukuthi acacise ukuthi kuzobe kuvotwa ngemfihlo noma cha, uphendule wathi iSACP ayikho ePhalamende ngakhoke ayikwazi ukuxoxa eyokuvota ePhalamende. Kuhle kwazeke ukuthi bonke ongqongqoshe nosekela babo bangamalungu ePhalamende. UMthethosisekelo ugunyaza ukuthi okuHulumeni kazwelonke aqokwe emalungwini ePhalamende. Bayisithupha ongqongqoshe nosekela ngqongqoshe abathathwa njengamalungu eSACP asebephonselwe inselelo ngamanye amaqembu aphikisayo ukuthi bahoxe kuHulumeni uma inhlangano iqinisile ngokungabuseki ubuholi bukaZuma. Lesi sikhulumi siveze ukuthi bonke abakuHulumeni we-ANC bangena ngobulungu babo be-ANC hhayi beSACP. Kuyaziwa ukuthi abaholi beSACP bagxamalazile ngobulungu ngoba ubathola ku-ANC nakuSACP ngenxa yesivumelwano salezi zinhlangano zombili esigunyaza ubulungu bazo zombili izinhlangano umuntu emunye. Kungakho-ke ngithi iSACP iyinhlangano edidekile engazi nokuthi obani abaholi bayo ngenxa yalokhu kugxamalaza kwabaholi bayo. Okusho ukuthi ngisho uNobhala wale nhlangano umhlonishwa uNzimande usePhalamende nakuHulumeni ngokumela i-ANC hhayi inhlangano yakhe iSACP.

Kusobala ukuthi le nhlangano inenkinga yokuthi ingawatshela kanjani amalungu ayo asePhalamende ukuthi avote kanye namanye amaqembu aphikisayo ekuketuleni ubuholi bukaZuma ekubeni umyalelo we-ANC uthi abangakwenzi lokhu. Njengoba la malungu aphinde abengamalungu e-ANC ekuyiyona ebafake ePhalamende, kukancane ukuthi balalele inhlangano yabo ukuthi benzenjani evotini elizobakhona ngobuholi bukaZuma. USekela Nobhala uMapaila wayiveza le nkinga ngoNdasa lapho ayethi khona ukwesaba okukhulu ngokunqamula umshado wabo ne-ANC ukuthi amalungu ayo amaningi asebuholini be-ANC nakuHulumeni kazwelonke noma bezifunda bangase bakhethe ukusala nale nhlangano besebenzisa ubulungu obumbaxambili.

Abaholi bale nhlangano njengoMnu uSenzeni Zokwana, uThulas Nxesi, uBlade Nzimande baphinde babe sesigungwini esiphezulu se-ANC esaziwa ngeNEC, okubenza babaluleke ngokufana ezinhlanganweni zozimbili. Lokhu kukwenza ucabange ukuthi ikuphi okwenza laba baholi babizwe ngabeSACP kodwa bengabizwa ngabe-ANC ngoba bayibambe ebuholini ndawo zombili, i-ANC yona ize ibafake kuHulumeni nasePhalamende, ikuphi okubenza babengabeSACP ngaphezu kwe-ANC? Le nhlangano ikwenkulu inkinga okunale esobala uma kubhekisiswa eyamalungu ayo njengoba inkinga ingagcini nje emalungwini angenaqhaza eqenjini kodwa ikhona nasebuholini usekela nobhala wayo azivumela ngokwakhe ngoNdasa ngokwesaba ukuthi abaningi bazolandela ibhodwe eliconsayo ku-ANC.

Kubonakala kungekho nokubambisana esinqumeni sayo sokungabeseki ubuholi bukaZuma. UMantashe wayengusihlalo walenhlangano kusukela engqungqutheleni yangowezi-2007 wakhishwa kweyezi-2012 lapho isihlalo sithathwa uZokwana. Lo mholi ophinde abe nguNobhala we-ANC, akakaze aveze ukweseka isinqumo senhlangano yakhe. Kusukela ekugqameni kwakhe ngowezi-2006 waziveza njengeKhomanisi lapho okwafike kwaketulwa khona ubuholi bukaMbeki engqungqutheleni yangowezi- 2007. Waqokwa ndawozombili naye ngenxa yobulungu obumbaxambili, kodwa njengoba umlando wakhe umkhomba nasekubeni uNobhala weNUM, bunesisindo ubuKhomanisi kunobulungu ku-ANC. Empeleni ubonakala eseziqhelelanisile neSACP, okukwenza uzibuze ukuthi ngabe inhlangano yamqoka njengosihlalo wayo engalona yini iKhomanisi, ngoba uma kunjalo ikwenkulu inkinga okomele ibhekisise ubuKhomanisi bobuholi bayo. Uma uMantashe eseyiKhomanisi ngempela, kumele engabe uyaphumela obala asho ukuthi uyaseseka isiphakamiso seSACP sokungabeseki ubuholi bukaMengameli.

See Also

Omunye angathi ingani uphinde abe nguNobhala we-ANC, ngakhoke akakwazi ukulwa nobuholi bakhe njengomuntu oyinkaba yeqembu. Uma ebeka ubunobhala bakhe ngaphezu kobuKhomanisi bakhe kuyobe kuchaza ukuthi ubuKhomanisi akakaze abunika isithunzi kwasekuqaleni. Okungaba yinto eyishwa kumuntu osebuya nasesihlalweni esiphezulu seqembu sokuba ngusihlalo. Omunye angazwelana noMantashe kwazise yize eyiKomanisi kodwa unomsebenzi wansuku zonke omuhlalele wokuba uNobhala we-ANC. Yebo yena uMantashe kufanele engabe usesikhathini esinzinima, yize engakhombisi nakancane ukuncika ebuKhomanisini.

I-SACP inenkinga yabaholi abangasaqondakali ukuthi bamephi nobulungu babo benhlangano abanjengoRob Davies, uGwede Mantashe noJeff Hadebe bonke laba abakebaba sesigungwini esiphezulu kule nhlangano ngaphambi kwenqqungquthela yakulo nyaka. UHadebe noDavies bona abekho enkingeni njengoMantashe njengoba enguNobhala we-ANC, kodwa inkukhu inqunywe umlomo kulabo ngqongqoshe njengoba bengakazi bawuvule umlomo ngesinqumo senhlangano yabo sokungabeseki ubuholi bukaZuma kanye nesiphakamiso sayo sokuzimela okhethweni.

  • UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN.

 

Scroll To Top