Now Reading
UMzizi ubukeka engakedluli kolwangowezi-2008
Dark Light

UMzizi ubukeka engakedluli kolwangowezi-2008

  • Buyanqwabelana ubufakazi bokuthi owayenguMengameli usahleli odabeni lwasePolokwane kanye nalolo lokumiswa kwakhe esikhundleni
  • Igama likaMnu uThabo Mvuyelwa Mbeki lingelinye langaconsi phansi kupolitiki yaseNingizimu Afrika kanye neyezwekazi. Lokhu kungenxa yomlando wakhe nowomndeni wakhe emzabalzweni wakuleli. Njengemindeni efana neyakwaMandela, yakwaSisulu nowakwaLuthuli, umndeni wakwaMbeki uyingxenye yemindeni ebizwa njenge‘ndlunkulu’ yepolitiki yakuleli. Kanti futhi okunye okumenza kwabanye abe ngogeze ngencokazi wumlando wakhe wokusebenzisana nabaholi ababehlonishwa kuKhongolose nasemazabalazweni wase-Afrika okungoMnu u-Oliver Reginald Tambo kanye noMnu uNelson Rolihlahla Mandela. Ukusebenza kwakhe noMnu uMandela kumenze waba nesipiliyoni sepolitiki yokuphatha, eyezomnotho kanye neyamazwe ngamazwe nokuyinto iningi elimazi nelimhlonipha ngakho.

    Nokho njengoba isiZulu sisho ukuthi akukho soka lingenasici, naye uMbeki kukhona okuyizimpukane okude kumlandela nokuthinta isikhathi lapho ayeyinhloko kaHulumeni. Phakathi kwezinto asolwa ngazo izinkulumo kanjalo nokudonda kwezinhlelo zikahulumeni wakhe odabeni lwemishanguzo yesifo sengculazi nesandulela sayo. Kanti yize isikhathi sakhe sabe sithathwa njengesimqoka ekukhuleni komnothio wakuleli, ongoti nezimbangi zakhe kwezepolitiki bayamhlaba ekutheni lokhu kukhula komnotho okutuswayo empeleni kwakuyinto engasho lutho empilweni yabantu kwabe kuyinto eyabe ithokozelwa ngongxiwankulu, bathi lokhu kukhula komnotho kwabe kungamawuwa. Kanti okunye asolwa ngakho uMzizi (abakwaMbeki) wukuzenza ‘isazi kukho konke’ nokwakwenza ngokusho kwezimbangi zakhe, labo ayebahola baphenduke izithohlongwana zakhe. Lokhu uMbeki usakuphika kuze kube yimanje.

    Wonke lo mlando wenze kwanemibuzo ngezinhloso zalo mholi ngesikhathi ebanengxoxo ekhethekile nomsakazo iPower Fm nayilapho ethule inkulumo egxeka okwenzekayo kupolitiki yakuleli. Kukhona ukuvumelana ukuthi konke abekukhuluma uMbeki bekuyinto ehleliwe futhi enenhloso thizeni. Le nkulumo yethulwe ngesikhathi kungakapheli nenyanga uKhongolose ubuya eNqgugqutheleni yenqubomgomo kanti emasontweni nje ambalwa amalungu ePhalamende azothola ithuba lokuvotela ukuthi asibethembe yini ubuholi bukaZuma.

    Phakathi kwezinto uMbeki aziphawulile wudaba lobugovu kwabathile kwabaMhlophe emnothweni (White monopoly capital). Kulokhu uMbeki uthe le nkulumo iyimbudane kanti itshengisa ukuthi abakhuluma ngayo kabakaqondi ngomnotho. Lokhu kuphawula kukaMbeki kumangaze abaningi njengoba kunguye oke wakhuluma ngodaba lokungalingani komnotho wakuleli esho khona ukuthi uhlukene kabili, okwakuyinkulumo eyabe iphathelene nesimo somnotho wabaMhlophe kanye naboHlanga. Ezinkulumweni zakhe uMbeki kusuka ngowezi-2003 zabe zigxile ekutheni ububha kudala buqhubeka, abahlwempu (aboHlanga) bavaleleke esigabeni ‘somnotho wesibili’ okwenza bangakwazi ukuxhumana nesigaba sokuqala somnotho. Lokhu kukhuluma kwaze kwavela nasemqulwini kaHulumeni owaziwa ngokuthi yiTowards a Ten Year Review neyabe ibuyekeza osekwenzekile kuleli eminyakeni eyishumi kusuka kwazuzwa inkululeko ngowe-1994. Ukuchitha izinkulumo eziphawula ngobugovu kwezomnotho kwabathile kubelungu kuthathwe njengokuthi uMbeki ungena ngenxeba odabeni oluthinta imbangi yakhe endala uZuma.

    See Also

    Kanti kwabanye ukuphawula kwalo mholi kwakwamuva kufakazele khona ukuthi okaMbeki akakedluli enkulumweni yangowezi-2008 nayilapho iqembu lakhe lamehlisa khona esikhundleni. Ukungenami ngesinqumo se-ANC ngesikhundla sakhe kwagqama kakhuliu encwadini ayibhalela uMengameli omusha wale nhlangano uMnu uJacob Zuma ngowezi-2008: “Mengameli, ngiyacabanga ukuthi yisikhathi esinzima lesi kuwe njengomengameli weqembu lethu i-ANC njengoba naseningini lethu kunjalo singamalungu phaqa enhlangano yethu esiyithandayo, esilokhu siphokopholele ukwethembeka kuyo isikhathi eside. Ngikusho lokhu ngixolisa ukukwethwesa umthwalo owengeziwe ngokukuthumelela le ncwadi ende. Nginqume ukubhala le ncwadi emveni kokuba ngithole ukuthi ezinsukwini ezimbili ezedlule, mhla ziyisi-7 kuMfumfu, uMengameli we-ANC Youth League kwathi wena ngosuku olulandelayo, mhla ziyisi-8 kuMfumfu, nitshele izwe, ngabezindaba, nithi nidinga mina ukuba ngikhankasele i-ANC ngomkhankaso wokhetho lwezi-2009. Njengoba nazi, akukho namunye kinina oke wakhuluma nami ngaphambi kwezimemezelo. Akukho noyedwa ebuholini be-ANC, okubandakanya nani ningomengameli we-ANC nowe-ANCYL nike nathi vu ngalolu daba kusukela lapho.

    “Ukugwema impikiswano, nginqabe zonke izicelo esidlangalaleni ukukhombisa ukuthi ngiyafisa noma ngiyalandula ukwenza njengoba nigagulile. Eqinisweni izimemezelo zenu zingimangazile, ikakhulukazi ngoba ekuqaleni nithumele uKgalema Montlanthe noGwede Mantashe bazongitshela ukuthi iSigungu Esiphezulu se-ANC nenhlangano yethu ayisangethembi njengesigagayi senhlangano yethu. Bangitshele ukuthi ngalesi sizathu uncome ukuthi ngesule esikhundleni njengomengameli wezwe, engikwenzile.

    Akagcinanga lapho uMbeki njengoba kule ncwadi waqhubeka wathi: “Ngakho-ke angiqondi ukuthi yona i-ANC ebingihebeza, kungathi emasontweni amabili, ngibe yisigagayi okungethenjelwa kuso ukukhuthaza izehla zepolitiki zenhlangano efanayo, i-ANC, engiyithengisile ngokubabazekayo ngendlela yokuthi kwadingeka ukuba ngisuswe esikhundleni sobumengameli wezwe ngaphambidlana nje kwezinyanga eziyisithupha noma eziyisikhombisa ngaphambi kokuthi kuphele ihlandla lethu, njengokujutshwa yizinkumbi zabantu bethu!

    Okuqaphelekayo ngezinkulumo zakamuva wukuthi okaMzizi akakadluli kulokho okwenzeka ngowezi-2008 mhla ekhishwa ekubeni nguMengameli wezwe. Kanti futhi nakuye uKhongolose usesenhlekeleleni eyaqala mhla ekhishwa esikhundleni njengoMengameli weqembu ePolokwane ngowezi-2007.

    Scroll To Top