Now Reading
Izinsolo ezishaqisayo ngeBhangengodla
Dark Light

Izinsolo ezishaqisayo ngeBhangengodla

Isitokofela saboHlanga  sisola leli bhange ngokushaqa izigidi nempahla. Sikhala nangeHhovisi loMvikeli Womphakathi esithi lisimbisa iqanda lenjelwane

 

NGESIKHATHI kusenenkulumo eshisa phansi ngeqhaza okumele libanjwe iBhangengodla (South African Reserve Bank) emnothweni wakuleli sekuvele izinsolo ezithi kusenezenzo zokucindezelwa kwaboHlanga yileli bhange, njengoba namanje amalungu esitokofela iSun Multi Serve esabambe udwadwa ngemali yawo eyizigidi ezili-R150 egweve nayo. Lokhu kulandela ukukhuluma kweBhangengodla ngokuthi selawabuyisela le mali amalungu angama-23 esitokofela.

Ngowe-1995 iNkantolo Enkulu ePitoli yakhipha umyalelo owawuphoqa iBhangengodla ukuba libuyisele la malungu imali yawo elaliyishaqile ngoba lokhu elakwenzayo kwakungekho emthethweni. IBhangengodla lathi layishaqa le mali ngoba lesi sitokofela sasephule umgomo wezokugcinwa kwemali othi akumele isitokofela sigcine imali engaphezulu kwezigidi eziyisi-R9.9. UNks uNomusa uShandu onguNobhala wesigungu esilawula lesi sitokofela ozifikele mathupha emahhovisi elaboHlanga uthi, inkinga yabo iqale ngowe-1995 ngesikhathi ibhangengodla livala ukusebenza kwe-akhawunti yasebhange yesitokofela sabo, lizeseka ngokuthi baphule umthetho wokugcinwa kwemali emabhange.

UNks Shandu uthi akugcinanga lapho njengoba baphinde bathelekelwa ngamaphoyisa emahhovisi abo, ashaqa konke, okubalwa nemali eyayikhokhwe ngamalungu nefenisha. “Okunye akushaqa ngamarisidi awubufakazi bokukhokhwa kwemali ngamalungu. Aphinde abopha nabaqondisi balesi sitokofela esinamagatsha kulona lonke elakuleli,” kusho uNks uShandu. Lo Nobhala obehambisana noMnu uThokozani Gina noMnu uBafana Magubane uqhuba uthi, “Ibhangengodla lasitshela ukuthi lenza lokhu ngoba amalungu eSun Multi Serve ephule umthetho olawula amabhange (iBanks Act, 1990 (Act No.94 of 1990) ovimba izitokofela ukuthi zingaqoqi imali engaphezulu kwezi-R9,9 million”.

Uqhuba uthi ngasekupheleni kowe-1995 lolu daba balufaka eNkantolo Enkulu yakuleli eyabavuna. UNks uShange uthi iNkantolo Enkulu ngesikhathi ichitha iBhangengodla yathi bekumele lingavimbi ukusebenza kwe-akhawunti yeSun Multi Serve noma ukuthatha impahla yayo, kodwa bekumele lithumele abantu abazoyisiza ukuthi yenze lesi sitokofela ngendlela esemthethweni. Uveze ukuthi iNkantolo yabe isinqumela ugwayi katiki amalungu alesi sitokofela ukuthi aguqule indlela yokusebenza kwaso sibe yiDevelopment Trust siphinde sibhaliswe ngokusemthethweni ngaphansi kweNational Stockfel Association of South Africa (NASASA). UNks uShandu ube eseveza amaphepha awubufakazi bokuthi bawulandela umyalelo wenkantolo.

Uphinde wavezela iBAYEDE amaphepha ayeyalela iBhangengodla ukuthi likhokhele iSun Multi Serve imali eyizi-R150 million eyayithathwe kanye nefenisha. Udalule nokuthi isivumelwano sokukhokhwa kwale mali sasayindwa nguChriso Floris Wiese owayengurejistra weBhangengodla. Kube sekwenanela uMnu uGina othe phezu kokuba iMoseneke &Partners isiyibhalele iSun Multi Serve uMthethosisekelo omusha kodwa iBhangengodla laqhubeka nokugweva nemali yabo. “Sasethemba ukuthi iBhangengodla njengesikhungo sikaHulumeni sizowuhlonipha umyalelo wenkantolo. Lesi senzo sabo baningi abantu esibalimazile empilweni abebezama ukondla imindeni yabo. Futhi ngabe aboHlanga ababengamalungu alesi sitokofela bakude kakhulu nempilo. Okubuhlungu aboHlanga bajeziselwe into engekho bezizamela,” kusho uMnu uGina obephethe wonke amaphepha afakazela abakushoyo.

UMnu uMagubane naye uthe ngenxa yokunqaba kweBhangengodla ngowezi-2000 icala baliphindisela eNkantolo Enkulu nokwabadla enye imali enkulu. Uthi, “Nalapha iBhangengodla latshengisa ukungazisoli ngesikhathi lithi layikhokha yonke imali yethu njengokusho komyalelo wenkantolo. INkantolo yathi malikhiphe bonke ubufakazi babantu elithi labakhokhela kodwa lehluleka ukwenza lokho”. UNks uShandu uthi sebehambe baze bagugelwa izicathulo bengqongqoza eminyangweni eyehlukene becela usizo kodwa lutho ukuluthola. Uthi baze babhalela noMnyango Wezobulungiswa owawuphethwe nguNgqongqoshe uJeff Radebe, oWezezimali obuphethwe nguNgqongqoshe uPravin Gordhan, uNks uGill Marcus owayeNgamele iBhangengodla.

“NoMengameli uZuma uyalwazi lolu daba. Sihlangane naye kabili saze samnika namaphepha aqinisekisa esikushoyo. Ngenxa yokubona kucwebe iziziba siphindelile kuyena kepha saphoxeka uma simuzwa esethi simxolele ngoba unemizi eminingi, akasazi ukuthi sasihlanganyele kumuphi. Ngokunjalo neHhovisi likaNdunankulu ngesikhathi sikaDkt uZweli Mkhize liyalwazi lolu daba,” kusho uNks uShandu. Uqhuba uthi, “Ngisho neDemocratic Alliance (DA) sayibhalela. UNks uMarie Martine Heaney owayenguNobhala wale nhlangano esifundeni iZululand wasiphendula wathembisa ukulusukumela kodwa nakuye kwaba ngesifanayo”.

UNks uShandu uthi ukungalutholi usizo akubathenanga amandla njengoba begcine benikele naseHhovisi loMvikeli Womphakathi ngesikhathi lisaphethwe ngu-Advocate uThuli Madonsela. Uqhuba uthi, uMadonsela wabanika umphenyi onguMnu uMusa Mthembu ozinze ehhovisi eliseThekwini owadlala ngabo. “Waze wathi asiye ePitoli siyolanda umqingo omayelana necala kanye nobufakazi. Sabuya nakho konke kodwa nakuye kwacweba iziziba. Kwasicacela ukuthi akanandaba nalolu daba,” kubalisa uNks uShandu. UMnu uGina uthi babe sebecetshiswa nguMnu uDumsani Mthalane owayengaphansi kweSouth African National Civic Organisation (SANCO) ukuba bacele umhlangano noMvikeli Womphakathi owalalela udaba lwabo kodwa naye wabe esebedlulisela komunye umphenyi owaziwa ngoMnu uB. Ntombela owayezinze eNewcastle.

See Also

UNks uShandu uthi uMnu uNtombela wabatshela ukuthi ngesikhathi exhumana neBhangengodla limtshele ukuthi selayikhokha le mali yabo eyizigidi ezili-R150. Uthi lathi liyikhokhe kusukela mhla zili-13 kuNcwaba ngowe-1996, yingoMfumfu we-1997 nangoNhlolanja we-1999. UNks uShandu uthi iBhangengodla lisho lokhu kuMnu uNtombela, yena wathi uma elibhalela elibuza ukuthi layikhokha nini imali yabo lamphendula ngokuthi layikhokha ngowezi-2005. Le mpendulo yalo beyisho okwehlukile kwelikusho kuMnu uNtombela. “Ilapho-ke uMnu uNtombela owathi uyabona ukuthi iBhangengodla lidlala ngathi. Wathi uma liqinisile belingeke likhohlwe yizinsuku neminyaka elikhokhe ngayo,” kusho uNks uShandu. Uqhuba uthi baba neshwa njengoba kwathi uMnu uNtombela esalinde ubufakazi obutshengisa ukuthi obani elabakhokhela, futhi nini wagudluzwa ehhovisi wayiswa kwaSouth African Human Rights Commission.

Uthi baphinde babonana no-Advocate uMadonsela emhlanganweni owawuseSikhawini ngowezi-2012. Uthi nakhona waphinda wabanika umphenyi uMnu uNeo Motlawe abangazange bamthole nakanye njengoba wayengalubambi ucingo. UNks uShandu uthi babe sebenikwa umphenyi owaziwa njengoRuth Rugshane Mdlebeni. Uthi uyena owabaphatha kabi kakhulu njengoba wagcina esephendula amalungu eSun Multi Serve abasolwa esikhundleni seBhangengodla. “Ngemuva kokusipheka ngemibuzo wagcina esesijikela ethi asilethe ubufakazi obukhombisa ukuthi siyingxenye yamalungu esitokofela. Samlethela bonke ubufakazi beziliphu namasheke okwakumele sihole ngawo ngaphambi kokuthi kuvalwe amahhovisi,” kusho uNks Shandu.

Uqhuba uthi: “Kwaphela isikhathi silindile. Ngemuva kwesikhathi waqhamuka esethi iBhangengodla limile ukuthi lalandela isinqumo seNkantolo layikhokha imali eyizigidi ezili-R150. Lo mseshi waveza ukuthi iBhangengodla linesinye isinqumo senkantolo thina esingenaso. Wasithembisa ukusicelela lesi sinqumo, namanje sisasilindile.” UMnu uGina uthi okunye okubaxakayo ukuthi njengoba lomphenyi ebukeka esevumelana neBhangengodla akafuni ukubanika amagama abantu elithi labakhokhela. “Uma simbuza ukuthi walelani nalolu luhlu uthi lubucayi kabi ngoba luthinta amagama abantu abakhulu,” kubeka uMnu uGina oveze ukuthi uMdlebeni bambona ebavimba ukuba baxhumane noMvikeli Womphakathi omusha u-Advocate uBusisiwe Mkhwebana.

UNks uShandu uthi njengoba u-Advocate uMkhwebana athi uma engena wathembisa ukuqala ngezindaba ezashiywa u-Advocate uMadonsela engaziphothulanga banethemba lokuthi nabo uzobasiza. Uveze nokuthi begcina ukuthintwa uMdleleni ngomyalezo uthe uzoze abuye ngasekupheleni kwalo nyaka ehhovisi. Uthe udaba useludlulisele kumphenyi onguMnu u-Ohene Ampofo-Anti. Ukuqinisekisa ukuthi zonke izinhlangothi ziyathinteka, iBAYEDE ibe isithinta iHhovisi loMvikeli Womphakathi ukuthola ukuthi ngabe udaba seluhambe ibanga elingakanani. UMnu u-Ampofo-Anti oseHhovisi likaMkhwebane ukuqinisekisile ukuthi balutholile uhlu lwemibuzo. Ube esethembisa ukuthi uzolwedlulisela kubaphathi bakhe ukuba bahlinzeke ngezimpendulo.

Scroll To Top